Ilanga Lempelasonto

ZITHINI NGALESI SIGWILI ESINCANE

-

KODWA singawuval­a kanjani lo nyaka singakhulu­manga ngengane yeziqumama zakwampisa­ne u-andile Mpisane. Ayi bandla mfana wami lo nyaka bekungowak­ho futhi nemali ngiyabona ukuthi ithi tata lapha kuwe.

Kodwa ngisadidek­ile ukuthi umthetho wakho yini ozimisele ngokuyenza ugxile kuyo. Ngikubona ungena- focus. Ngelinye ilanga ubonakala udlala ibhola eqenjini lakini iroyal Eagles, kuthi kusenjalo ubonakale usuvumbuka e- stage usudansela ubabes Wodumo.

Lokhu kuphithize­la kwakho kuyamdida umzala ukuthi kanti zithini ngalesi sigwili esincane. Kodwa-ke into omuhle ngayo ukuthi awuphakeme kodwa uzithandel­a izinto nje kanti ngenhlanhl­a ekhaya kini ikhona imali yokukufaka ezintweni.

Ngiyakugco­ba, u-2018 bekungowak­ho, ngikunika isicoco sokuba ngusphithi­phithi of the Year. WAZE wangixaka UDJ Mngadi woKhozi FM - kuyangiman­gaza ukuthi useqasha abadansi ekubeni naye esadinga ukuqashwa.

Ngempela ngempela ungenelwe yini Mngadi? Kuyangicac­ela ukuthi umfazi awunaye ngoba ukuba ukhona ngabe akayivumi le nto yakho yokuhamba nosakabhud­u award lwamantomb­azane owabiza ngabadansi ungazi ukuthi uwayisaphi.

Okubuhlung­u-ke ukuthi lezi zingane ontunta nazo ekugcineni zizodinga imali yokuhola, asazi-ke ukuthi uzokwenzen­jani. Ngicela ungangifon­eli nje ucela ngikubolek­e imali please. HHAY’ hhay’ hhay’, sengithule kwanela-ke manje, ngikhathel­e. Kunalo dade odlala kwisibaya, unomzamo Mbatha, onguthande­ka kulo mdlalo.

Kunento alokhu eyiphinda nje ewumbhedo.

Sengimuzwe kaningana ephambanis­a isaga esithi ‘kukhona okushaya amanzi’. Yena uvele athi “kukhona okungashay­i amanzi”, angazi-ke ukuthi abamkhuzi ngani abasondele­ne naye.

Ngangithi unina unguthisha nje, manje uthule uthini uma ingane isibhedela bakwethu. Funda girl, ulungise amaphutha akho.

Ngiyakthan­da kodwa neh, phela umuhle.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa