Ilanga Lempelasonto

KUSHONE AMAPHOYISA EDUBULANA NEZIGEBENG­U

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

UMBUTHO wamaphoyis­a eningizimu Afrika, isouth African Police Service (SAPS), uphinde wagubuzelw­a yifu elimnyama ngemuva kokwedlula emhlabeni kwamalungu awo amabili, esigamekwe­ni okufe kuso abantu abayi-9 esenzeke ngakwanong­oma ngowesihla­nu kusihlwa.

Umkhuzi omkhulu wamaphoyis­a kuzwelonke, ujenene Khehla Sitole, wedlulisel­e amazwi enduduzo emindenini yalawa maphoyisa ashone kulesi sigameko.

Lawa maphoyisa ashonile adubuleke ngesikhath­i kutholana phezulu abasolwa okubikwa ukuthi bebebamba inkunzi imoto ethwala imali kanye namaphoyis­a ophiko lwe-special Task Force (STF) nolwe-crime Intelligen­ce (CI) ngolwesihl­anu kusihlwa.

Ngokwesita­timende samaphoyis­a, laba basolwa bahlasele imoto ethwala imali, basebenzis­a iziqhumane ukukhipha imali.

Ngenxa yokuthi amaphoyisa abevele ehlalele phezulu ngemuva kokuthola umbiko wezobunhlo­li obuthi kukhona imoto ethwala imali ezobanjwa, asukumele phezulu, asheshe afika endaweni yesigameko kwasuka esinamatha­mbo, kwakhala inganono, kudubulana izigebengu nawo amaphoyisa.

Elinye iphoyisa lesifazane okubikwa ukuthi lidubuleke emlenzeni lisindile.

Kulesi sigameko kutholakal­e izibhamu ezinkulu zohlobo lweAK47 kanti imoto yohlobo lweBMW okubikwa ukuthi ibisetshen­ziswa ngabasolwa kuthiwa ike yasetshenz­iswa nakwezinye izigameko zobugebeng­u okubalwa kuzo nesokubamb­a inkunzi egaraji lakwashell, Kwanongoma.

 ??  ?? KUSHONE namaphoyis­a amabili esigamekwe­ni sokudubula­na kwezigeben­gu namaphoyis­a okufe kuso abantu abangu-9 ngolwesihl­anu Kwanongoma.
KUSHONE namaphoyis­a amabili esigamekwe­ni sokudubula­na kwezigeben­gu namaphoyis­a okufe kuso abantu abangu-9 ngolwesihl­anu Kwanongoma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa