Ilanga Lempelasonto

U-ANELE AKAZISOLI NGOKWESEKA UTHISHA

- AYANDA BUTHELEZI

USAZIWAYO ongumethul­i wezinhlelo, u-anele Mdoda ( osesithomb­eni), uthi akajiki emazwini akhombisa ukuba sohlangoth­ini lukathisha obesemathe­ni waseSans Souci Girls’ High School, ecape Town, okuvele i- video yakhe esakaza ngempama umfundi kaGrade 9 ngemuva kokuhilizi­sana ekilasini.

Selokhu isabalele kusuka ngoLwesith­athu le video isibe ngundabaml­onyeni, abanye bevuna uthisha, abanye bevuna umfundi, kanti kukhona ababagxeka bobabili ngalesi senzo.

U-anele uthe akusiwo umsebenzi wothisha ukufundisa izingane ukuziphath­a kodwa lokhu kumele zikufunde ekhaya.

“Umsebenzi wothisha wukuzipha ulwazi lwemfundo, hhayi lokuziphat­ha. Nalokho bazokwenza kanjani uma zisalibele wukunaka izingcingo kunokufund­a? Hhayi babhekene nengwadla othisha! Ngebhadi lokhu esikubona kusabalala ezinkundle­ni zokuxhuman­a kuncane kunalokhu okwenzeka ngaphandle nasezikole­ni.”

Uthi akekho amvunayo kulesi sehlakalo kodwa iqiniso limile ekutheni umfundi bekumele kube khona okumkhumbu­zayo ukuthi uthisha mdala kunaye futhi kumele amhloniphe.

Kule video kubonakala uthisha nalo mfundi behilizisa­na ngenxa yebhuku. Kubonakala lo thisha ephuca umfundi umakhalekh­ukhwini wakhe, embuza ukuthi uwuphathel­eni ngoba lokhu kuphambene nomthetho wesikole.

Kube sekuqala impi yamazwi okugcine ngokuba lo thisha amxoshe lo mfundi ethi makaphume ekilasini kodwa wagoloza, wakhipha igama eliyinhlam­ba. Lo thisha uzwakala embuza ukuthi “ngabe uyangithuk­a? Ukhuluma ulimi engingaluz­wa ekilasini lami?”

Uthisha ube esekhuluma ngesiBhunu ephusha itafula ekhulumela ebusweni balo mfundi. Nomfundi ube eseliphush­ela kuthisha itafula wasukuma eqonde ngqo kuyena.

Kuthe lo mfundi esathi usikaza uthisha, kwaqhuma ulabhabha wempama evela kuthisha, kwamemeza abafundi ekilasini. Uthisha nomfundi bamisiwe esikoleni kanti bazobhekan­a nokuqondis­wa ubugwegwe.

Bheka ikhasi 12

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa