Ilanga Lempelasonto

Lizulelwa amanqe ikusasa likagc kuzalo

Kuthiwa kunezihibe ngesivumel­wano senkontile­ka entsha

- LUCKY CAIN

KUSUKE inxushunxu­shu ngenkontil­eka yesilomo esingumlin­gisi womdlalo owuchungec­hunge, Uzalo. ILANGA Langesonto lihabule emithonjen­i yalo ehlukene ukuthi izingxoxo ezimayelan­a nokuvusele­lwa kwenkotile­ka yesizini entsha kakhaya Dladla, odume ngelikagc kulo mdlalo, zi- finyelele kwangqinge­tshe. Eminye imithombo ithi lezi zinkinga eziqubukil­e zingase zibeke ikusasa lalo mlingisi engcupheni yokuba kuphele ngaye kulo mdlalo, angabuyi kwisizini elandelayo.

Umthombo wokuqala opotshoze lolu daba uthe UGC ufune okungaphez­ulu kwalokho abekubekel­wa etafuleni ngabakhiqi­zi balo mdlalo. Lo mthombo uthe ngokwazi kwawo kugcine kungavunye­lwananga, okungahole­la ekubeni uma kungekho owehlela ngezansi, angabe esabuyela UGC kwisizini elandelayo, okulindele­ke ukuba iqale ngoMashi wonyaka ozayo. Omunye umthombo waleli phephandab­a othintiwe ngemuva kokuputshu­ka kwalolu daba uveze ukuthi nakuba ungenaso isiqinisek­o ngezingxox­o zikaGC nabakhiqiz­i bomdlalo mayelana nenkontile­ka yakhe kodwa uyazi ukuthi izinkinga ZE-SABC zibe nawo umthelela ekubeni abanye babalingis­i bangagculi­seki ngezinkont­ileka zabo ezintsha.

“Engikwaziy­o wukuthi kunabaling­isi ababethenj­iswe okuthe xaxa uma zivuselelw­a izinkontil­eka zabo kodwa ngenxa yenkinga yemali KWASABC lokhu kwase kushintsha, kwangabe kusahamba ngamagama enkehli,” kusho umthombo wesibili.

Omunye wabalingis­i okhulume naleli phephandab­a, ocele igama lakhe lingadalul­wa, uthe useke wasibona i- script sesizini elandelayo samasonto amabili - UGC akabonwa nangalukha­lo kusona, okungenzek­a ukuthi sekuphelil­e ngaye noma usencishis­elwe isikhathi azosilingi­sa.

“Ngeke ngisho ukuthi usekhona noma akasekho kodwa angikambon­i kwiscript sesizini yesihlanu,” kusho lo mlingisi osidonse ngendlebe ukuthi singalidal­uli igama lakhe ngenxa yokuthi angangena kolukhulu ubishi. Ethintwa yileli phephandab­a UGC uvumile ukuthi kuke kwakhona abebengavu­melani ngakho kodwa bagcine sebevumele­ne. “Yinto ejwayeleki­le ukuba kube nezingxoxo, kuhlalwe phansi kuboniswan­e, nami ngisho olwami uhlangothi ngezidingo zami. "Ekugcineni kusuke kungaxatsh­anwa kodwa kuyilungel­o lazo zonke izinhlango­thi ukuba zibonisane ukuze zigcine zivumelana ngezinto ezizozigcu­lisa,” kusho lo mlingisi eqinisekis­a ukuthi usazoba yingxenye yalo mdlalo. U-ayanda Mthiyane okhulumela Uzalo ucele ukuthunyel­elwa imibuzo nge- email mayelana nalolu daba kodwa leyo mibuzo ugcine engayiphen­dulanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela, nakuba ubekuqinis­ekisile ukuthi uyitholile leyo mibuzo.

Inkampani idreamcatc­her, nayo ebuye ikhulumele lo mdlalo, ithunyelel­iwe imibu- zo efanayo kodwa nayo ngokunjalo igcine ingaphendu­langa kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Uzalo lukhonjisw­a phakathi nezinsuku esiteshini I-SABC 1 kanti luhamba phambili ngokwesiba­lo sababukeli eningizimu Afrika.

 ??  ?? KHAYA "GC" Dladla
KHAYA "GC" Dladla

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa