Ikhuluma ngomlando Wamacambi
LUNINGI ulwazi oluqukethwe yincwadi esihloko sithi: “Umlando Wamacambi”, ebhalwe ngumuntomuhle Mcambi, esizwa ngolwazi yinsizwa endala enguyise, ogama layo nguphilip Mqandeni Mcambi, oyinala ngebutho.
Empeleni le ncwadi ikhuluma ngemvelaphi yabantu balesi sibongo. Phakathi kokunye umfundi angakuthola kuyona, wukuthi abantu bakwamcambi bafike kule ngxenye yezwe bephuma kwelaselesotho lapho bebebizwa ngomohale, okuyisibongo esisekhona nesinobukhosi bakhona lena elesotho namanje.
Lena yincwadi engaba wusizo futhi entsheni, ikakhulukazi eyalesi sibongo, efisa ukwazi ngezithakazelo zayo nangomlando wakwampukunyoni nokuthi kwenzeka kanjani ukuba namuhla amacambi atholakale esezinze enyoni lapho ubukhosi balesi sizwe sebukhona namuhla. Isahluko sayo esikhuluma ngokudabuka kwamacambi, siveza nokuthi kahle hle igama elithi Mcambi alikho olimini lwesizulu. Lapha kwakuqondwe ukuthi Mqambi, okusho umsunguli.
Omunye umqondo waleli gama njengoba lisebenza kulesi sibongo, usho iqhawe, ngesisuthu okuthiwa mohale. Ukuthi Mathaba kushiwo inkosi yesizwe sakwaMohale. Ukuthi “thaba” ngesisuthu kusho ukujabula ngolimi lwesiZulu. Kuthiwa umohale wazala umathaba, yena-ke owazala umfutha, kwathi umfutha wazala ungwaqa nokunguyena iqhawe elabe liyisithunywa futhi enamandla awathola lapho esethwasile emanzini.
Ngeke kubenze ubulungiswa ukuzama ukuchaza okushiwo kule ncwadi njengoba isikhala singenele ukwenza lokho. Abafundi bangazitholela imininingwane ngale ncwadi kumlobi otholakala kule nombolo kamakhalekhukhwini: 081 861 8647.
KUNINGI okungafundwa yintsha kule ncwadi, ikakhulukazi labo abathanda ukwengeza ulwazi ngesibongo sakwamcambi.