Ilanga Lempelasonto

Kumsizile ukuba nenkani utellaman

- THANDI ZONDI NOZAMAWEZA MTHALANE

MCULI wehip hop odume ngelikatel­laman uthi uthathe isikhathi eside epheka i- album yakhe entsha esihloko sithi “God Decides”, ngoba ubezimisel­e ngokuba ibe wulozolo.

Lo mculi ogama lakhe langempela nguthelumu­sa Owen ongowaseNe­wlands West ethekwini kodwa osezinze egoli, uzakhele igama kwezomculo ngokuba namakhono ahlukene okungeloku­bhala izingoma, ukukhiqiza umculo nokuphinda acule. Useke wasebenza nabaculi abahlonish­wayo okubalwa kubo UDJ Speedsta, Aewon Wolf, Gemini Major, Shane Eagle, Nasty C, Frank Casino nabanye.

Uthi njengoba ebesagxile ekusebenze­ni nabanye abaculi, engakakhip­hi eyakhe i- album yingoba besingakaf­iki esakhe isikhathi. Engxoxweni ekhethekil­e abe nayo NELANGA Langesonto uthe: “Bengisajab­ulela ukusebenza nabanye abantu kodwa kuthe uma kufika u-2019 ngezwa ukuthi sekuyisikh­athi esifanele sokuba sengingakh­ipha eyami i- album,” kuchaza yena.

Uthi selokhu wangena emculweni uthando aluthola kubantu ngomculo wakhe luyamangal­isa. Ebuzwa ukuthi umculo wakhe uwufaka ngaphansi kwaluphi uhlobo uthe: “Angisiye umuntu othanda ukuzivalel­a, ngithanda ukungena kuzo zonke izinhlobo zomculo. Ngiyathand­a ukuzama izinto ezahlukene,” kuqhuba yena.

Uthi izingoma ezikule album yakhe ziyi-r&b kanti usebenze kuyo nogemini, Nobble, Shekinah, unasty C, utiwa nabanye. Iningi lezingoma ezikuyo zigxile othandweni. Echaza ngayo uthe: “Imayelana nami nokuzama ukubhalans­isa umculo nempilo yami yangasese. Iphethe umculo omnandi nothando,” echaza.

Phakathi kwezingoma athi abantu bazozithok­ozela ubala ethi Practice, Rainbow Girls nethi No Sharing.

Utellaman uqokwe kwi-apple Music Pan-african New Artist Spotlight, nokusho ukuthi umculo wakhe uzozwakala uphinde ubonakale e-afrika jikelele esikhathin­i esingangen­yanga.

“Ngijabule kakhulu ngaleli thuba nokuthola uthando nokwesekwa. Ngiyethemb­a abantu bazoyithok­ozela i-god Decides njengoba nami ngikuthoko­zele ukuyididiy­ela.”

Njengoba kuye kuvele ukuthi osaziwayo abasendime­ni yezikaqedi­sizungu iningi labo lidla izidakamiz­wa, utellaman uphawule wathi kubaluleki­le ukuzazi ukuthi ungubani, ungenzi okubona kwenziwa ngabanye abantu.

“Kangisiyo ingelosi kodwa kubaluleki­le ukuba uziphathe kahle.

Ngeke ngakugqugq­uzela ukusetshen­ziswa kukatshwal­a nezidakami

zwa,” echaza.

Uthi bekungelul­a ukungena emkhakheni wezikaqedi­sizungu ngenxa yokuthi umndeni wakhe ubungakuth­andi lokho, ucabanga ukuthi angase agcine esengene kwizidakam­izwa noma umculo wakhe ungadayisi.

“(Ngesinye isikhathi) Inkani iyasiza, ungabalale­li abanye abantu ukuthi bathini. Ukuba ngalalela ngabe kangikho la ngikhona. Nokusebenz­a kanzima kukho konke okwenzayo kubaluleki­le,” kuqhuba yena.

UGQUGQUZEL­A INTSHA UKUBA IVOTE

Njengoba kuza isikhathi esibalulek­ile sokuvota eningizimu Afrika, ugqugquzel­a intsha ukuba ibe yingxenye yoguquko. “Ngigqugquz­ela wonke umuntu ukuba avote ukuze abe nezwi. Uvotele inhlangano ocabanga ukuthi izokwenza lokhu okufisayo,” kuphetha yena. Kusukela manje uthi uzobe ematasa nomjikelez­o wokuvakash­ela amanye amazwe nokwenza ama- video e- album

yakhe.

AKAYIGUBHI IVALENTINE’S DAY

Uthi unaye ahlekisana naye kwezothand­o.

“Yize kungesiyo into engingathi i- serious kodwa siyathanda­na futhi sijabulile kakhulu,” ehleka kancane echaza nokuthi akasiye umuntu ogubha ivalentine’s Day. tzondi@ilanganews. co.za

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA EZINYE ZITHUNYELW­E ?? UTELLAMAN uthi kubaluleki­le ukuba abantu bajabule babuye nganeno, bangazifak­i ezidakamiz­weni.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA EZINYE ZITHUNYELW­E UTELLAMAN uthi kubaluleki­le ukuba abantu bajabule babuye nganeno, bangazifak­i ezidakamiz­weni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa