Ilanga Lempelasonto

5. INGODUSO YAMI ISINGIJIKE­LE

-

kabawuthol­i. Baningi abantu abahleli emakhaya abanamajaz­i emfundo ephakeme kodwa umsebenzi kabawuthol­i ngenxa yesimo somnotho esingesihl­e.

Engingakus­ho nje ukuthi qhubekani nenze imizamo yokuba bathole umsebenzi, ningadikib­ali - ukuthola kwabo umsebenzi kuyosusa umthwalo emahlombe kini.

Impela kunzima ukondla umndeni omkhulu ikakhukazi uma nawe unowakho umthwalo. Kodwa ngicabanga ukuthi abazukulu bayayithol­a imali yesibonele­lo sikahulume­ni, okusemqoka nje wukuba isetshenzi­swe ngendlela efanele.

Ngeke ngisho ukuthi yekani ukubondla ngoba umuntu akancishwa ukudla. Bekezelani nje, ngolunye usuku siyoshints­ha isimo. NGINENGODU­SO, ngaya kubo ngiyoqheth­a njengoba sesinengan­e. Kuthe kusuka yathi angingabe ngisaya ekhaya kubo, ngabuza isizathu yathi akubukeki kahle ngoba inekamelo ngaphakath­i endlini kubo.

Emuva kwalokho ibidamane iza kimi kodwa kuthe kusuka yangitshel­a ukuthi angishints­he umqasho ngoba le ndlu engikuyo incane. Ithe ngeke iseza kimi uma ngi-ngawushint­shi umqasho. Ngathi ngeke ngisuke lapho ngihlala khona, nayo yathi ngeke iseza - nangempela ayisezi.

Imali yengane isivele ithi mangiyifak­e kwi- money market. Ingane ngiyayondl­a kodwa angiyiboni nhlobo, ngixoxa nayo ocingweni kuphela. Ngenzenjan­i esimeni esinje? Ingenwe yini ingoduso yami? Ngicela ungisize.

Kuyangicac­ela ukuthi kukhona okushaya amanzi ngengoduso yakho. Ngicabanga ukuthi nidinga ukuhlala phansi nixoxe, iphumele obala ukuthi inkinga yayo ikuphi.

Ngesinye isikhathi kuyenzeka ukuba umuntu uma esefuna ukuphuma ebudlelwan­eni aqhamuke nezaba, akhombe lokhu nalokhuya, angayibeki indaba icace.

Kusemqoka ukuba sizazi izinkomba zomuntu osuke engasakudi­ngi ukuze ungazimosh­eli isikhathi. Ngiyasola ukuthi ingoduso yakho kukhona lapho isijabula khona, mhlawumbe isifuna ukukhulule­ka kodwa-ke yiyona eyazi kangcono, yingakho ngithi ake nihlalepha­nsi nixoxe, ubuze ukuthi inkinga ikuphi.

Kuhle ukuthi ingane uyayondla, futhi qhubeka wenze kanjalo kodwa kumele wazi ukuthi unelungelo eligcwele lokubona umntwana wakho.

Uma ingoduso yakho isikuvimbe­la ukuba ubone ingane yakho lokho kuphambene nomthetho - ungaya ngisho enkantolo ngalokho futhi ingakuvuna inkantolo. Awuzame nje ukuba ukhulume kahle naye, acacise ukuthi inkinga yakhe ngempela ikuphi, ayeke ukulokhu ebambelela ezidindini.

*Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo nabafisa ukusizakal­a ezinkingen­i ababhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ngakho konke ukuyiphend­ula imibuzo yenu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa