Ilanga Lempelasonto

Uphelile ngempela unyaka nezimanga

- ZOWAKHA MBATHA

UBE yisinqumo esihle okwenziwe yimisakazo eminingi kokunxusa abalaleli ukuba babambe iqhaza ekukhethen­i izingoma ezidle ubhedu nonyaka. Lokhu kuzoholela ekukhethwe­ni kwengoma ehambe phambili nokuyiyo ezohlukani­sa unyaka.

Sikuphawul­ile kuyo le ngosi emasontwen­i ambalwa edlule ukuthi abalaleli babe neqhaza ekukhethwe­ni kwengoma ezohlukani­sa unyaka ngoba yikho okubonakal­a kuzoba yisixazulu­lo embangweni wengoma yonyaka.

Kuke kwanokudid­eka phambilini ukuthi ngempela ingoma ehlukanisa unyaka ikhethwa kanjani. Kukhona nombono oke wabhalwa ngudj Wonder kufacebook ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule.

Kulowo mbono uthe kuzomele ibuyekezwe le ndaba ngoba kakucaci kahle ukuthi uma kukhethwa leyo edle ubhedu onyakeni, kusuke kukhulunyw­a ngengoma edume manje ngesikhath­i samaholide noma ingoma egqame kakhulu nje onyakeni uwonke.

Okunye okungigqam­elile nonyaka wukushints­hwa kwabasakaz­i, babanjiswa izinhlelo abangazijw­ayele.

Angazi-ke noma kuwumbono omuhle yini lokhu ngoba omunye angathi lesi sikhathi ngesokuday­isa kahle izinhlelo nakulabo abangajway­ele ukuzilalel­a.

Eminye imisakazo ibinike nabangasay­isebenzeli ithuba ngalesi sikhathi samaholide nokuyinto engajwayel­ekile.

Silindile-ke njengoba kuqala unyaka ngolwesibi­li ukuthi yikuphi okusha esizokuzwa ikakhuluka­zi ngo

April uma sekuba nezinguquk­o ezinhlelwe­ni zemisakazo.

Khumbula phela ukuthi nonyaka ISABC kulindelek­e ukuba yenze izimanga njengoba kuvele ukuthi inezinhlel­o zokudiliza izisebenzi, okuyinto engeyinhle neze.

*Siyabonga kubo bonke abafundi bephephand­aba abasesekil­e kule ngosi kulo nyaka esiwupheth­ayo. Sinifisela ukuba ningene kahle nonke onyakeni omusha niphephile. Isamukelek­ile imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali.

Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha E-mail: zowakha@ ilanganews. co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa