Uphelile ngempela unyaka nezimanga
UBE yisinqumo esihle okwenziwe yimisakazo eminingi kokunxusa abalaleli ukuba babambe iqhaza ekukhetheni izingoma ezidle ubhedu nonyaka. Lokhu kuzoholela ekukhethweni kwengoma ehambe phambili nokuyiyo ezohlukanisa unyaka.
Sikuphawulile kuyo le ngosi emasontweni ambalwa edlule ukuthi abalaleli babe neqhaza ekukhethweni kwengoma ezohlukanisa unyaka ngoba yikho okubonakala kuzoba yisixazululo embangweni wengoma yonyaka.
Kuke kwanokudideka phambilini ukuthi ngempela ingoma ehlukanisa unyaka ikhethwa kanjani. Kukhona nombono oke wabhalwa ngudj Wonder kufacebook ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.
Kulowo mbono uthe kuzomele ibuyekezwe le ndaba ngoba kakucaci kahle ukuthi uma kukhethwa leyo edle ubhedu onyakeni, kusuke kukhulunywa ngengoma edume manje ngesikhathi samaholide noma ingoma egqame kakhulu nje onyakeni uwonke.
Okunye okungigqamelile nonyaka wukushintshwa kwabasakazi, babanjiswa izinhlelo abangazijwayele.
Angazi-ke noma kuwumbono omuhle yini lokhu ngoba omunye angathi lesi sikhathi ngesokudayisa kahle izinhlelo nakulabo abangajwayele ukuzilalela.
Eminye imisakazo ibinike nabangasayisebenzeli ithuba ngalesi sikhathi samaholide nokuyinto engajwayelekile.
Silindile-ke njengoba kuqala unyaka ngolwesibili ukuthi yikuphi okusha esizokuzwa ikakhulukazi ngo
April uma sekuba nezinguquko ezinhlelweni zemisakazo.
Khumbula phela ukuthi nonyaka ISABC kulindeleke ukuba yenze izimanga njengoba kuvele ukuthi inezinhlelo zokudiliza izisebenzi, okuyinto engeyinhle neze.
*Siyabonga kubo bonke abafundi bephephandaba abasesekile kule ngosi kulo nyaka esiwuphethayo. Sinifisela ukuba ningene kahle nonke onyakeni omusha niphephile. Isamukelekile imibono ngakho konke okuthinta ezemisakazo kule email engezansi nasezinkundleni zokuxhumana okutholakala kuzo umbhali.
Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha E-mail: zowakha@ ilanganews. co.za