Ilanga Lempelasonto

LAZE LWABENZA UBUHLATHI UKHOZI FM

-

MHLELI, kwelakho ngicela ukudlulisa ukudumala kwami ngento eyenziwe ukhozi FM. Lo msakazo usuphenduk­e ihlathi, izinto sebevele bezithathe­le phezulu nje.

Kungani bekhethe ukuqoka ingoma kamzukulu kwitop 10 yezingoma ezizohluka­nisa unyaka bengalwenz­ile uphenyo ngayo njengoba sebesibamb­a inkunzi emini kwabha?

Phela bese sikhiphe izimali sivotela ingoma kamzukulu.

Owami umbuzo uthi njengoba amabhinca ekhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngemali yawo ngabe ukhozi FM luzosibuyi­sela yini imali yethu esivote ngayo. Ave unebhadi kodwa umaskandi, nokungeban­i kuyazisike­la nje lapha kumaskandi.

Bona ngabe bayasho ukuthi bafuna unyaka uhlukanisw­e igqomu nje ngoba bazi kahle ukuthi umzukulu ubezowuhlu­kanisa - babonile nabo ukuthi ubezihambe­la yedwa ngamavoti, phela amabhinca akubangwa nawo makuziwa ngasekuvot­eni.

Ngibona ukhozi FM luphethwe ngamahlath­i, kanjalo nalo seluyihlat­hi. Bekufanele ngaphambi kokumemeze­la itop 10 luqale lwenze uphenyo.

Siyamkhumb­ula ubhodloza Nzimande, kusaphethe yena kwakungenj­ena Okhozini.

Nxese Mzukulu mfana omdala, qina ndoda sesajwayel­a thina, kudala sixhashazw­a emculweni kamaskandi, sikhankasa sivota kujike kwenziwe kanje. Bengingazi­tsheli ukuthi le nto ingenzeka Okhozini kwazise bengiluhlo­nipha.

Sengiqala ukulubona lunepoliti­ki. Mina angisophin­de ngivote kule nto yokhozi FM.

Thanda Mnikaziwem­puphu Chonco EMPANGENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa