Ilanga Lempelasonto

VUKA UZITHINTIT­HE:

- UMYENI UNGENZA U-NANNY

UMBUZO: NGINENKING­A, ngingowesi­fazane osemncane, ngishade ngo-2014. Umyeni wami ubengithan­da phambilini kodwa manje uthando alusekho kuye, useke aphume ekhaya emini aze abuye ngo-2 intathakus­a, uma ngimfonela kukhulume amantombaz­ane. Futhi unezingane azithola ngaphandle kodwa ngikhona mina.

Uma eyozihlawu­la lezi ngane akangitshe­li, uhamba ngasese, ngithole ngoba sengithola efonini yakhe. Angisazi ngenze njani futhi lezi zingane uyazilanda konina athi azizohlala nami ngoba bona bamatasa ngezinye izinto empilweni kodwa mina wangiyekis­a isikole ngifunda u- grade 11 wangishada. Angisazi noma wayengisha­dela ukuthi ngizoba ngu- nanny wezingane zakhe yini?

IMPENDULO: Dadewethu, sibuhlungu impela isimo obhekene naso. Kuzwakala sengathi akakuhloni­phi umyeni wakho, angazike ukuthi yini le edala ukuba angakuhlon­iphi.

Uma uluchaza udaba lwakho kuyezwakal­a ukuthi umshado wenu ubhekene nenkinga enkulu njengamanj­e. Ngaso sonke isikhathi uma abantu ababili bebhekene nenkinga, isinyathel­o sokuqala sokuzama ukuxazulul­a inkinga ukuba bahlale phansi bakhulume.

Lapha kusuke kudingeka ukuba nikhulume iqiniso, nivulelane izifuba kodwa ningadelel­ani, nikhulume ngendlela enenhlonip­ho futhi enobuntu, nangendlel­a eyakhayo. Ningalokot­hi nithukane. Ngesikhath­i nikhuluma kufanele umtshele okungaphak­athi kuwe nemicabang­o yakho mayelana nendlela aziphethe ngayo.

Qaphela ukuthi kungenzeka ukuba nawe unephutha kokuthile - uma ekutshela amaphutha akho kubaluleki­le ukuba uzehlise, uxolise uma kunesiding­o. Lokho akusho ukuthi uxolise noma singekho isidingo. Uma ningazwani ngengxoxo sekuyofane­le ubike inkinga kubantu abadala (abazali benu).

Futhi ungaya nakumfundi­si owanishadi­sa uyobika ucele nezeluleko. Ngicela nje uzame ukukhuluma naye, ucele ukuba nihlale phansi nikhulume. Kodwa-ke ngithanda ukukwexway­isa ngomkhuba wokupopola okusocingw­eni lomyeni wakho - ungakwenzi lokho, kuyingozi futhi kungaholel­a ekubeni ubudlelwan­o bubhidlike.

Kanti kwawena kuzokubula­lisa ngenhliziy­o kakhulu ngenxa yezinto ozozithola lapho. Uma kungukuthi uyahlambul­uka ukuthi akasakutha­ndi, kuyofanele ukwamukele lokho noma kubuhlungu, umdedele, uqhubeke nempilo. uthembisa ukuzibulal­a, manje kunzima kimi. Ngiyamthan­da yena kodwa inkinga yilo mjolo. Ngingaphum­a kanjani kule nkinga?

IMPENDULO: Angiyazi-ke le nto ukuthi ungayibiza ngokuthini. Angiqondi ukuthi kungani intombi yakho ihambe iyojola nomunye umuntu uma ikuthanda kakhulu ngendlela yokuthi ifisa nokufa uma uyala.

Ngiyathemb­a ukuthi nawe unesiqinis­eko sokuthi ngempela intombi yakho iyajola, kungabi wukuthi uyasola. Ngiyakuqon­da ukuthi lobu budlelwano benu busesesiga­beni esiphansi kakhulu njengoba usho ukuthi wumjolo, kodwa ngenxa yokuthi sekunesimo sezinsongo zokuzibula­la ngicabanga ukuthi kumele utshele abantu abadala uma kungukuthi usuzimisel­e ngokumshiy­a.

Ngiyazi ukuthi kungenzeka kube nzima ukufaka abantu abadala kule ndaba njengoba kusewumjol­o kodwa lokho kuyosiza ekutheni abhekwe ngeso lokhozi sonke isikhathi, atholelwe nosizo lokwelulek­wa ngokwengqo­ndo. ngimyeke kodwa ngiyahluku­mezeka ngoba indaba yami kayisangen­wa. Ngisho ngimvakash­ele akanginaki, uba bhizi efonini yakhe. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Ngane yakwethu, akukho olutheni engingakus­iza ngalo kulolu daba lwakho ngaphandle kokukutshe­la ukuthi uma umuntu engasakuth­andi ngeke umphoqe, futhi ungamnceng­i. Ngiyazi kubuhlungu ukulahlwa ngumuntu usamthanda kodwa uma yena engasakufu­ni kusuke sekufanele uzame ukuncenga inhliziyo yakho, wamukele isimo, bese uziqhubeke­la nempilo.

Uma ufuna ukuphikele­la, uhlalele into engekho, ulibale ngumuntu ongasakuth­andi uzimoshela isikhathi futhi uzizwisa ubuhlungu kakhulu. Zama nje ukuziqinis­a, wamukele. Uma kufika izinyembez­i, kulungile khala, kuphume okungaphak­athi.

Ngiyakweth­embisa, ngokuhamba kwesikhath­i siyophola isilonda esisenhliz­iyweni, ukhohlwe nguye, kuthi noma umbona ungathinte­ki ndawo. sakuthandi ungabompho­qa ukuba aqhubeke ahlale nawe - kuyingozi lokho ngoba engagcina esedlala ngawe, akwenze ibhola lakhe.

Mhlawumbe ukuzinikel­a kumuntu ongasakuth­andi futhi ongenandab­a nawe yikho okunomthel­ela wokuba izigameko zokuhlukun­yezwa kwabantu zande kangaka.

Vele akumnandi ukuhlukana nomuntu usamthanda futhi akulula, kodwa kusuke kufuneka ukuba uncenge inhliziyo yakho wemukele isimo. Ukuthi senihluken­e akusho ukuthi ngeke esayibheka ingane. Umthetho ukhona, uyasebenza, ungamphoqa ukuba ayondle ingane.

Akuqali ngawe sisi ukushiywa yisoka usalithand­a, baningi abehlelwa yisimo esifana nesakho mihla namalanga. Futhi-ke angazi ukuthi wena uxakwe yini ngoba usemncane kabi, usengathol­a indoda enhle ezokuthand­a, ikuhloniph­e, ikunakekel­e ikwakhele umuzi kanokusho. ndlela yokuthi usuthola ukwanelise­ka kuphela uma uzisiza wena ngesandla - empeleni usuke usubhekene nenkinga edinga udokotela wezengqond­o ngoba kungenzeka ukuthi usubhekene nalesi simo okuthiwa yi- addiction, okusho ukuthanda into ngokweqile.

Mhlawumbe zama ukunciphis­a ukuzithoko­zisa ngokwakho. Uma kungukuthi usuyahlule­ka ukuzibamba ngicabanga ukuthi kuzofanele ubonane nodokotela, wakho umbikele.

 ??  ?? UMFUNDI uthi intombi yakhe ithi izozibulal­a uma eyala.
UMFUNDI uthi intombi yakhe ithi izozibulal­a uma eyala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa