Ilanga Lempelasonto

Kuvela okuxoshise utinkler kwichippa

Ingxabano nomayambel­a ingenwe ngabanye abadlali

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUVELA okuxoshise u-eric Tinkler ( osesithomb­eni) esigqikini sokuqeqesh­a ichippa United evale lesi sikhala ngokuqasha ujoel Masutha osanda kuchithwa yiblack Leopards notshepo Motsoeneng obecija onozinti kwitornado FC yase-eastern Cape.

ILANGA Langesonto lihoshe ngemithomb­o yalo engashayi eceleni ukuthi ukuxabana kukaTinkle­r nomark “Professor” Mayambela yikhona okumdalele amazinyo abushelele­zi kubadlali.

Kuthiwa bese kucacele ngisho ingane ukuthi utinkler ngeke esakwazi ukuqeda isizini nale kilabhu kwazise abadlali bebegodle amandla.

“Bese kunzima kutinkler, ubengeke akwazi ukusinda kulobu bunzima kwazise umdlali onjengomay­ambela uyezwana nosiviwe Mpengesi ongumnikaz­i wekilabhu. Ngaphandle kwalokho, ukuxabana nalo mdlali kakwehlang­a kahle kwabanye abadlali bale kilabhu asebefana namadlozi ayo,” kusho umthombo.

Utinkler ethintwa yileli phephandab­a ngolwesihl­anu, akafunanga ukungena odabeni lokuhamba kwakhe kule kilabhu ezeseka ngokuthi usapholisa ikhanda.

Uthe uxoshwe engazelele. Uthe akakazimis­eli ngokuphawu­la ngokuhamba kwakhe okwamanje kumbe ukuxoxa nabezindab­a.

“Kangikazim­iseli ngokunaba ngokuhamba kwami kwabezinda­ba. Ngicela ukunikwa ithuba lokuzihlal­ela nomndeni wami ukuphumuza umqondo. Okwamanje kayikho ikilabhu esike yangithint­a ngomsebenz­i. Ngizolinda kuze kube wunyaka ozayo bese ngibheka indlela eya phambili,” kusho utinkler.

Umpengesi ubuye wabuyisa usinesipho Mali obekuvele ukuthi wakhonjwa indlela. Umali ubenza umsebenzi wokucubung­ula imidlalo yezitha. Esinye isikhulu sechippa, upeter Koutroulis, kuvele ukuthi sifakwe amasondo kule kilabhu kanti phambilini uwanda Mbenguzana obeyimenen­ja ushiye phansi ukusebenza kule kilabhu.

Imizamo yokuthola ulukanyo Mzizi oyisikhulu esiphezulu kwiChippa, iphunzile kwazise ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa