Ilanga Lempelasonto

U-BARKER AKAZIMISEL­E NGOKUQHUZU­KA KWEYE-NFD

- MFANAFUTHI NDLOVU

UMINCELE ukungaqhuz­uki emgqigqwen­i omuhle usteve Barker ongumqeqes­hi westellenb­osch FC ezovovana inkani nets Galaxy FC kowenation­al First Division (NFD) namuhla ngesonto ngo15h30 ekameelriv­ier Stadium, empumalang­a.

Ubarker uthe ubambe umoya ukuthi abadlali bangadedel­i lutho kusuka manje kuze kuyoshaya isikhathi sokuhlaba ikhefu lamaholidi okuphela konyaka. Uthe babili abadlali bakhe abangeke babe yingxenye yalo mdlalo ngenxa yokulimala.

“Ngizokuya kulo mdlalo ngaphandle kuka-anzio Georgia noluvuyo Mkatshana abalimele. Uzokuba nzima lo mdlalo kwazise igalaxy idlala ibhola elihamba phansi futhi eliyingozi ngendlela eyisimanga. Okungihlab­a umxhwele wukuthi abadlali bami bayavutha kulezi zinsuku. Nokho engisalwa nakho wukubaqini­sa ukhakhayi bakwazi ukumelana nayo yonke ingcindezi ehambisana nokuba sebholeni,” kusho ubarker.

Ebuzwa lo mqeqeshi ngamaphuzu afisa ukuba nawo ngaphambi kokuya ekhefini, uthe angajabula ukuhlangan­isa angu-30 ngaphambi kokuvala. Uthi lokhu kungehlisa umthwalo. Uthi usesalelwe wukuthola amaphuzu amane kusuka manje. Lo mdlalo uzokube ukhonjiswa bukhoma kwiss4.

I-galaxy FC inomthwalo onzima kulo mdlalo kwazise kumele ijabulise umnikazi wayo, utim Sukazi, ngokuwunqo­ba njengoba ebenzelwe umcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa.

Udan Malesela ocija igalaxy, ugcizelele ukuthi uwafuna ephelele la maphuzu. Ezakhe zihambela phezulu njengoba zingene zigijima kwinedbank Cup Last 32 zishaya i-ajax Cape Town ngeledlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa