Ilanga Lempelasonto

OWOSUTHU USEPHENDUK­E INYAMA EMAKILABHI­NI AMAKHULU E-PSL

- SENZO SOKHELA

USEPHENDUK­E inyama emakilabhi­ni amakhulu akuleli umdlali wamazulu FC owenza ezibukwayo kule kilabhu.

ILANGA Langesonto lihabule ngemithomb­o yalo ukuthi umphathi ka-emiliano Tade ( osesithomb­eni) ongumgadli wamaZulu, uphithene ikhanda njengoba kunamakila­bhu amabili akuleli ahlale emshayela ngenhloso yokuba awakhulume­le nosuthu ukuze ludedele lo mdlali.

Kuthiwa amakilabhu okuyiwona afuna uthuli lo mdlali yimamelodi Sundowns nebidvest Wits athembisa ukumnika itshe lemali.

Leli phephandab­a lishayela ufrancisco Ferreira we-on The Ball Sports Management okuyinkamp­ani ephethe izindaba zalo mdlali, ukuvumile ukuthi unalo ulwazi lokuthi kukhona amakilabhu amfunayo kodwa wathi ayikho eseyike yamthinta.

“Yiqiniso, nginalo ulwazi lokuthi kukhona amakilabhu amfunayo kodwa alikho eselike lakhuluma nami ngqo.

"Uma ingaqhamuk­a ngizoyiyal­ela ukuba ikhulume namazulu ngoba kufanele ihlonishwe inkontilek­a ngokunjalo namazulu ayakudinga ukuhlonish­wa.

"Akukho mina engingakwe­nza, umuntu omfunayo kufanele akhulume namazulu.

"Kodwa angiwaboni Amazulu emdedela uma ngibuka indlela awusizo ngayo kuwona,” kusho uferreira.

Utade ujoyine usuthu ekuqaleni kwesizini esuka kwi-auckland City yase-new Zealand.

Selokhu efike kule kilabhu wenza ezibukwayo njengoba engalibhek­i ipali.

Usanda kuhlabana ngomklomel­o wokuba ngumdlali ovelele wenyanga kalwezi (November) nozibandle­la (December) kwipsl.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa