5. ABANGISEBENZISI EBANDLENI
NGAHLUKANA nomama wengane yami ngimthanda. Yebo ngiyavuma ukuthi iphutha laba kimina, manje ngiyazama ukukhuluma naye kodwa yena ukhuluma nami uma ethanda, uma engafuni akangikhulumisi. Ingane seyikhulile, ngiyaye ngizibuze ukuthi ngizothini uma ibuza ukuthi umama wayo akangikhulumisi ngani.
IMPENDULO: Amaphutha esiwenzayo ngezinye izikhathi kuba nzima kwabanye ukuba basixolele kuwo ngenxa yokubuhlungu benhliziyo esisuke sibazwise sabadlulisa kubona. Amanye alawo maphutha akuqeda nya ukwethembeka kwakho kwabanye abantu. Angiyisoli intombi yakho, ekwenzayo kukhomba ukuphoxeka nokuhlukumezeka emoyeni.
Akufanele umphoqe ukuba akhulume nawe uma engafuni, kumele umnike ithuba. Mhlawumbe ngolunye usuku uyodlulisa, aphole enhliziyweni, akuxolele kodwa musa ukumxina.
Kubalulekile ukuhlonipha omunye umuntu. Mayelana nendaba yengane, akukho okwedlula ukukhuluma iqiniso. Noma ungeke uyitshele yonke imininingwane yengxabano yenu kodwa kufanele yazi ukuthi isimo esikhona phakathi kwenu sidalwe wukushayisana noma yingxabano enibe nayo. NGINGOWESILISA oneminyaka engu-41 ubudala. Into engihluphayo wukuthi umaqondana wami akafiki kuvuthondaba uma sizijabulisa ngocansi. Kwala noma senze imizuliswano engaphezulu kwemine. Okungixakayo, uyalujabulela ucansi. Ngabe lokhu kujwayelekile, noma inkinga.
IMPENDULO: Ngicabanga ukuthi kumele nixhumane nochwepheshe oqeqeshiwe kwezocansi, okunguyena ongakwazi ukuhlonza ukuthi ngabe kwenziwa yini lokhu. Nokho baningi ophathina abasothandweni ababhekene nale nkinga.
Ngezinye izikhathi inkinga iye ibe kwabesilisa abehlulekayo ukufinyelela ezindaweni ezithile ezikwazi ukufinyelelisa owesifazane kuvuthondaba. Kodwa-ke kungenzeka futhi ukuthi inkinga ikuye owesimame.
Ungaxhumana nodr Eve (Dr Marlene Wasserman) oyiclinical Sexologist, Couple and Sex Theraphist kwi-email ethi: dreve@dreve.co.za noma kwethi shantel@dreve.co.za okanye ushayele kule nombolo yocingo ethi 021 439 4004. NGINOBIZO lokushumayela kodwa inkinga angisetshenziswa ebandleni. Ingabe bayangicindezela kumbe bafuna ukubona ukuthi ngiyakwazi yini ukubekezela? Sengicabanga nokuphuma ngiqale ibandla lami.
IMPENDULO: Angiqondi ukuthi ufisa ukusetshenziswa ndlelani. Ukube sixoxa sibonana bengizofisa ungitshele ukuthi sikhona yini isikhundla ebandleni osusibona sikufanele.
Phela uma unobizo lokushumayela lokho akusho ukuthi uyoze ushumayele ebandleni lakho kuphela. Ungaphuma ushumayeze abantu ezindaweni ezahlukene.
Akudingi nokuthi uze uziqalele elakho ibandla, ngaphandle-ke uma uzibona ukuthi usufanelwe yisikhundla sokuhola ibandla. Ake ukhulume nabaholi ebandleni ubatshele ukuthi ufisa ibandla likusebenzise ngale ndlela ofisa ngayo. NGINENKINGA nomama wezingane zami ezingu-4, sixabana njalo. Upheqa ifoni yami, athathe izi- number azifake efonini yakhe uma ebona izintombi zabangani bami, azifonele athi ngithandana nazo kanti ifoni siyabolekana nabangani uma befuna ukufona ngoba nami ngiyayiboleka eyabo.
IMPENDULO: Kuyacaca ukuthi umama wezingane zakho akakwethembi, angazike ukuthi kusukelaphi lokho. Kungenzeka ukuthi kukhona izinto oke wazenza phambilini ezimenze waphelelwa wukukwethemba, yingakho enza lokhu akwenzayo.
Uma kungukuthi awukaze wenze ukukhohlakala wakubamba, kungenzeka ukuthi unenkinga yokungabethembi abanye abantu - lukhona uhlobo lwabantu oludaleke kanjalo.
Ngesinye isikhathi abantu abanaleyo nkinga basuke behlukumeze ebudlelwaneni ebebekubo phambilini, bese kugcina sekuyinto ehleli ngaphakathi kubo ukungabethembi abanye abantu.
Ake nihlale phansi niyixoxe le ndaba, umbuze ukuthi yini le edala ukuba angakwethembi. Nawe zama ukushintsha indlela owenza ngayo izinto.
Akusona isizathu esizwakalayo ukuthi kunezinombolo zezintombi zabangani bakho ezisocingweni lwakho. Lokho nje kukodwa kukwenza uzwakale njengomuntu ongathembekile.