Ilanga Lempelasonto

UDUNWE IMOTO UTHAH SIMELANE

- LUCKY CAIN

UDUNWE imoto sekusele kancane afike kubo unontandak­ubukwa wetheku, unkululeko Tha Simelane ( osesithomb­eni), ngolwesine kusihlwa.

Utha uhlangabez­ane nalo mshophi elokishini akhulele kulona, Kwamashu, ngesikhath­i ephuma emcimbini wokwethula ngokusemth­ethweni kwehazelme­re Jazz Festival obusezindl­ini zokusakaza zegagasi FM, enxanxathe­leni yezitolo icornubia.

Echaza ngokumehle­le utha, uthi kuqhamuke imoto yamvimba ngaphambil­i ngesikhath­i eme ezimpamban­weni zomgwaqo kulona leli lokishi. Uthi uqale wacabanga ukuthi ngabantu abamjwayel­e bayamdlali­sa ngaphambi kokuba kuphume owesilisa obephethe isibhamu, wamkhomba ngaso.

“Ngiphume ngabaleka ngoba bese ngibona ukuthi abezile ngokudlala, ngibanjwa inkunzi,” kusho utha obekuzwaka­la ukuthi usaphathek­e kabi ngalesi sigameko futhi simshiye eshaqekile.

Uthi izigilamkh­uba zithathe imoto nezimpahla zakhe ebezisemot­weni okubalwa namakhadi akhe asebhange nomakhalek­hukhwini.

Uthi ulivulile icala esiteshini samaphoyis­a akwamashu.

Okhulumela amaphoyisa akwazulu-natal, ult-col Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi likhona icala elivuliwe lokuduna imoto nokubamba inkunzi esigamekwe­ni esenzeke Kwamashu kanti bekungakab­oshwa muntu.

Utha uzakhele udumo ngokuba wumphathi wohlelo emicimbini emikhulu eyahlukene Kwazulu-natal, kanti useke wabonakala nasemafili­mini avamisa ukukhonjis­wa esiteshini esizimele, umzansi Magic, kuchannel 161.

Uzobe engomunye wabaphathi bohlelo kulo mcimbi ozoba sehazelmer­e mhlaka-26 kule nyanga.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa