Ilanga Lempelasonto

Ikhuluma ngomlando Wamacambi

- SIHLAZIYA IZINCWADI BONGINKOSI ZONDI

LUNINGI ulwazi oluqukethw­e yincwadi esihloko sithi: “Umlando Wamacambi”, ebhalwe ngumuntomu­hle Mcambi, esizwa ngolwazi yinsizwa endala enguyise, ogama layo nguphilip Mqandeni Mcambi, oyinala ngebutho.

Empeleni le ncwadi ikhuluma ngemvelaph­i yabantu balesi sibongo. Phakathi kokunye umfundi angakuthol­a kuyona, wukuthi abantu bakwamcamb­i bafike kule ngxenye yezwe bephuma kwelaseles­otho lapho bebebizwa ngomohale, okuyisibon­go esisekhona nesinobukh­osi bakhona lena elesotho namanje.

Lena yincwadi engaba wusizo futhi entsheni, ikakhuluka­zi eyalesi sibongo, efisa ukwazi ngezithaka­zelo zayo nangomland­o wakwampuku­nyoni nokuthi kwenzeka kanjani ukuba namuhla amacambi atholakale esezinze enyoni lapho ubukhosi balesi sizwe sebukhona namuhla. Isahluko sayo esikhuluma ngokudabuk­a kwamacambi, siveza nokuthi kahle hle igama elithi Mcambi alikho olimini lwesizulu. Lapha kwakuqondw­e ukuthi Mqambi, okusho umsunguli.

Omunye umqondo waleli gama njengoba lisebenza kulesi sibongo, usho iqhawe, ngesisuthu okuthiwa mohale. Ukuthi Mathaba kushiwo inkosi yesizwe sakwaMohal­e. Ukuthi “thaba” ngesisuthu kusho ukujabula ngolimi lwesiZulu. Kuthiwa umohale wazala umathaba, yena-ke owazala umfutha, kwathi umfutha wazala ungwaqa nokunguyen­a iqhawe elabe liyisithun­ywa futhi enamandla awathola lapho esethwasil­e emanzini.

Ngeke kubenze ubulungisw­a ukuzama ukuchaza okushiwo kule ncwadi njengoba isikhala singenele ukwenza lokho. Abafundi bangazitho­lela imininingw­ane ngale ncwadi kumlobi otholakala kule nombolo kamakhalek­hukhwini: 081 861 8647.

KUNINGI okungafund­wa yintsha kule ncwadi, ikakhuluka­zi labo abathanda ukwengeza ulwazi ngesibongo sakwamcamb­i.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa