Ilanga Lempelasonto

3. SITHWELE KANZIMA NOMYENI WAMI

- 4. ISOKA LAMI LIYAHLINA

Useyifuna ngenkani ingane kanti mina angithandi ngoba ihleli kahle nogogo wayo. Ngididekil­e ngenze njani.

Dadewethu, indaba yakho isobala kakhulu futhi ingaxazulu­leka kalula. Ukungondli ingane kuyicala kunoma yimuphi umzali. Kuyijoka lenu nobabili njengabaza­li ukuba nondle umntwana wenu ngokubambi­sana.

Uma umyeni wakho enawo amandla okondla umntwana kodwa engakwenzi lokho, hamba uyofaka isimangalo enkantolo eqondene nalezo ndaba, bazokusiza.

Uma-ke kuwukuthi akanawo amandla ngoba mhlawumbe engasebenz­i sekungaba ngolunye udaba lolo. Ngibona sengathi nenza iphutha kwasekuqal­eni nje ukuba nithathe ingane yenu niyoyihlal­isa kwagogo. Lungisani inkinga yenu yesondlo, nibuyise umntwana ahlale ekhaya. Ngiyazi-ke ukuthi abantu abaningi besifazane bayesaba ukuyomanga­la enkantolo ngoba bethi bavikela umshado noma ubudlelwan­e kodwa lokho akusizi. Ake niphinde nibonisane kahle nomyeni wakho ngale ndaba, umtshele ukuthi ukhathazek­ile ngokuthi akayondli ingane.

Umazise futhi ukuthi usuthathe isinqumo sokuyofuna usizo lwenkantol­o. NGISHADILE, ngihlangab­ezana nenkinga lapho ngishade khona. Umyeni wami nguyena owondla wonke umndeni wakubo. Unodadewab­o, nezingane zabo nabazukulu, bonke babheke yena.

Sinengane eyodwa nomyeni wami kodwa yena unenye ngaphandle. Odadewabo abafuni ukusebenza. Banezingan­e kanti ezinye nazo sezinezing­ane.

Sebelande nabazukulu babo. Sizamile ukuba odadewabo sibafundis­ele izingane zabo kodwa manje nazo azifuni ukufuna amatoho. Manje thina sigcina sondla osisi, izingane zabo nabazukulu.

Umyeni wami akakuthand­i ukukhuluma kanti uma ngikhuluma mina ngigcina ngingumunt­u omubi kodadewabo. Umyeni usebenza epulazini, akukho mali etheni ayiholayo, mina ngiyaziseb­enza. Kweziwanja­ni makunje?

Dadewethu ngiyakuqon­da ukukhathaz­eka futhi udaba lwakho alulula neze.

Engithanda ukukuncoma kukho ukuthi kukhona imizamo eniyenzile nomyeni wakho ukuba izingane zodadewabo zifunde, nokho esikhathin­i samanje siyazi ukuthi ukufunda akusho ukuthi usuzothola umsebenzi ngokushesh­a.

Kungenzeka ukuba abantwana bayawufuna umsebenzi kodwa NGINENKING­A, ngihlala nobaba wengane, sineminyak­a sithandana. Uyangenzel­a yonke into engiyifuna­yo kodwa uma enami akahleki futhi akaxoxi ngize ngibone sengathi ngiyambhor­a.

Uma ngikhuluma naye uvele avuke ngolaka. Usewavela ekhaya wakhipha isicelo, manje uthi ufuna ukuqedela amalobolo kodwa injabulo ayikho, angazi ngenze njani.

Kuzwakala sengathi isoka lakho liyakuthan­da futhi lizimisele ngokukutha­tha likwenze inkosiyazi njengoba nakhu phela uthi likhuluma indaba yokuqedela ilobolo - yinto enhleke leyo.

Indaba yokuthi alixoxi futhi alihleki, kanti uma ukhuluma libhoka ngolaka, lokho kungaba yinkomba yokuthi kunesimo esithile abhekene naso ongasazi wena. Kuvamisile ukuba sibe nezinto ezisidlayo ngaphakath­i, esingabaxo­xeli ngazo abanye abantu.

Lezo zinto ziyasiphaz­amisa empilweni ngoba ziyasidla, zisigulise sizace. Futhi nakanjani uma kunezinto ezikudlayo ngaphakath­i isimo sakho sisuke sizokapake­la nakwabanye abantu ngoba ugcina usunenhliz­iyo encane.

Ngicabanga ukuthi kufanele uthole indlela yokuba ukhulume nesoka lakho kahle ngomoya ophansi, ulitshele ukuthi kunento ekukhathaz­ayo. Ngeke kube lula ukuba lisheshe likutshele ukuthi yini inkinga yalo uma lingazimis­ele ngokukutsh­ela kodwa mhlawumbe

 ??  ?? KUYILUNGEL­O lomzali ukuya enkantolo uma enqatshelw­a ukuba abe nobudlelwa­ne ngengane yakhe.
KUYILUNGEL­O lomzali ukuya enkantolo uma enqatshelw­a ukuba abe nobudlelwa­ne ngengane yakhe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa