NGAPHANDLE KWENKUNDLA MFANAFUTHI NDLOVU
UMDLALI wasesiswini wamazulu FC, umalesela Augustine Ramphele (25), ugcizelela ukuthi akasoze amkhohlwa usiyabonga “Bhele” Nomvethe ongumgadli wale kilabhu ngokumphendlela indawo kuyona.
Lo mdlali odabuka etembisa, egoli, uthi ukuba unomvethe akazange ameluleke ukuba azojoyina usuthu cishe ngabe usashiya phansi kunobhutshuzwayo.
Uthi wathintwa yibhele umqondo wakhe usadungekile ngemuva kokugencwa yizembe kwemoroka Swallows kwinational First Division (NFD).
Ujoyine usuthu lusacijwa nguJoey Antipas wasezimbabwe. Lo mdlali uqale amabanga aphansi ebirch Acres waphothula u- matric enorkem Park High School ngo2011.
Enorkem Park ufunde nenqwaba yabadlali abagijima kwiAbsa Premiership kubalwa udiamond Thopola we-orlando Pirates, umzikayise Mashaba obegijima kwimamelodi Sundowns nompho Maruping odlala kwifree State Stars. Uthando lwebhola lumngene kakhulu ngesikhathi ejoyina isupersport
United
Academy isacijwa ngukwanele
Kopo.
Usuke
kwisupersport wayodlalela i-atlie FC ebiphethwe ngutha- bo Mathamela owathenga isitifiketi senathi Lions sokudlala kwinfd. Ngemuva kokugencwa yizembe kweAtlie, ujoyine Amabee ngaphambi kokujoyina iswallows. Uramphele usanda kuphothula izifundo zakhe zelogistics e-university of Johannesburg (UJ).
Ingxoxo karamphele NELANGA Langesonto ( I/ L) ngempilo yakhe yangaphandle kwenkundla ihambe kanje:-
I/ L: Usichitha kanjani isizungu?
Ramphele: Ngikhonze ukuzihlalela endlini kumbe ngiyozidlalela iplaystation nabangani bami. Engijwayele ukuhlala nabo nguSamuel Darpoh nothembela Sikhakhane asebaba ngabafowethu.
I/ L: Ngabe sewuganiwe?
Ramphele: Cha, kodwa ukhona umuntu engiphilisana naye. Nokho kangifuni ukumgagula ngegama.
I/ L: Uyakwazi ukupheka?
Ramphele: Ngeke ngivume ukuthi ngiyakwazi noma kangikwazi. Selokhu ngifike ethekwini ngiyazama kancane. Ngikhonze ukudla i-pasta ne- mincemeat. Phela ngiyazama ukucophelela ukuthi ngifaka ukudla okunjani emlonyeni kwazise uma ungumdlali kumele uyiqikelele into oyidlayo.
I/ L: Iyiphi indawo yokudla oyikhonzile? I/ L: Ramphele: Ramphele: kwethu ngudina, kube yimina, kube ngujoey, kulandele ukhomotso bese kugcina ujudy. Sizalwa nguJosephina nosimon Ramphele obengumsubathi ovelele esikhathini esedlule egijima nobruce Fordyce kwicomrades Marathon. Bobabili abazali bami basaphila.
I/ L: Yisiphi isipho esimqoka osewake wasipha abazali bakho?
Ramphele: Ngibenzele imicimbi ngokwahlukana behlanganisa iminyaka engu-50 bafika emhlabeni.
I/ L: Yiliphi izwe ofisa ukulivakashela?
Ramphele: Yisegreece ngenxa yobuhle bayo. Nokho nethailand ngiyayithanda kwazise ngiyazifela ngokuhambela izindawo ezahlukene.
I/ L: Ukhona usaziwayo okhule uzifela ngaye?
Ramphele: Ngumeagan Good (ongumlingisi wase-usa). Phela yinhle ngendlela eyisimanga leya ntokazi.
I/ L: Usalukhumbula usuku lwakho lokuqala uqabula umuntu wesifazane?
Ramphele: Ngisakhumbula kahle, ngangifunda ugrade 5 ngaleso sikhathi. Nokho ngangesaba kwazise wayemuhle kakhulu umuntu wesifazane esasiqabulana naye.
I/ L: Yikuphi okokuqala okwenzayo uma uvuka ekuseni?
Ramphele: Ngiyathandaza kwazise ngiphuma ekhaya elikhonzayo. Njengoba ngisethekwini nje, ngigcine sengithanda ukuya e-olive
Three Church ekuflorida Road, emorningside. Ukuya khona ngakufundiswa ngabangani bami ebesijima nabo evirgin Active emoses Mabhida Stadium.
I/ L: Yimuphi umculi omuthandayo?
Ramphele: Ngithanda ihillsong Worship United yase-australia kanti kuleli ngichazwa ngubabo Ngcobo.
I/ L: Uthanda uhlobo olunjani lwemoto?
Ramphele: YIBMW M5 kumbe imercedez Benz ic63.
I/ L: Uyawathanda yini ama- tattoo angenisile entsheni yakuleli?
Ramphele: Kangiwakhonzile nokho kangimsoli umuntu onawo. Kodwa-ke kowami umzimba ngeke nangengozi ngiyidwebe.
I/ L: Yikuphi ofisa ukukwenza uma usubeke amakhokho ethala?
Ramphele: Wukuqala ibhizinisi lezindlu kanye nelelogistics. Isifiso sami esikhulu wukulungiselela lesi sikhathi ukuze sifike sengimi ngomumo.
I/ L: Yimuphi umehluko okhona phakathi kwabafana basegoli nabasethekwini?
Ramphele: Abafana basethekwini bakhonze impilo emnandi ekhululekile kanti abasegoli bathanda izinto ezisheshayo empilweni.
I/ L: Yisiphi isiqiwi osithandayo kosuke wazihambela?
Ramphele: Yisafari Lion Park, ukubona amabhubesi yinto engiyithanda kakhulu.
I/ L: Hlobo luni lwesiqholo osithandayo?
Ramphele: Yichristian Dior, inginukela kamnandi.
I/ L: Ukhona yini ezinkundleni zokuxhumana?
Ramphele: Ngikwifacebook nakwiwhatsapp engiyisebenzisa kakhulu ukuxhumana nabantu basekhaya.
I/ L: Yimuphi umbala owuthandayo?
Ramphele: Ngoluhlaza okwesibhakabhaka.
I/ L: Yiliphi ikhokho olithandayo?
Ramphele: Yinike Mercurial Vapor yize kudala bengizifela ngecopa Mundial yakwa-adidas.
I/ L: Yimuphi umdlali omthandayo kwi-absa Premiership?
Ramphele: Ngusiyabonga Nomvethe engifunde lukhulu kuyena kanti phesheya ngichazwa ngulionel Messi wase-argentina ogijima kwibarcelona yasespain.
I/ L: Uthini umbono wakho ngokusetshenziswa komuthi ebholeni?
Ramphele: Kangiwexwayi mina yinqobo nje uma usuke ungeke uphazamise impilo yomunye umuntu. Uma uzokwazi ukusivikela kanginankinga nawo.
I/ L: Sithini isiyalo sakho kubafundi abafeyile umatikuletsheni?
Ramphele: Emhlabeni kawukho umgodi wokulahla umuntu ngakho kumele babuyele emuva bayofunda. Baningi asebeke bafeyila kodwa bazithintitha konke kwalunga. Kumele basebenze kanzima ukufeza amaphupho abo. Imfundo imqoka kakhulu.