LAZE LWABENZA UBUHLATHI UKHOZI FM
MHLELI, kwelakho ngicela ukudlulisa ukudumala kwami ngento eyenziwe ukhozi FM. Lo msakazo usuphenduke ihlathi, izinto sebevele bezithathele phezulu nje.
Kungani bekhethe ukuqoka ingoma kamzukulu kwitop 10 yezingoma ezizohlukanisa unyaka bengalwenzile uphenyo ngayo njengoba sebesibamba inkunzi emini kwabha?
Phela bese sikhiphe izimali sivotela ingoma kamzukulu.
Owami umbuzo uthi njengoba amabhinca ekhala ezinkundleni zokuxhumana ngemali yawo ngabe ukhozi FM luzosibuyisela yini imali yethu esivote ngayo. Ave unebhadi kodwa umaskandi, nokungebani kuyazisikela nje lapha kumaskandi.
Bona ngabe bayasho ukuthi bafuna unyaka uhlukaniswe igqomu nje ngoba bazi kahle ukuthi umzukulu ubezowuhlukanisa - babonile nabo ukuthi ubezihambela yedwa ngamavoti, phela amabhinca akubangwa nawo makuziwa ngasekuvoteni.
Ngibona ukhozi FM luphethwe ngamahlathi, kanjalo nalo seluyihlathi. Bekufanele ngaphambi kokumemezela itop 10 luqale lwenze uphenyo.
Siyamkhumbula ubhodloza Nzimande, kusaphethe yena kwakungenjena Okhozini.
Nxese Mzukulu mfana omdala, qina ndoda sesajwayela thina, kudala sixhashazwa emculweni kamaskandi, sikhankasa sivota kujike kwenziwe kanje. Bengingazitsheli ukuthi le nto ingenzeka Okhozini kwazise bengiluhlonipha.
Sengiqala ukulubona lunepolitiki. Mina angisophinde ngivote kule nto yokhozi FM.
Thanda Mnikaziwempuphu Chonco EMPANGENI