I-CHIEFS ICATHAMELA ISILOMO SE-DOWNS
Idowns ibhala iyacisha ukuvuselela inkontileka kalaffor
IKAIZER Chiefs ikhokhobela umdlali wemamelodi Sundowns okuvela ukuthi le kilabhu ibhala iyacisha ngodaba lokuvuselelwa kwenkontileka yakhe.
Inkontileka ka-anthony “Sika Lekhekhe” Laffor (33) iyaphela nedowns uma kusongwa isizini.
Ngenyanga ezayo lo mdlali uzobe esenalo ilungelo lokusayina inkontileka yesibambiso nanoma iyiphi ikilabhu emfunayo.
Kubikwa ukuthi idowns ayikaziqali izingxoxo nalo mdlali kwazise umqeqeshi wayo upitso “Jingles” Mosimane umanqika ukumnika inkontileka entsha.
Leli phephandaba lihletshelwe ngumthombo walo ukuthi ichiefs ihlome iyizingovolo ifuna ukuphinde ihlwithe idowns umdlali wayo omqoka.
Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni kwesizini ichiefs ihlwithe idowns ukhama Billiat emuva kokuba umosimane ethe ayikho ikilabhu kuleli ezokwazi ukumela iholo lakhe.
“U-ernst Middendorp (ocija ichiefs) akazile ukuzodlala ufuna ukubuyisa isithunzi sechiefs yingakho efuna abadlali abazosebenza.
"Ulaffor useqhulwini kubadlali abafuna eqenjini lakhe.
"Kungenzeka idowns bayiphinde uma kungukuthi ayilusukumeli udaba lwalo mdlali,” kusho umthombo ocele ukuba lingadalulwa igama lawo.
Ulaffor ebuzwa ngalolu daba, uthe konke ukushiyela kwisundowns.
“Okwamanje akukho engingakusho ngoba ngisanenkontileka nesundowns.
"Konke ngikushiya kuyona, iyona ezonquma ngekusasa lami.
"Okwamanje ngiyaqhubeka nokulwela indawo yami. Ngiyajabula ngoba ngenza kahle emidlalweni yase-afrika,” kusho ulaffor.
Ubobby Motaung oyimenenja jikelele yechiefs, wale waphetha ukuphawula ngalolu daba.
Umiddendorp akazile ukuzodlala, ufuna ukubuyisa isithunzi sechiefs...