Ukhaliswa yisihluku ekhishwa emishini
Uthi kuzimuka ikhanda njengoba nezingane zifunda isikole
UTHI akayi ndawo umengameli wamaluthela ngaphansi kwesekethe yakwanodwengu, Olundi, onikwe incwadi 'kaphumaphele' emishini, ayiphethe. Incwadi uyibhalelwe ngunobhala wesifunda, umfu Themba Khathi, wasemphumulo, okubikwa ukuthi naye usephelelwe yisikhathi ngenxa yeminyaka yakhe yobudala.
Udean Nicholas Nkosana Ndaba, uthi uzizwa ehliswe isithunzi ngunobhala webandla Kwazulu-natal, umfu Khathi, ngokumthumelela incwadi emnqumela ugwayi katiki ukuba aphume aphele nomndeni wakhe emishini ahlala kuyona.
“Ngithole incwadi elethwe kimi ngelinye lamalungu ebandla ivela kumfu Khathi ngolwesibili, ilotshwe ukuthi nginqunyelwa izinsuku eziwu-7 ukuba ngiphume nomndeni wami kule mishini.
"Okungixakayo wukuthi akukho sizathu esibekiwe kule ncwadi, futhi umthetho webandla lamaluthela esiwaziyo ubeka ukuthi makube yidiocese noma umbhishobhi othatha isinqumo sokuxosha umengameli, hhayi unobhala,” kusho umfu Ndaba ngomoya ophukile.
Uthi emndenini wakhe kunabantwana ababili abasafunda isikole, le ncwadi imfikela nje, umatasa namalungiselelo okubuyela kwabo esikoleni.
Utshele ILANGA Langesonto ukuthi udaba uselufake kubameli bakhe ngoba akenelisekile ngendlela umfu Khathi enze ngayo ekhombisa ukungamcabangeli nokungabi nomoya wesonto.
Ebuzwa ukuthi ngabe kukhona yini akwaziyo okungenza umfu Khathi enze lesi senzo, uthe asakukhumbula wudaba olwenzeke nyakenye lapho amiswa khona emsebenzini ngokuthinteka kwakhe odabeni lwamakholwa ake amangalela ibandla enkantolo. “Kuthe ngolwezi (November) nyakenye ngathola ucingo luvela kuye umfu Khathi ebuza ukuthi angifikanga ngani emhlanganweni lapho bekubhungwa khona ngokumiswa kwethu emsebenzini.
"Ngamtshela ukuthi akangibizanga, wathi yena kulungile uzongibhalela incwadi aphinde angazise usuku olunye njengoba esengibhalela incwadi enesihluku kangaka,” kuphetha umfu Ndaba ngomoya ophansi.
Kwenzeka lokhu nje, ihhovisi lakomkhulu lamaluthela emphumulo, Kwamaphumulo, lisanda kuhlangabezana nembibizane yokubuyiselwa emsebenzini kukamfu Thokozani Sibiya, owayekiswa umsebenzi ngendlela engacacile, kodwa inkantolo yamacala ezisebenzi ethekwini, yambuyisela esikhundleni sakhe sokuba ngunobhala wekwazuluNatal, okumanje kuhleli kusona umfu Khathi.
ILANGA Langesonto likhulume naye umfu Sibiya, waziqinisekisa izindaba zokuthi isinqumo senkantolo sivune yena, yanquma ukuba abuyele emsebenzini emphumulo ngomhla ka-5 kwephezulu, kodwa wathi uma efika ngomhla ka-9 kwephezulu wafica amahhovisi evaliwe, kukhala ibhungane.
“Ngishayele umbhishobhi ucingo ngamazisa ngesinqumo senkantolo, wasizwa, ngaphinde ngafika mhla ka-9 kwephezulu, angificanga muntu, kepha singenile namakholwa senza umkhule- ko. Engikuzwe emoyeni engingenasiqiniseko sakho, ukuthi akukavulwa, ngizokwaziswa ukuthi kuvulwa nini ngiqhubeke nomsebenzi wenkosi,” kuphetha umfu Sibiya.
Umbhishobhi ophethe ibandla lamaluthela jikelele kuleli nasemazweni angomakhelwane, ubishop Absalom Mbuyazwe Mnisi, uvumile ukuthi uyalwazi udaba lokubuyiselwa kukamfu Sibiya esikhundleni sakhe nolukamfu Ndaba, wathi: “Udaba lukamfu Sibiya silusingethe, uzobuyela emsebenzini uma sivula.
"Sisenza amalungiselelo okuba emukelwe kahle, kuthi nosabambile esikhundleni sakhe, avaleliswe kahle esemkhombise kahle zonke izikhiye namabhuku ebandla.
"Olukamfu Ndaba salubhunga siwumkhandlu webandla, sambiza kabili ukuba eze kuzolalelwa udaba lwakhe, akezanga, sabona ukuthi akabahloniphi abaholi bakhe, nalowo esimbeke ukuba abambe, sabe sesithatha isinqumo sokumyekisa umsebenzi.”
Kuningi okubonakala konakele kuleli bandla - abanye bathi izinto ziyolunga uma sekuhambe ubuholi obukhona njengamanje, kanti abanye bathi akuthelelwane amanzi, kukhonzwe inkosi, osekwenzekile kudlulwe kukho. knowledge.simelane@ilanganews.co.za