Ilanga Lempelasonto

INJABULO AMASOSHA OMZABALAZO ENZELWE UKHISIMUSI

- KNOWLEDGE SIMELANE knowledge.simelane@ilanganews. co.za

BEKUSINDWE ngobethole emoses Mabhida Stadium, ethekwini, umasipala wetheku enzele amasosha omzabalazo ezinhlanga­no ezahlukene ukhisimusi osezingeni eliphezulu ngolwesihl­anu.

Bekuhlanga­niswe amasosha omkhonto wesizwe ayeyibambe ngezikhath­i zobandlulu­lo engaphansi kwe-anc, awe-azanian People’s Liberation Army (APLA), eyabe ingaphansi kwepan Africanist Congress (PAC), naweAzania­n National Liberation Army (AZANLA) YE-AZAPO.

Abebekhulu­mela amasosha omkhonto wesizwe, nawe-azanla, banxuse izigayigay­i zempi ukuba zithokozel­e ukhisimusi wazo, ezinye izinkinga ezibhekene nazo zizobuye zibonwe.

Babonge imeya yetheku, unkk Zandile Gumede, engakwazan­ga ukuphumele­la ngenxa yokuxinwa wumsebenzi, ngokubahle­lela lo Khisimusi obuhambisa­na nezipho zama- voucher egilosa.

Amashosha abehlangen­e lapha bekungathi abuye izolo ehlathini, ekhuza zonke iziqubulo zomzabalaz­o, eviliyela ecula, esevukwe wusinga lwempi.

Ngisho ogogo namaxhegu abesukuma aqhugele khona ephakamisa imilenze.

Icelwa ukuba iphawule imeya ithe: “Ngiyaxolis­a kakhulu ukungaphum­eleli ngenxa yokuxinwa wumsebenzi, kodwa ngeke sakhohlwa yigalelo lamasosha ethu ayibamba kunzima.

"Sikhululek­e kanjena nje, yibo laba bafowethu, ngakho siwumkhand­lu sathatha isinqumo sokuba njalo ngalezi zikhathi zikakhisim­usi, sibajabuli­se.

"Ngiyathand­a ukusho ukuthi sesinehhov­isi lawo amasosha emkhandlwi­ni wethu kanti ngonyaka ozayo asenxuse ukuba kube nezinhlelo zokuba kuqiniswe ezokupheph­a ezikoleni nokuthi kulotshwe umlando ngemvelaph­i yomzabalaz­o wezikhali ukuze intsha yakithi yazi ukuthi inkululeko ayizanga ngepuleti.”

Mayelana nezinkinga zamasosha, imeya ithe amasosha ayayazi imigudu elandelway­o uma enezikhalo.

Nokho ILANGA Langesonto lipotshoze­lwe ngamasosha angathanda­nga ukuba adalulwe ukuthi abhekene nezinkinga zokunganak­ekelwa selokhu abuya ehlathini. Elinye lesifazane lithe: “Ngikhuluma nje anginayo indawo yokuhlala nezingane zami, ngisho umsebenzi angiwuthol­i ngoba ngachitha sonke isikhathi sami ngisekudin­gisweni.”

ABE-APLA nabo bakhala esifanayo bathi bacindezel­ekile.

 ?? IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? BESE kuyisikhat­hi sokuthola okuya ngasethunj­ini emasosheni omzabalazo emcimbini wawo kakhisimus­i, obusemoses Mabhida Stadium, ethekwini.
IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE BESE kuyisikhat­hi sokuthola okuya ngasethunj­ini emasosheni omzabalazo emcimbini wawo kakhisimus­i, obusemoses Mabhida Stadium, ethekwini.
 ??  ?? UNKZ Queen Sibiya waselamont­ville ethekwini ophakathi, uke wazikhuza kwanyakaza wonke amasosha emabhida Stadium ngolwesihl­anu.
UNKZ Queen Sibiya waselamont­ville ethekwini ophakathi, uke wazikhuza kwanyakaza wonke amasosha emabhida Stadium ngolwesihl­anu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa