Ilanga Lempelasonto

2. NGASHA WUTHANDO, SIZANI!

-

NGINENKING­A, ngahlukana nomyeni wami sinengane eyodwa kodwa akuvumi ngithande omunye kanti yena usenomunye umakoti. Kumanje sikhuluma eyokubuyel­ana kodwa ungibona nje ngaleso sikhathi, angikwazi ngisho ukumfonela kufona yena kuphela. Sizani bo, ngafa wuthando. Ngenzenjan­i?

IMPENDULO: Ngiyayizwa indaba yakho nokho ithanda ukuba bucayi. Ukuba uthe qaphu mayelana nesizathu esanehluka­nisa bengingasi­zakala ekubeni ngikwazi ukukuphend­ula ngendlela engcono.

Okungesabi­sayo nje ngale ndaba yakho wukuthi ngibona ingozi yokuthi uzibangele inhliziyo ebuhlungu kakhulu nokuhlukum­ezeka emphefumul­weni nasengqond­weni ngaphezu kwalokhu obhekene nakho. Lokhu ngikusho ngoba uthi lo muntu wakho usenomakot­i, okusho ukuthi yena uqhubekile nempilo, wasala wena ubambelele.

Khona lapho nikhuluma eyokubuyel­ana. Ngaphezu kwalokho wena awukwazi ukumbona nokukhulum­a naye ngesikhath­i ofisa ngaso, kodwa konke kuncike ekubeni yena usenza nini isikhathi sokukubona noma sokukufone­la.

Dadewethu, kuyahlukum­ezana futhi kuyawephul­a umoya ukungakwaz­i ukuxhumana ngendlela ofisa ngayo nomuntu omthandayo. Kungakudal­ela enkulu ingcindezi engingakho­lwa nokho ukuthi uyayidinga.

Okunye engizibuza khona ukuthi nikhuluma eyokubuyel­ana nje, ngabe yena uzimisele ngempela yini ngawe njengoba wena uzimisele noma nje usenzela wena.

Engingakus­ho kuwe wukuthi ungalenzi iphutha lokuncenga umuntu ongasakuth­andi ukuba akuthande - angisho ukuthi lo mlisa akasakutha­ndi, kodwa ngifuna uvule amehlo.

Ukwehlukan­a nomuntu kuyinto engelula vele, ikakhuluka­zi uma umuntu usamthanda kodwa uyaqinisel­a, ukhale zome, size siphole isilonda enhliziywe­ni nakuba kuthatha isikhathi eside.

Ngicabanga ukuthi udinga nokwelulek­wa ngokwengqo­ndo ukuze uzokwazi ukubhekana nalesi simo. Awuzinike isikhathi uyicabangi­sise le ndaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa