Ilanga Lempelasonto

UMLANDO UZOTHINI NGO-2018?

-

KUNESISHO sesizulu esithi kalishoni lingenazin­daba zalo, kanjalo nonyaka kawupheli ungenazo izigameko zawo. Kuningi okwenzekil­e ku-2018, okuhle nokubi kepha okubalulek­ile njengoba sesiwuphet­ha lo nyaka, wukubheka unyaka esiya kuwo okungu-2019 ukuthi usiphathel­eni.

Uma uphela unyaka kubaluleki­le ukubuyekez­a ukuthi uqhuzuke kuphi bese ubheka ukuthi ungawalung­isa kanjani amaphutha nokuthi uzigwema kanjani izikhisi ophonseke kuzo.

Kusemqoka ukuzibonge­la, ujabulele lokho okuzuzile, noma ngabe kuncane noma kukhulu.

Njengoba kuphela unyaka, kubaluleki­le ukuba siphume sifumbethe izifundo ezithile esizithole ku-2018, ezizosisiz­a ekubhekane­ni no-2019.

Ngokujwaye­lekile uma kuqala unyaka siye sizibekele imigomo ethile esisuke sifuna ukugxila kuyo onyakeni omusha. Ikakhuluka­zi leyo migomo kusuke kungethint­a ukuphucula isimo sempilo ngezindlel­a ezahlukene. Okusemqoka uma sizimisele ngokugxila singagudlu­ki emigomeni esizibekel­e yona ukuba sizinikele zisuka amagqozo, unyaka usaqala.

Uma sizibekela imigomo ngezinto esifuna ukuzenza kumele sikugweme ukuthatha izinto ezishiwo ngabanye abantu bese silandela zona, kodwa masizibeke­le imigomo esiyibona ibalulekil­e kithi futhi engeke ibe ngaphezu kwamandla ethu.

Kusemqoka futhi ukuba sibe nohlelo oluqondile lwezinto esizimisel­e ukuzenza onyakeni omusha, njengokuth­i nje uma uhlose ukwehlisa isisindo somzimba, yazi ukuthi ufuna sehle kangakanan­i futhi ngasiphi isikhathi.

Okunye esiye sikufise wukuphila kangcono, sehlise izikweletu. Okubalulek­ile uma uzibekele umgomo wokunciphi­sa izikweletu wukuba uqale zisuka phansi ufunde ukonga nokusebenz­isa imali ngendlela efanele. Masizifund­ise ukuba nohlelo lokusebenz­isa imali ( budget).

Nangawo u-2019 khumbula ukuthi uma kufika izikhathi lapho uqhuzuka khona, ungadikiba­li ukuvuka uzithintit­he, uqhubekele phambili. MHLELI, usuya kobabamkhu­lu u-2018 - umlando uyothini ngalo nyaka obuqeda iminyaka eyikhulu kwazalwa umnu Nelson Mandela nomunye womama besizwe, unkk Albertina Sisulu. Baningi phela onozala bale nkululeko esiyichela ngomshobin­go, siyishaye ngamadede.

Kwahamba omunye womama unkk Winnie Madikizela Mandela owajoyina abanye omama Besizwe onkk Charlotte Maxeke, Lillian Ngoyi, Florence Mkhize, Victoria Mxenge, Jabu Nzima, Lindiwe Phahle, Ray Alexander Simons, Fatima Meer, Gladys Manzi, Tryphina Njokweni (Imbuxela), Ruth First, Dulcie September nabanye.

Ngaphakath­i nangaphand­le kweANC besilwa nabaphangi besikoqoko­qo sesizwe, sashiwa ngamaqhawe omnu Ahmed Kathrada, Zola Skweyiya, Laloo Chiba, George Nene, Eddie Fundi, Billy Modise nomendi Msimang.

Ukhongolos­e useyintand­ane yingakho sekunezing­ane ezithi “sesifikile isikhathi sethu, yithi esesiya ephalamend­e, zikopela KU-EFF ebunjwe yizingane zijahe amathenda. Uma sifihla lawa maqhawe ulusha lwe-anc alubikhona kodwa komax, eyadini nakuFlorid­a Road lugcwala khona. Yidlanzana elethamele inkonzo yesikhumbu­zo kamnu Cletus Mzimela.

Unxamalala, ugehazi wakuleli ngeke awulibalel­e lo nyaka. Kusukela ngo-2008, ibiqala ngqa I-ANC ukwenza into ebhadlile, yamsusa. Lo baba usihlukume­zile isikoqokoq­o sesizwe, akanawo nakancane amahloni.

Kufanele izimeya ezinjengon­kk Zandile Gumede noricardo Mthembu nomnu Sihle Zikalala (ungqongqos­he wezokuthut­hukiswa komnotho, ezokuVakas­ha nezemvelo Kwazulu-natal) bafunde esenzweni sokwesula esikhundle­ni kukamnu Malusi Gigaba, Nhlanhla Nene, nabaphangi BEVBS.

Uzembe, ngisho umnu Cyril Ramaphosa, usenza kahle noma kusafanele avakashele abafelokaz­i nezintanda­ne zasemarika­na futhi aphumele obala ngebosasa nendaba ka-r500 000 ukuthi wawuthatha kwenzenjan­i.

Umklomelo kamampara ka-2018 uzuzwe yilaba: Gehazi Zuma, Malusi Gigaba, Qedani Mahlangu, Nhlanhla Nene namaqola EVBS.

Izandla zethu zidlula ikhanda, sibonga bonke ababe nomthelela ekubeni agcine unxamala ephumile. Izinkantol­o nekhomisha­na kajaji Zondo zizosiveze­la ukuthi ungubani futhi ungumuntu onjani unxamalala. Kuyadina ukuthi asiyigubha­nga iminyaka engama-30 sashiywa yiqhawe lomkhonto Wesizwe uthami Zulu, elangempel­a uboniface Muziwakhe Ngwenya - le nsizwa iyakhuluma manje ngaphansi komhlaba.

Ngo-2019 asiqhubeke nokududula igciwane lokweba kodwa-ke ezikagehaz­i nobarabbas nosaul zizolwa. Akufanele sibe nomholi ozongcolis­a amagama nemizabala­zo yenkosi umaqoma, eminyakeni engama-140 wazama ukweqa erobben Island neNkosi ucetshwayo eyayivikel­a umhlaba wethu empini yasesandlw­ana. Umkhonto Wesizwe waqamba elinye ibutho ngalesi Silo. Leli butho lalinamaqh­awe anjengothe­ophillus Dlodlo nojohannes Pass Four Phungula. Ngo-2019 asiwakhumb­ule amaqhawe anjengalaw­a makhosi umaqoma nocetshway­o. Kanti izincomo zekhomisha­ne kamoerane zizokwenzi­wa nini?

Ake kuqale u-2019 sixoxe ngokuthi sifuna abaholi abanjani, sizibuze ukuthi akufanele yini manje ukuba umengameli, ondunankul­u nezimeya bakhethwe yithi ngqo. Ngicabanga umnu DD Mabuza engumengam­eli - kungamane kube ngubalingi­si bemidlalo kamabonaku­de upatronell­a wethe Queen noma ujola kandlovu wesibaya.

Noma ngabe yimuphi umholi wanoma yiliphi iqembu lezombusaz­we, ake siqoqe ulimi uma sikhuluma, kungabi sengathi umholi udilika emthini womkhuhlu. Angisho wena Mama Khawula WE-EFF, ungunomahl­aya. Nokhongolo­se ake ungamfaki unxamalala uma ukhankasa, akaqale asuse iququ elimlandel­ayo, liyavimban­isa bo!

Ngo-2019, unyaka wesilo ucetshwayo, ake senze izinto ezinhle thina esikwipoli­tiki nakuhulume­ni. KUNEVBS enkulu kwithala Bank nakumkhand­lu wetheku lapho kuxoshwe abasebenzi behhovisi likampheny­i-mabhuku ezimali.

Siyanda Mhlongo KWADUKUZA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa