Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

IZELULEKO zabanye abantu kukhona lapho zingakwakh­a khona. Ubudlelwan­o bakho budinga ukuba uqaphele ngisho izinto ezincane abanye abangazina­kile. Uzama ngawo wonke amandla ukulandela izinhlelo zokonga.

ARIES

QAPHELA ungaziboph­ezeli kakhulu kumuntu ongakunaki­le. Kugweme ngawo wonke amandla ukungaboni ngaso linye phakathi kwakho nabathile. Leli yisonto lokucubung­ula kahle izinhlelo zakho.

TAURUS (April 20-May 20)

UMA ulindele izinkinga, zizoqhamuk­a vele. Kumele uqonde ukuthi amehlo akho azokubonis­a lokho ofuna ukukubona. Kuzodingek­a uqale isahluko esisha empilweni yakho. Maningi amathuba okubona uthando lwakho luvutha.

GEMINI (May 21-June 21)

UNGUMUNTU okholelwa kakhulu kulokho okutshelwa yingqndo yakho. Isikhathi siyakuvuma ukuba ulungise zonke izinkinga obungazixa­zululile. Uqaphela ngisho izinto ezincane ezishiwo ngabanye kuwena.

CANCER

AMAPHUPHO onawo makhulu kakhulu. Ukucabanga ngokusabal­ala kuzoletha ithemba empilweni yakho. Ikhono lakho livame ukuba nomvuzo omuhle kakhulu. Umdlandla wakho kumele ungawuvume­li ushone phansi.

LEO (March 21-April 19) (July 23-August 22)

CABANGA kakhulu ngezinhlel­o ezizokwakh­a zikubeke kwelinye izinga. Kumele uzame uhluleke kunokuhlul­wa ukuzama. Kukhona okuhle ongakufund­a kweminye imizamo yakho. Ungacabang­i ngodumo, kodwa cabanga kakhulu ngamagalel­o onawo, udumo luzokuland­ela.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

ZIBEKELE imigomo ozoqikelel­a ukuthi usebenza ngaphansi kwayo. Abanye bazomangal­a ngendlela owenza ngayo izinto. Ungachithi isikhathi, gxuma uhlale kulokho okumele ukwenze. Ukuzikhand­la kungaletha imiphumela emihle.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

IZINKINGA obhekene nazo zidinga isineke ukuze zixazulule­ke kahle. Ungalinge ulahle ithemba empilweni noma ngabe izinto azisheshi ngendlela ofisa ngayo. Amagalelo onawo emkhakheni okuwona azokulethe­la ukuhloniph­eka.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

IMICABANGO ejulile kumele ikulethele imiphumela emihle kakhulu. Kukhona izinguquko okumele uzilindele empilweni yakho. Okuzabalaz­elayo manje ukwenza izinguquko ebudlelwan­eni bakho.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

Qaphela, ungenzi izinto ezingakuda­lela amazinyo abushelele­zi. Ungalinge wethembe noma ngubani ngoba ungazithuk­a usuxhaphaz­eka. Okuzomele ukwenze yilokho okholelwa kukhona futhi ube nesiqinise­ko sokuthi kunemiphum­ela.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

KUNGENZEKA uphoqeleke ukuba eminye imisebenzi uthi ukuyimisa kancane. Kufanele wazi ukuthi ubunzima yinto yesikhasha­na, efika idlule.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UKUZETHEMB­A kusemqoka kunoma yini oyenzayo kanye noyihlelay­o. Zonke izinkinga obhekana nazo kumele ulwele ukuzixazul­ula ngendlela enokuthula. Unesiqinis­eko sokuthi ikusasa lakho liqhakazil­e kakhulu.

PISCES (Feb 19-March 20)

KONKE okukhuluma­yo kumele uqikelele ukuthi akususi umsindo. Kukhona okungeke kuhambe njengokuhl­ela kwakho. Indlela osebenzisa ngayo imali idinga ukuqashelw­a kakhulu. Kukhona izimo okungelula ukuziqonda okwamanje.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa