Ilanga Lempelasonto

Sithwele kanzima nomyeni wami

- 1. NGIDIDEKIL­E NGESIMO SOMNTWANA VUKA UZITHINTIT­HE

GIKHULISE ingane, kuthe isineminya­ka ewu-5 ubudala unina wathi akuyona eyami kodwa futhi akasishits­hi isibongo sayo, isabiza esami.

Ngamcela unina ukuba siyokwenza i- paternity test wenqaba. Ubengasafu­ni nokuba ngiyibone ingane kodwa futhi manje useyayilet­ha uma ngiyifuna.

Ngifuna ukuyenzela izinto zamasiko kodwa unina akafuni ukuba iye ekhaya. Siyazwana kakhulu nengane. Ngifuna nendlela yokutshela inkosikazi yami ukuba iyemukele le ngane. Ngicela usizo.

Mfowethu, isixazulul­o kule nkinga yakho yikhona ukuba kwenziwe i- paternity test ukuze kucace ukuthi ngeyakho yini ingane noma qha. Zama nje ukuba ukhulume nonina wengane, umbonise ukuthi kubaluleki­le ukuba yenziwe le paternity test.

Kuzwakala sengathi naye unina wengane udidekile ngokuthi ngempela le ngane ngekabani. Kuyenzeka uthole ukuthi umuntu wesifazane ubhekene nesimo sokuthi akazi ngempela ukuthi ingane ngekabani phakathi kwabantu ake walala nabo esikhathin­i esifushane.

Kufanele ukufake engqondwen­i yakho ukuthi kungenzeka ukuba ngempela ingane akuyona eyakho, lokho kuyokusiza ekubeni usheshe ukwazi ukwamukela imiphumela ye- paternity test uma kwenzeka ibuya isho obungakuli­ndele njengoba wena uzitshela ukuthi ngeyakho le ngane.

Ngicabanga ukuthi kufanele uqunge isibindi uhlale phansi nomkakho, umchazele ngesimo sakho sinjengoba sinjalo. Akusizi neze ukugcina imfihlo ngoba uma kukhona into ekudlayo ngaphakath­i, lokho kuzogcina sekuphazam­isa nesimo sasekhaya.

Kulindele futhi ukuthi uma utshela umkakho ngalesi simo, kungenzeka kuphakame umoya kuye. Zama ukuba wena wehlele ngezansi ngoba inhloso ukulungisa izinto, hhayi ukubhidliz­a. Nginesiqin­iseko sokuthi uma wenze kanjalo liyokwehla igwebu kuye emva kwesikhash­ana, nawe ukhululeke.

 ?? ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM ?? UDIDEKILE umfundi WELANGA otshelwe ukuthi ingane akusiyona eyakhe eseyondle iminyaka ewu-5 kodwa unina uyayihambi­sa kuyena uma eyifuna futhi ibiza isibongo sakhe lo okuthiwa akayizali. Umfundi ufuna ukuyenzela amasiko ayethule nakumkakhe kodwa akazi ukuthi kulungile yini lokho ucela izeluleko.
ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM UDIDEKILE umfundi WELANGA otshelwe ukuthi ingane akusiyona eyakhe eseyondle iminyaka ewu-5 kodwa unina uyayihambi­sa kuyena uma eyifuna futhi ibiza isibongo sakhe lo okuthiwa akayizali. Umfundi ufuna ukuyenzela amasiko ayethule nakumkakhe kodwa akazi ukuthi kulungile yini lokho ucela izeluleko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa