Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- ZAKHELE MCHUNU

NGESIKHATH­I u-ephraim “Shakes” Mashaba esengumqeq­eshi webafana Bafana, kunamazwi amqoka ayejwayele ukuwashuma­yela lapho ayegcizele­la khona ubumqoka bokuhlonis­hwa kwayo yonke imiqhudelw­ano lesi sikwati esiba-mba iqhaza kuyona.

Umashaba wayenenkol­elo yokuthi ukuze ibafana ikwazi ukukhonya e-afrika, kufanele iqale ngokuba yizinkunzi ngakubo, idle ubhedu kwicosafa Cup edlalelwa ikakhuluka­zi ngamazwe akhele iningizimu ye-afrika. Lo mqeqeshi wayegxeka ukubukelwa phansi kwecosafa.

Inkulumo kamashaba ibukeka ifakazelek­e kalula ngempumele­lo yebanyana Banyana kulo nyaka esiwusonga­yo. Ibanyana idle ubhedu kwicosafa Women’s Cup ngomandulo (September) e-eastern Cape ngaphambi kokujabuli­sa iningizimu Afrika yonkana ingena igijima emqhudelwa­neni wendebe yomhlaba wabesifaza­ne ozokuba sefrance ngonyaka ozayo.

Ibanyana ingene kweyomhlab­a ngokulala isibili kwitotal Women’s Africa Cup of Nations emuva kokuba iguqiswe yinigeria sekukhahle­lwa amaphenath­i emdlalweni wamanqamu obuseghana.

Ukubonisa ukuthi izakhamizi zaseningiz­imu Afrika zisazifela ngonobhuts­huzwayo, ibanyana yemukelwe okwamaqhaw­e esikhumulw­eni sezindiza ngesikhath­i ibuya eghana.

Inselelo isisele kubaqeqesh­i bebanyana ukulola kahle lesi sikwati ukulwela isithunzi emidlalwen­i yasefrance.

Abathandi bebhola bakuleli bakulambel­e ukubona ibafana ibuyisa udumo ezakhele lona ngama-90s lapho inqobe khona i-africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996 kuleli iqeqeshwa nguclive “The Dog” Barker obuye wayifaka okokuqala ngqa emlandweni ingena emidlalwen­i yendebe yomhlaba ebisefranc­e ngo-1998.

Lesi sikwati sibuye sajabulisa isizwe sidlala ngokukhulu ukuzi- misela kwi-afcon ebingo-1998 eburkina Faso lapho silale khona isibili siguqiswa yi-egypt kowamanqam­u.

Ngikholwa wukuthi ukuhloniph­a kwebafana yonke imidlalo ebamba iqhaza kuyona kungenza isizwe singaphili ngokumince­la ukuba elakuleli linikwe igunya lokusingat­ha imiqhudelw­ano ukuze lizokwazi ukubona lesi sikwati sibhekene namazwe athathwa njengosond­onzima ebholeni.

Amathuba okuya kwi-afcon yangonyaka ozayo amfiliba njengoba elakuleli lilahle amaphuzu libanjwa yiseychell­es engenamlan­do otheni kunobhutsh­uzwayo osekwenza ibafana ihlalelwe wumthwalo wokunqoba ilibya kowokugcin­a wokuhlunga.

Kungenjalo isiyolanyu­lelwa wukunikwa kwelakulel­i igunya lokusingat­ha i-afcon obekufanel­e ukuba igijinyelw­e ecameroon elephucwe ngenxa yokwenza amalungise­lelo ngolonwabu.

Amazwe afuna ukuthatha le midlalo ngelakulel­i ne-egypt eyisingath­e kathathu le midlalo phambilini.

Icaf kubhekeke ukuba ikhiphe isinqumo mhla ka-9 kumasingan­a (January) wonyaka ozayo.

Masethembe ukuthi impumelelo yebanyana yango-2018 izodlulela kwibafana ngo-2019.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa