LUSEYINDIDA OLUKANGIZWE NE-SABC
KUXABENE ubendle ESABC ngendaba yomsakazi osamisiwe emsebenzini, ungizwenkosi Mchunu, osekuphele izinyanga engazwakali emoyeni ngemuva kokuxoshwa emsebenzini ngamacala ayebekwe wona kodwa abuye ahoxiswa.
Ngemuva kuhoxiswa kwamacala akhe kwakumele abuyele emsebenzini mhla ka-5 kuzibandlela (December) nyakenye kodwa kuthiwa wathi engena nje wahlangabezana nezimbila zithutha, ziholwa ngemhlophe phambili, watshelwa ukuthi makachaze ukuthi kungani kumele angamiswa emsebenzini, zayima emthumeni.
Imithombo ebhema dosha linye NESABC incinze ILANGA Langesonto ukuthi upelepele usuvuke ogqokweni ngendaba kangizwe ngoba kuthiwa abameli bakhe benkampani IngwanaseTembe Inc babhalele le nhlangano, beyikhumbuza ukuthi kuze kube manje i- client labo alizwakali emoyeni kanti futhi selusondele nosuku lokungena kwecala abalifaka enkantolo enkulu ethekwini, okuwumhla ka-22 kunhlolanja (February).
Abameli bakangizwe abalesulanga leli cala ngemuva kokuba ISABC ithathe isinqumo sokuwahoxisa amacala kangizwe ESABC - bathi (abameli bakangizwe) bazolinda i- client labo lize lizwakale emoyeni, okuyinto engakaze yenzeke.
Ummeli kangizwe, umnu Vusi Tembe, ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi bathintene nophiko lwezomthetho ESABC, belukhumbuza ngokuthi balungiselela ukuya enkantolo ngomhla ka-22 kwephezulu njengoba i- client labo lingezwakali emoyeni.
Uthi babe sebethola impendulo kubameli beSABC beqinisekisa ukuthi udaba lukangizwe lwaxazululwa ngokuthi abuyiselwe emsebenzini kusukela ngomhla ka-5 kuzibandlela ngonyaka odlule. Utembe uthi le ncwadi abayibhalelwe ngabameli BESABC babe sebeyedlulisela kubaphathi bokhozi, uzandile Tembe nosbongi Ngcobo, kodwa bekungakatholakali mpendulo evela kubona.
Okhulumela ISABC, unkz Neo Momodu, uthe njengamanje kunezingxoxo eziqhubekayo mayelana nokubuyiselwa kukangizwe emoyeni.
Kuthiwa le nhlangano, esifaniswa nesiguli esikwikhoma ngasezimalini, isovalweni ngezinto ezithinta amacala njengoba isanda kulahlwa yicala ngemuva kwesimangalo esasifakwe ngumnu Pieter van der Berg, obengumsakazi wezemidlalo obesolwa ngecala lokucwasa, ISABC yalahlwa yicala, kwathiwa ayikhokhe u-r990 000.
Umthombo WELANGA Langesonto uphinde wathi kuzodilika umthangala okhozini njengoba abaphenyi bephansi phezulu bapheka kwasani ngemibuzo emahhovisi asethekwini.
Uneo uphinde waqinisekisa kuleli phephandaba ukuthi uphenyo ngaphakathi okhozini luyaqhubeka.
Ungizwe umiswe emsebenzini ngomandulo (September) wonyaka ophelile esakaza uhlelo “Isigqi sezwe” obelungena ngomsombuluko kuya kulwesithathu izintathakusa. Inkontileka yakhe kulindeleke iphele ekupheleni kukandasa (March) kuwo lo nyaka.