Sithwele kanzima nomyeni wami
GIKHULISE ingane, kuthe isineminyaka ewu-5 ubudala unina wathi akuyona eyami kodwa futhi akasishitshi isibongo sayo, isabiza esami.
Ngamcela unina ukuba siyokwenza i- paternity test wenqaba. Ubengasafuni nokuba ngiyibone ingane kodwa futhi manje useyayiletha uma ngiyifuna.
Ngifuna ukuyenzela izinto zamasiko kodwa unina akafuni ukuba iye ekhaya. Siyazwana kakhulu nengane. Ngifuna nendlela yokutshela inkosikazi yami ukuba iyemukele le ngane. Ngicela usizo.
Mfowethu, isixazululo kule nkinga yakho yikhona ukuba kwenziwe i- paternity test ukuze kucace ukuthi ngeyakho yini ingane noma qha. Zama nje ukuba ukhulume nonina wengane, umbonise ukuthi kubalulekile ukuba yenziwe le paternity test.
Kuzwakala sengathi naye unina wengane udidekile ngokuthi ngempela le ngane ngekabani. Kuyenzeka uthole ukuthi umuntu wesifazane ubhekene nesimo sokuthi akazi ngempela ukuthi ingane ngekabani phakathi kwabantu ake walala nabo esikhathini esifushane.
Kufanele ukufake engqondweni yakho ukuthi kungenzeka ukuba ngempela ingane akuyona eyakho, lokho kuyokusiza ekubeni usheshe ukwazi ukwamukela imiphumela ye- paternity test uma kwenzeka ibuya isho obungakulindele njengoba wena uzitshela ukuthi ngeyakho le ngane.
Ngicabanga ukuthi kufanele uqunge isibindi uhlale phansi nomkakho, umchazele ngesimo sakho sinjengoba sinjalo. Akusizi neze ukugcina imfihlo ngoba uma kukhona into ekudlayo ngaphakathi, lokho kuzogcina sekuphazamisa nesimo sasekhaya.
Kulindele futhi ukuthi uma utshela umkakho ngalesi simo, kungenzeka kuphakame umoya kuye. Zama ukuba wena wehlele ngezansi ngoba inhloso ukulungisa izinto, hhayi ukubhidliza. Nginesiqiniseko sokuthi uma wenze kanjalo liyokwehla igwebu kuye emva kwesikhashana, nawe ukhululeke.