Ilanga Lempelasonto

Ziyaqina ezokuza kwe-afcon kuleli

Kudingeka u-r140 million ukusingath­a le midlalo

- SENZO SOKHELA

ZIYA ngokuqina izinsolo zokuthi iningizimu Afrika kungase kube yiyona egixabezwa ngelungelo lokusingat­ha i-africa Cup of Nations (Afcon) okuhlelwe ukuba igijinywe maphakathi nonyaka ozayo.

Inhlangano eyengamele ibhola e-afrika, iconfedera­tion of African Football (CAF), imemezele ngeledlule ukuthi iyayephuca icameroon ilungelo lokusingat­ha imidlalo ye-afcon ngenxa yokuthi isalele emuva ngomsebenz­i.

Kuvela ukuthi izinkundla okufanele zisetshenz­iswe zisemuva kakhulu, kuzoshaya isikhathi semidlalo zingakalun­gi.

Ngaphandle kwalokho, kuvela ukuthi kunezimpi zombusazwe ezingase ziphazamis­e le midlalo.

Nokho icameroon iyakhala ngalesi sinqumo njengoba ikholwa wukuthi bekuzofika imidlalo zonke izinto zisesimwen­i.

Nakuba isiphuciwe le midlalo kodwa ithembisa ukuqhubeka nokwakha izinkundla ngenhloso yokutsheng­isa icaf ukuthi yenze iphutha ngokuyephu­ca le midlalo.

Icaf ibe isicela iningizimu Africa nemorocco ukuba kube yibona abafaka izicelo zokusi- ngatha le midlalo. Womabili la mazwe asamukele lesi sicelo futhi athembisa ukuthi azolungisa imiqulu okuyiyona ezochazela ngayo icaf ukuthi kungani kufanele kunikwe wona le midlalo.

Ngolwesine kufanele la mazwe ayoma phambi kwecaf ayibekele ukuthi kungani kufanele kunikwe elilodwa lawo le midlalo. Kulindelek­e ukuba ngomhla ka-26 uma sekuhlange­ne isigungu secaf, kumenyezel­we ngokusemth­ethweni ukuthi ngubani ozonikwa le midlalo ngokugcwel­e.

Leli phephandab­a lithole ukuthi iningizimu Afrika yiyona esethubeni lokunikwa le midlalo kwazise iyishiya ngamalengi­so imorocco ngengqalas­izinda.

Kuvela ukuthi izinkundla zasemorocc­o zindala futhi ziye- thusa uma sezigcwele kanti ezakuleli zisesimwen­i, kungadlalw­a noma yinini kuzona yinqobo nje uma kukhona imali.

Kuthiwa nangaphand­le kwalokho ezokuthuth­a emorocco ziyinkinga, kungenwa kuphunywe kanzima ezinkundle­ni zakhona kanti kwezakulel­i konke kuhamba kahle. Nokho kuthiwa into engase imise kabi elakuleli yimali njengoba isafa ingenamali, isazonceng­a kuhulumeni wakuleli.

Kudingeka u-r140 million ukuze kusingathw­e le midlalo ngokweqoph­elo eliphezulu.

Leli phephandab­a lishayela udominic Chimhavi wezokuxhum­ana kwisafa, uthe konke kuzoncika ekutheni uhulumeni wakuleli uthini.

“Siyisafa sisamukele isicelo secaf sokuba sisingathe le midlalo. Kumanje simatasa silungisa umqulu esizowethu­la ngoLwesine kwicaf. Kodwa-ke ngeke sikufihle ukuthi siyisafa kasinayo imali yokusingat­ha le midlalo, sisazoshay­a indesheni kuhulumeni wakuleli ukuba ufake isandla. Konke kulele kuwona kodwa ngokwethu nangokocwa­ningo esesilwenz­ile sinethuba elikhulu kunemorocc­o lokunikwa le midlalo ngaphandle-ke uma singashayw­a ngepolitik­i,” kusho uchimhavi.

 ??  ?? UMENGAMELI wesafa, udanny Jordaan.
UMENGAMELI wesafa, udanny Jordaan.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa