3. SITHWELE KANZIMA NOMYENI WAMI
Useyifuna ngenkani ingane kanti mina angithandi ngoba ihleli kahle nogogo wayo. Ngididekile ngenze njani.
Dadewethu, indaba yakho isobala kakhulu futhi ingaxazululeka kalula. Ukungondli ingane kuyicala kunoma yimuphi umzali. Kuyijoka lenu nobabili njengabazali ukuba nondle umntwana wenu ngokubambisana.
Uma umyeni wakho enawo amandla okondla umntwana kodwa engakwenzi lokho, hamba uyofaka isimangalo enkantolo eqondene nalezo ndaba, bazokusiza.
Uma-ke kuwukuthi akanawo amandla ngoba mhlawumbe engasebenzi sekungaba ngolunye udaba lolo. Ngibona sengathi nenza iphutha kwasekuqaleni nje ukuba nithathe ingane yenu niyoyihlalisa kwagogo. Lungisani inkinga yenu yesondlo, nibuyise umntwana ahlale ekhaya. Ngiyazi-ke ukuthi abantu abaningi besifazane bayesaba ukuyomangala enkantolo ngoba bethi bavikela umshado noma ubudlelwane kodwa lokho akusizi. Ake niphinde nibonisane kahle nomyeni wakho ngale ndaba, umtshele ukuthi ukhathazekile ngokuthi akayondli ingane.
Umazise futhi ukuthi usuthathe isinqumo sokuyofuna usizo lwenkantolo. NGISHADILE, ngihlangabezana nenkinga lapho ngishade khona. Umyeni wami nguyena owondla wonke umndeni wakubo. Unodadewabo, nezingane zabo nabazukulu, bonke babheke yena.
Sinengane eyodwa nomyeni wami kodwa yena unenye ngaphandle. Odadewabo abafuni ukusebenza. Banezingane kanti ezinye nazo sezinezingane.
Sebelande nabazukulu babo. Sizamile ukuba odadewabo sibafundisele izingane zabo kodwa manje nazo azifuni ukufuna amatoho. Manje thina sigcina sondla osisi, izingane zabo nabazukulu.
Umyeni wami akakuthandi ukukhuluma kanti uma ngikhuluma mina ngigcina ngingumuntu omubi kodadewabo. Umyeni usebenza epulazini, akukho mali etheni ayiholayo, mina ngiyazisebenza. Kweziwanjani makunje?
Dadewethu ngiyakuqonda ukukhathazeka futhi udaba lwakho alulula neze.
Engithanda ukukuncoma kukho ukuthi kukhona imizamo eniyenzile nomyeni wakho ukuba izingane zodadewabo zifunde, nokho esikhathini samanje siyazi ukuthi ukufunda akusho ukuthi usuzothola umsebenzi ngokushesha.
Kungenzeka ukuba abantwana bayawufuna umsebenzi kodwa NGINENKINGA, ngihlala nobaba wengane, sineminyaka sithandana. Uyangenzela yonke into engiyifunayo kodwa uma enami akahleki futhi akaxoxi ngize ngibone sengathi ngiyambhora.
Uma ngikhuluma naye uvele avuke ngolaka. Usewavela ekhaya wakhipha isicelo, manje uthi ufuna ukuqedela amalobolo kodwa injabulo ayikho, angazi ngenze njani.
Kuzwakala sengathi isoka lakho liyakuthanda futhi lizimisele ngokukuthatha likwenze inkosiyazi njengoba nakhu phela uthi likhuluma indaba yokuqedela ilobolo - yinto enhleke leyo.
Indaba yokuthi alixoxi futhi alihleki, kanti uma ukhuluma libhoka ngolaka, lokho kungaba yinkomba yokuthi kunesimo esithile abhekene naso ongasazi wena. Kuvamisile ukuba sibe nezinto ezisidlayo ngaphakathi, esingabaxoxeli ngazo abanye abantu.
Lezo zinto ziyasiphazamisa empilweni ngoba ziyasidla, zisigulise sizace. Futhi nakanjani uma kunezinto ezikudlayo ngaphakathi isimo sakho sisuke sizokapakela nakwabanye abantu ngoba ugcina usunenhliziyo encane.
Ngicabanga ukuthi kufanele uthole indlela yokuba ukhulume nesoka lakho kahle ngomoya ophansi, ulitshele ukuthi kunento ekukhathazayo. Ngeke kube lula ukuba lisheshe likutshele ukuthi yini inkinga yalo uma lingazimisele ngokukutshela kodwa mhlawumbe