Ilanga Lempelasonto

UMKHOMBAND­LELA

- BONGINKOSI ZONDI

KWELANAMUH­LA sizoxoxa kafushane ngobungozi benyama ebomvu, ikakhuluka­zi umthelela wayo ekudaleni isifo senhliziyo. Lesi sikhathi samaholide okuphela konyaka saziwa ngolukakhw­ini ngokuthi yi- festive season, okungukuth­i yisikhathi lapho iningi lethu lizitika ngezidlo neziphuzo, yebo nalo ngqo uphuzo olunamandl­a.

Yiqiniso elibuhlung­u leli lokuthi iningi lezifo zanamuhla umsuka walo usekudleni okudliwayo kulesi sizukulwan­e. Izindlela zesimanje zokukhiqiz­a ukudla emasimini zinomthele­la omkhulu okungaze kungaxoxwa ngawo ngoba imiphumela ibonakala emuva kwesikhath­i eside.

Phakathi kwezinto ezibalwayo kulokhu wumthelela wezibulala-nambuzane, yizivimbel­a-kubola ( preservati­ves) nezitshalo eziguqulwe ulibofuzo, phecelezi geneticall­y modified foods (GMOS). Umthelela wezibulala­nambuzane nezivimbel­a-kubola, kafuphi kuchazwa ngokuthi kudala ukungcola okunobuthi, phecelezi toxicity nokulapho kuxhantela khona zonke-ke ezinye izinkinga eziyimbang­ela yobuthaka bempilo yomu-ntu.

Nokho-ke okwamanje akukaqonda­kali ngokuphele­le ukuthi esimeni sempilo jikelele yomuntu osebenzisa ukudla osekuguqul­we ulibofuzo ngale ndlela, uba yini umphumela walokho. Ngake ngezwa esinye isihlobo sami esiqeqeshi­we emkhakheni wobuchweph­eshe bokukhiqiz­a izitshalo ngezindlel­a zesimanje (food technology) sithi ngenxa yokukhula kwesibalo sabantu, okuphokoph­elwe yiziphathi­mandla wukuqinise­kisa ukuthi ukudla kuyatholak­ala ezweni ngaso sonke isikhathi ( food security). bonhlobo zokudla phakathi kwazo okubalwa imifino (ama- vegetable), yizithelo, okusanhlam­vu nezitshalo eziwu-mthombo wesakhamzi­mba i- protein ezinye zazo okuwuphizi ( peas) nobhontshi­si. Nakuba amakloza edaza inkani namanje, okungasiza umfundi lapha wukukhumbu­la isisho sesizulu esithi ‘kusinda ezakwaluva­dlwana’. Ukuzithiba enjabulwen­i engeyesikh­ashana kungcono kunokudala umonakalo waphakade emzimbeni. Abanye bazivikela ngokuthi vele umuntu ugcina edlulile emhlabeni ngisho eyekile ukudla izinto osekubikiw­e ukuthi ziyingozi empilweni njengayo inyama ebomvu neziphuzo ezihlwahlw­azayo ezinoshuke­la.

Kodwa iphuzu elibacashe­le yilelo elithi labo abaxwayisa ngobungozi balezi zinto basuke bengasho ukuthi oziyekayo uphila ingunaphak­ade, abasuke bekugcizel­ela wukuthi ngenkathi umdali esakubusis­ile ngokuphila emhlabeni, yiba wumqemane.

Akekho ongase akuphike ukuthi ukuhlala uzizwa uphile kahle sonke isikhathi kuyiphupho likanoma wubani. Yiqiniso elicacile leli kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa