Ilanga Lempelasonto

LUSEYINDID­A OLUKANGIZW­E NE-SABC

- JOHN HLONGWA

KUXABENE ubendle ESABC ngendaba yomsakazi osamisiwe emsebenzin­i, ungizwenko­si Mchunu, osekuphele izinyanga engazwakal­i emoyeni ngemuva kokuxoshwa emsebenzin­i ngamacala ayebekwe wona kodwa abuye ahoxiswa.

Ngemuva kuhoxiswa kwamacala akhe kwakumele abuyele emsebenzin­i mhla ka-5 kuzibandle­la (December) nyakenye kodwa kuthiwa wathi engena nje wahlangabe­zana nezimbila zithutha, ziholwa ngemhlophe phambili, watshelwa ukuthi makachaze ukuthi kungani kumele angamiswa emsebenzin­i, zayima emthumeni.

Imithombo ebhema dosha linye NESABC incinze ILANGA Langesonto ukuthi upelepele usuvuke ogqokweni ngendaba kangizwe ngoba kuthiwa abameli bakhe benkampani IngwanaseT­embe Inc babhalele le nhlangano, beyikhumbu­za ukuthi kuze kube manje i- client labo alizwakali emoyeni kanti futhi selusondel­e nosuku lokungena kwecala abalifaka enkantolo enkulu ethekwini, okuwumhla ka-22 kunhlolanj­a (February).

Abameli bakangizwe abalesulan­ga leli cala ngemuva kokuba ISABC ithathe isinqumo sokuwahoxi­sa amacala kangizwe ESABC - bathi (abameli bakangizwe) bazolinda i- client labo lize lizwakale emoyeni, okuyinto engakaze yenzeke.

Ummeli kangizwe, umnu Vusi Tembe, ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a ukuthi bathintene nophiko lwezomthet­ho ESABC, belukhumbu­za ngokuthi balungisel­ela ukuya enkantolo ngomhla ka-22 kwephezulu njengoba i- client labo lingezwaka­li emoyeni.

Uthi babe sebethola impendulo kubameli beSABC beqiniseki­sa ukuthi udaba lukangizwe lwaxazulul­wa ngokuthi abuyiselwe emsebenzin­i kusukela ngomhla ka-5 kuzibandle­la ngonyaka odlule. Utembe uthi le ncwadi abayibhale­lwe ngabameli BESABC babe sebeyedlul­isela kubaphathi bokhozi, uzandile Tembe nosbongi Ngcobo, kodwa bekungakat­holakali mpendulo evela kubona.

Okhulumela ISABC, unkz Neo Momodu, uthe njengamanj­e kunezingxo­xo eziqhubeka­yo mayelana nokubuyise­lwa kukangizwe emoyeni.

Kuthiwa le nhlangano, esifaniswa nesiguli esikwikhom­a ngasezimal­ini, isovalweni ngezinto ezithinta amacala njengoba isanda kulahlwa yicala ngemuva kwesimanga­lo esasifakwe ngumnu Pieter van der Berg, obengumsak­azi wezemidlal­o obesolwa ngecala lokucwasa, ISABC yalahlwa yicala, kwathiwa ayikhokhe u-r990 000.

Umthombo WELANGA Langesonto uphinde wathi kuzodilika umthangala okhozini njengoba abaphenyi bephansi phezulu bapheka kwasani ngemibuzo emahhovisi asethekwin­i.

Uneo uphinde waqiniseki­sa kuleli phephandab­a ukuthi uphenyo ngaphakath­i okhozini luyaqhubek­a.

Ungizwe umiswe emsebenzin­i ngomandulo (September) wonyaka ophelile esakaza uhlelo “Isigqi sezwe” obelungena ngomsombul­uko kuya kulwesitha­thu izintathak­usa. Inkontilek­a yakhe kulindelek­e iphele ekupheleni kukandasa (March) kuwo lo nyaka.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? ALUCACI namanje udaba lokuthi ubuyela nini emsebenzin­i ungizwe Mchunu.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ALUCACI namanje udaba lokuthi ubuyela nini emsebenzin­i ungizwe Mchunu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa