Ilanga Lempelasonto

Ukuzithand­a nokuzinake­kela ngokwawo wonke umuntu

- EZESIMANJE AYANDA BUTHELEZI

Uthi ngesikhath­i esakhula bekuthi ontanga uma bematasa bekhenikha izimoto, yena ubedabula amabhulukw­e akhe awenze ngendlela ezomenelis­a kangangoba wayehlale exabana nonina, emthethise­la ukuthi umosha izingubo.

“Bengikhonz­e nokubuka izinhlelo zetv ezigxile kwimfashin­i. Ngesikhath­i ngiphothul­a u- matric bese ngicacelwe bha ukuthi ngifuna ukwenzani, kodwa ngaleso sikhathi lo mkhakha ububukelek­a phansi, kwaziwa ukuthi uma ungumthung­i uthunga amaphinifa,” kuchaza yena.

Ngenxa yempokophe­lo nothando lwalo mkhakha, ufunde ngasese elinea Academy of Fashion lapho azidlela khona amahlanga ezifundwen­i, wathola nethuba lokusebenz­a nezinkampa­ni ezinkulu kulo mkhakha okubalwa kuzona ihilton Weiner, lapho ayesebenza njenge- stylist ngaphambi kokuba yi- visual merchandis­er.

Kungakaphe­li nesikhathi esingakana­ni usebenze njengebran­d manager esitolo esikhiqiza amasudi asemgangat­hweni, ic Squared, asincoma kakhulu ngokutshal­a kuyena imbewu yothando lwamasudi.

USEGQOKISA NOSAZIWAYO

“Ngiqale ukugqoka amasudi agqamile engakabi sesitayele­ni, ngaba ngowokuqal­a ethekwini ukuba nawo ngaphambi kokuba asabalale abe yitrend.

“Lokhu kungivulel­e amathuba okugqokisa osaziwayo okubalwa kubo abadlali berugby usbura Sithole no-odwa, umculi uzakes Bantwini nabanye,” kusho yena. Ugqugquzel­e nabanye ikakhuluka­zi abesilisa ukuba bazithande futhi bayinake indlela abagqoka ngayo. Uthi ukuzithand­a akungalind­eleki kwabesifaz­ane kuphela, kodwa akube yinto yawo wonke umuntu.

Uma echaza ngesitayel­a sakhe uthi uhlale e" suited up.” “Angikwenqe­ni ukuba formal kangangoku­ba uthayi ngiwukhumu­la sengilala. Uma ngiziphumu­lele ngigqoka izikhindi nama- golf shirt ngiwashuth­eke ngaphakath­i nophaca begama,” kusho upercy. Ngokomsebe­nzi wakhe kwidurban Fashion Fair, uthi kuningi azigqaja ngakho akufezile kulo nyaka.

UCIJA ABASIKI BENGQEPHU BASEMALOKI­SHINI

Upercy ucija abasiki bengqephu basemaloki­shini ngolwazi lwezemfash­ini nokusabala­la kwalo mkhakha. Uma ekhuluma ngamaphuph­o akhe ka-2019, akubeke eqhulwini ngukwethul­a ilebuli imarc Percy, ezogxila kakhulu ezimpahlen­i zokugqoka zabesifaza­ne. “Nginesifis­o sokuba yethulwe ngokusemth­ethweni phakathi nonyaka,” ephetha.

INDLELA AZINAKEKEL­A NGAYO

Ngiyakutha­nda ukunuka kamnandi. Kumele kuzwakale ngephunga ukuthi sekungene umuntu wesilisa ozaziyo ukuthi ungubani. Iphunga linendima enkulu eliyidlala­yo endleleni owamukelek­a ngayo.

Ngihlala ngigundile ekhanda ukuze kuheleze umoya. Ikhanda eligundiwe likwenza ubukeke uyinono.

Abangaziyo bayazi ukuthi ungangithi­nta noma yikuphi lapho othanda khona, kodwa hhayi ubuso bami. Okwamanje abukho bushelelez­i ngale ndlela engiyifisa­yo.

OKUKWI-MAN BAG YAKHE

"Angihlukan­i nepeni, i-ipad ne- diary.

"Okunye ozokuthola uma uvula isikhwama sami yi- cologne njengoba bengishilo ukuthi ngiya- kuthanda ukunuka kamnandi.

"Ngihlale ngiphethe amawashi amabili esikhwamen­i sami ukuze uma kwenzeka lifa elinye ngisebenzi­se elinye.

Iwashi kimina alisiyona i- accessory nje, kodwa liyingxeny­e yokubukeka kwami.

Ngeke ungibone ngihlobe ngewashi elingasebe­nzi, yingakho kuhlale kunelicuph­ile ngoba ngiyawatha­nda kakhulu. ayandab@ilanganews.co.za

 ??  ?? AKUBUZWA ukuthi yinsizwa ephethe isitayela upercy.
AKUBUZWA ukuthi yinsizwa ephethe isitayela upercy.
 ??  ??
 ??  ?? UPERCY akakwenqen­i ukugqoka amasudi emibala egqamile.
UPERCY akakwenqen­i ukugqoka amasudi emibala egqamile.
 ??  ?? KUYENA ukugqoka iwashi kuyingxeny­e yokubukeka kahle.
KUYENA ukugqoka iwashi kuyingxeny­e yokubukeka kahle.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa