Isilomo sikamaskandi kwelokubulala
Kugcine kumenele umlisa okuthiwa wadutshulwa nguphuzekhemisi
ISIHLABANI sikamasikandi, uphuzekhemisi “Mfokamajazana” Mnyandu, sizobhekana necala lokubulala umngani waso, umorning Selby Shezi (48), wasemgababa oshone ngolwesine.
Ekuqaleni uphuzekhemisi ubebhekene necala lokuzama ukubulala ushezi kodwa ngemuva kokuba edlulile emhlabeni, icala lizoshintsha enkantolo kube ngelokubulala.
Okhulumela amaphoyisa KwazuluNatal, ult Col Thulani Zwane ukuqinisekisile KWILANGA Langesonto izolo ukuthi mhla ebuyela enkantolo uphuzekhemisi uzobe esebhekene necala lokubulala. Kubikwa ukuthi ushezi kugcine kumenele ukufa ngolwesine esibhedlela abelashelwa kuso eport Shepstone ngemuva kokudutshulwa.
Umndeni kaselby uthi usufisa ukubona kwenzeka ubulungiswa ngecala lokufa kwelungu lawo. ILANGA Langesonto lifike kwashezi izolo lalandiswa ngumfowabo kamufi, usibusiso Shezi, ukuthi ngesikhathi bethola izindaba zokuthi umfowabo ulimele esigamekweni sokudutshulwa okuthinteka kuso igama likaPhuzekhemisi, wayezitshele ukuthi yingozi ethile ebehlele.
Namanje lo mndeni awuyikholwa indaba yokuthi uselby udutshulwe esigamekweni esithinta obengumngani wakhe omkhulu abebesebenza naye emculweni, eshaya ama- drums.
Indlela ushezi nophuzekhemisi abebesondelene ngayo kuthiwa phambilini umufi wayekade encokole ngokuthi makwenzeka edlula emhlabeni, umuntu oyokhulumela abangani nguphuzekhemisi.
Into ebuye imangalise lo mndeni selokhu kwenzeke lokhu wukuthi uphuzekhemisi ongumsolwa, akakaze alubhade kulo mndeni futhi akakaze athumele ngisho amalungu omndeni wakhe ukuba kuyohlanganiswa amehlo.
Ukudlula emhlabeni kuka-shezi sekuvule isikhala esikhulu kulo mndeni nge-nxa yeqhaza lakhe abelibambile kuwona.
Elinye ilungu lawo limchaze njengomuntu obengubaba aphinde abe ngumalume emndenini ngendlela abenothando ngayo.
Lo mndeni uyamazi kakhulu uphuzekhemisi njengoba ubesondelene kakhulu noselby kanti kuthiwa ubejwayele kakhulu ukuvakasha, aze ahambe nawo uma uvakashele kwezinye izihlobo zakwashezi.
Uselby uke wasebenza emsakazweni womphakathi, iradio Sunny South, engumphathi omkhulu kanti futhi uke waba nguthisha emakhutha High. Ushiye emhlabeni izingane zamantombazane ezimbili, unombuso nonomonde.ubengaganiwe.
Umndeni ubungakaziphothuli izinhlelo zomngcwabo njengoba kusazoyohlinzwa isidumbu emakhazeni kahulumeni kodwa ngesingawo (umndeni) ubufisa abekwe endlini yakhe yokugcina ngomgqibelo.
Njengamanje uphuzekhemisi ungaphandle ngebheyili ka-r3000 kanti uzophinde avele enkantolo mhla ka-15 kunhlolanja (February) ngonyaka ozayo.
Isigameko sokudutshulwa kukamufi senzeka mhla ka-9 kule nyanga kwathi uphuze- khemisi wavela enkantolo yeMantshi ethekwini mhla ka-11.
Ngokwemininingwane equkethwe ngamaphepha asenkantolo, isigameko senzeka behamba ndawonye emotweni umufi noPhuzekhemisi.
Kwaba khona ukuxabana phakathi kwabo, uphuzekhemisi washaya umufi ngesidunu sesibhamu, wamdubula esiswini nasesifubeni, kanti naye (uphuzekhemisi) wadubuleka esiphongweni.