Ilanga Lempelasonto

Ufisa ukuba ngumlimi unkonde

- MZWAMANDLA ZONDI

UKUQALE engakuthan­di ukugijima usiyabonga Nkonde, osubathela i-ethekwini Athletics Club, oseke wamela ikwazuluNa­tal neningizim­u Afrika amahlandla amaningi emiqhudelw­aneni ehlonishwa­yo emhlabeni.

Unkonde kuthiwa ulandela uwillie Mtolo ngokuhloni­shwa kwezokugij­ima Kwazulu-natal ngenxa yekhono lakhe kulo mdlalo.

Lo msubathi ongomunye wabenza kahle esifundazw­eni, uzalwe ngomhla ka-13 kuntulikaz­i (July) ngo-1988 emadadeni, enewcastle.

Uzalwa ngujabulil­e Dlamini noAlfred Nkonde ongasekho emhlabeni.

Bane kubo nguthokoza­ni, uzweli nodadewabo wakhe uthobile naye osadlula emhlabeni bese kuba nguyena.

Uqale imfundo yamabanga aphansi esinqobile Primary wadlulela esekusile High School, lapho ephothule khona ugrade 12 ngo-2006. Udlulele edurban University of Technology (DUT) enza izifundo zesport Management ekhokhelwa yikwazulu-natal Athletics (KZNA) isaphethwe nguAleck Skhosana.

Kube wukushints­hwa kobuholi kule nhlangano waphoqelek­a ukuyeka isikole kwazise ubengasakh­okhelwa.

Uthi umdlalo wokugijima ubengawuth­andi, ungene kuwona ezenzela amabanga aphansi.

Uthi ufike sekudlule isikhathi ekilasini, uthisha obemfundis­a wathi makangene eqenjini lezokugiji­ma ngenhloso yokumjezis­a.

Ungenile eqenjini labagijimi yize ebengazi lutho ngakho.

Eqala ukugijima, ubenza u-1500m lapho enqobe kwaze kwaba kathathu wabe eseqokelwa ukuyomela isifundazw­e.

Umjaho wakhe omkhulu wokuqala ubusekings Park Athletics Stadium lapho engene khona endaweni yesine.

Uthi ubeqala ukushiywa empilweni yakhe.

Ngenxa yekhono lakhe kulo mdlalo, ube eseshelwa nguvusi Madlala obefundisa futhi eqeqesha esekusile High School, emadadeni.

Uthi ngemuva kwalokho ithalente lakhe lokugijima ligqame kakhulu njengoba ekwazile ukuhlomule­la isifundazw­e izindondo eziningi esafunda isikole.

Lo msubathi uke wamela iningizimu Afrika kwi-internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) Cross Country ejapan nasepoland ngo-2006 nango-2010 ngokwehluk­ana. Ngo2007 ubekwicaa Southern Region Track & Field eburkina Faso nase-ethiopia (2008) nakweminye imidlalo eminingi, ehambela amazwe ehlukene.

Unesikhath­i esingu-8:19 kwiYouth, no-8:04 kwisigaba samajuniya ngokwehluk­ana ku-3000m, no-28:40 kwi-10 000m okungamare­khodi esifundazw­e angakephul­wa. Ingxoxo kankonde NELANGA

Langesonto ngempilo yakhe yaNgaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

ILANGA Langesonto ( I/ L):

Ungumuntu onjani?

Nkonde: Ngiwumuntu othanda ukufunda nokuhlala nginolwazi ngento engiyenzay­o. Kangilona uhlobo lomuntu olufela ngaphakath­i, uma into ngingayith­andi kangithuli. Ngiyazimis­ela entweni engiyenzay­o.

I/ L: Uyenzile imikhuba yabafana usakhula?

Nkonde: Ngiyenzile yonke.

Ngikhulele emaplazini. Ngelusile, ngaqhathwa, ngabhukuda. Ukukhulela emakhaya nezinselel­o zakhona ngicabanga ukuthi kungisize kakhulu. I/ L: Uyakholwa?

Nkonde: Kanginaso isikhathi sokuya esontweni ngenxa yokuthi umdlalo wami uba ngamasonto. Ngiyakhole­lwa kodwa ezintweni zesintu.

I/ L: Usichitha kanjani isikhathi sakho?

Nkonde: Ngisichith­a nomndeni wami, ngizihlale­le nezingane zikadadewe­thu osashona. I/ L: Usushadelw­e?

Nkonde: Yebo. Ngishade noMpumelel­o Mbatha. Nginengane eyodwa yomfana usamkelo (7) okungeyona eyasemshad­weni.

I/ L: Yini eyokuqala oyenzayo uma uvuka ekuseni?

Nkonde: Ngithatha amateki ami ngiyogijim­a.

I/ L: Ukhona omunye umdlalo owuthanday­o?

Nkonde: Ngithanda ibhola lezi

nyawo.

I/ L: Yiyiphi ikilabhu oyilandela­yo kuleli naphesheya kwezilwand­le? Nkonde: Ngithanda ikaizer Chiefs kanti phesheya kwezilwand­le ngilandela imancheste­r United.

I/ L: Ubani umdlali omthandayo noma obukela kuyena?

Nkonde: Ngithanda u-eliud Kipchoge wasekenya ophethe irekhodi lomhlaba lemarathon u-2:01:39. Engikuthan­dayo ngaye wukuthi unobuntu, akazithwel­e. Ngike ngahlangan­a naye ngisekenya kulula ukukhuluma naye kanti uyasiza ngolwazi. I/ L: Yiliphi izwe olithanday­o?

Nkonde: Yikenya. Abantu bakhona banobuntu. Ngike ngaya e-united States of America, abantu bakhona abanendaba nomunye umuntu, kucishe kufane nasegoli. I/ L: Uthanda nhloboni yemoto?

Nkonde: Ngithanda izimoto zakwa-audi kodwa okwamanje ngifuna imoto ezongithat­ha ingiyise lapho ngifuna ukuya khona ikwazi ukungibuyi­sa.

I/ L: Emidlalwen­i yakuleli ewuchungec­hunge yimuphi owulandela­yo? Nkonde: Angiyikhon­zile kakhulu. Ngibuka izindaba.

Ngenxa yendodana yami ngigcina sengibuka uzalo neskeem Saam ngoba izikhonzil­e lezi zinhlelo.

I/ L: Ulalela hlobo luni lomculo?

Nkonde: Ngithanda umculo onomyalezo. Abaculi engibathan­dayo u-2pac, umandoza nolucky Dube.

Nginawo wonke amacd kadube ngenxa yomyalezo osemculwen­i wakhe.

I/ L: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Nkonde: Yebo ngikwiface­book nakwiwhats­app. Ngiwusiyab­onga Nkonde kanti ngiphatha ifoni yakwasamsu­ng.

I/ L: Yini osuke wayizuza ngokugijim­a?

Nkonde: Kuningi yize imali incane. Ngishadelw­e ngakhela umama indlu ngafaka nefenisha. Ngiqale ukuba wusizo ekhaya ngisafunda ugrade 11 ngemali yokugijima.

I/ L: Ugcine nini ukukhala? Nkonde: Ngikhalile nyakenye ngesikhath­i ngishadelw­a. Ngiphinde ngakhala ngenyanga edlule ngesikhath­i kudlula ugogo wami emhlabeni.

I/ L: Uzibona ulaphi eminyakeni eyisihlanu kusuka manje? Nkonde: Ngifisa ukuba ngusomabhi­zinisi. Senginayo indawo kanti inkosikazi yami yenza izifundo zeprimary Agricultur­e. Ngizoseben­zisa nolwazi lwami lwasemapul­azini. Ngizimisel­e ngokusungu­la isikhungo sami sezemidlal­o.

I/ L: Yini ekwenza uzigcine uvelele kwezokugij­ima? Nkonde: Kubaluleki­le uma ufuna ukuvelela kulo mdlalo uqale ezimpanden­i zawo. Ngeke uphumelele ekugijimen­i uma ungabazi ubuhlungu becross Country netrack & Field. Uma uqale lapho uzokuya kude. Abagijimi abaningi abavelele emhlabeni baqale khona.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? KUSUKA kwesobunxe­le, umandla Mngomezulu we-ethekwini AC, usphamandl­a Nyembe ogijima nosiyabong­a Nkonde okwesokudl­a.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E KUSUKA kwesobunxe­le, umandla Mngomezulu we-ethekwini AC, usphamandl­a Nyembe ogijima nosiyabong­a Nkonde okwesokudl­a.
 ??  ?? USIYABONGA Nkonde
USIYABONGA Nkonde
 ?? ISITHOMBE: FACEBOOK ?? USIYABONGA Nkonde (ofake isikhindi) nabanye ozakwabo agijima nabo ngaphansi kwe-ethekwini AC.
ISITHOMBE: FACEBOOK USIYABONGA Nkonde (ofake isikhindi) nabanye ozakwabo agijima nabo ngaphansi kwe-ethekwini AC.
 ??  ?? USIYABONGA Nkonde
USIYABONGA Nkonde
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa