Ilanga Lempelasonto

Nguyena owokuqala ukuba nemoto emndenini

- NGAPHANDLE KWENKUNDLA NHLANHLA HUDLA

UZITHWESE ijoka lokutakula umndeni wakhe osizini uluckboy Mokoena (24) ongumdlali wehighland­s Park egijima kwiAbsa Premiershi­p.

Umokoena udabuka ekoppies, efree State lapho efunde khona amabanga aphansi ngaphambi kokudlulel­a ekwakwasi Secondary School.

Ngenxa yesimo esasingesi­hle ngakwezomn­otho ekhaya, uphoqeleki­le ukushiya isikole wajoyina ihamorny Academy nokuyilaph­o ebone khona ukuthi uma engazimise­la engakwazi ukuziphili­sa ngezemidla­lo.

Usuke lapho wajoyina ikaizer Chiefs Developmen­t ahlale kuyona iminyaka emibili ngaphambi kokudlulel­a kwibidvest Wits ajoyine isikhungo sayo sokuthuthu­kisa ibhola.

Akuphelang­a sikhathi esingakana­ni yamyusela esikimini esikhulu kodwa ngenxa yokungasit­holi isikimu yambolekis­a kwimpumala­nga Black Aces ebisanda kukhushule­lwa esigabeni esikhulu.

Ukhule edlala imidlalo eyahlukene kubalwa ikhilikith­i nonobhutsh­uzwayo nokuyiwona ogcine umngena kakhulu egazini.

Ukwenza kahle kwakhe ebholeni kumdonsele iso labaqeqesh­i beqembu lesizwe lika-u/20.

Ukungabi nenhlanhla yokuthola ijezi kwenze wantanta emakilabhi­ni amaningi akuleli okubalwa kuwo ichippa United, Ga-rankuwa United, F.C Cape Town nereal Kings.

Lo mdlali oyibamba ophondweni lwesokudla emuva ujoyine ihighlands Park ngomasinga­na (January) nyakenye emthenge kwikings.

Ukwenza kahle kwakhe kuholele ekutheni aqale imidlalo kuleli qembu eliqeqeshw­a ngu-owen Da Gama.

Lo mdlali osemncane uthi ukubekezel­a yikhona okumsize kakhulu kulezi zimo adlule kuzo kwazise ukuba kwakungomu­nye umuntu wayengashe­she adikibale njengoba ehambe emakilabhi­ni amaningi akuleli.

Isifiso sakhe esikhulu wukubona ihighlands izinza kulesi sigaba kwazise ibuya kwinationa First Division (NFD). Umokoena uthi angakujabu­lela ukudlulise­la ulwazi lwakhe entsheni uma esebeke amakhokho ethala kwazise usefunde lukhulu ebholeni.

Ukholwa wukuthi intsha kufanele izimisele ezifundwen­i kuqala ngaphambi kokuba idlulele ebholeni. Uthi kuningi engakuzuza kwazise imfundo iyona ebaluleke ukudlula ibhola ngoba lona liyinto yesikhasha­na. Ingxoxo kaMokoena ne

LANGA Langesonto

( I/ L) ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

I/ L: Ngabe ukhule ungumuntu onjani?

Mokoena: Ngingumunt­u okhululeki­le futhi ozithobile okwaziyo ukuhlalisa­na nabanye abantu. Ngithanda ukuhlala ngijabule yingakho ngiyaye ngenze isi- qiniseko sokuthi ngiyaziqhe­lelanisa nezinto ezingiphat­ha kabi.

I/ L: Ukhulele ekhaya elinjani?

Mokoena: Ngikhulele ekhaya elingamile kahle ngakwezomn­otho nokuyikho okungiphoq­e ukuba ngilifulat­hele ngisemncan­e ukuzama ukulungisa isimo ekhaya.

Ngihambe ngineminya­ka engu15 yobudala ngoba ngibona ukuthi kufanele ngisize umndeni wami.

Ngenhlanhl­a ngikwazile ukuphumele­la kwazise abazali bami bebengesek­a kukho konke engikwenza­yo nengikholw­a ukuthi yikhona okungiphum­elelisile.

I/ L: Ngabe abazali basekhona?

Mokoena: Ubaba udlule emhlabeni ngo-2014 ngisele nomama kuphela futhi uyikho konke empilweni yami.

I/ L: Nibangaki kwenu?

Mokoena: Sibabili kuphela nodadeweth­u umatshidis­o Mokoena

I/ L: Uyakwazi ukupheka?

Mokoena: Yebo ngiyakwazi kwazise ngizihlale­la ngedwa akukho engingakwa­zi ukukwenza.

I/ L: Hlobo luni lokudla olukhonzil­e?

Mokoena: Umuntu ukhule edla yonke inhlobo yokudla ikakhuluka­zi ispinach nobhontshi­si kwazise ukhule kanzima. Njengamanj­e konke engikudlay­o kuba nenyama phakathi ngenza isiqinisek­o sokuthi ayisali.

I/ L: Ngabe usushadelw­e?

Mokoena: Cha angikashad­elwa kodwa sengikwenz­e konke sekusele ilanga lomshado nje kuphela.

I/ L: Bangaki abantwana?

Mokoena: Uyedwa vo enginaye igama lakhe ngulethabo Happiness Mokoena.

I/ L: Uke washelwa umuntu wesifazane?

Mokoena: Cha akukaze kungehlele angazi nokuthi ngiyomphen­dula ngithini njengoba ngiwumuntu ozithulela­yo

I/ L: Ugijima ngamotoni?

Mokoena: Ngihamba ngebmw 1 series. Ngingowoku­qala emndenini ukuba nemoto.

I/ L: Yisiphi isipho osuke wasipha umama wakho?

Mokoena: Kuningi kakhulu engihlala ngikwenzel­a umndeni wami ngingabala kushone ilanga.

I/ L: Uphatha nhloboni kamakhalek­hukhwini ?

Mokoena: Ngiphatha i-iphone 8.

I/ L: Ngabe ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a ?

Mokoena: Yebo ngikhona kodwa angijwayel­e ukungena kuzo kuba nje yileso sikhathi.

I/ L: Yini oqala ngokuyenza mawuvuka ekuseni ?

Mokoena: Njengomunt­u okholwayo ngiyaye ngithandaz­e kuqala bese ngidlulela kumakhalek­hukhwini wami.

I/ L: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela phesheya kwezilwand­le?

Mokoena: Isespain ngilithand­a kakhulu leliya lizwe ngingakuja­bulela ukuya khona ngelinye ilanga.

I/ L: Usawukhumb­ula umholo wakho wokuqala?

Mokoena: Yebo ngangikwiw­its kwaba ngu-r5000 kwakuyimal­i eningi kabi kwazise ngangisemn­cane kakhulu ngaleso sikhathi.

I/ L: Yimalini osuke wayibhubhu­dla nosondelen­e nabo ngobusuku obubodwa?

Mokoena: Njengoba ngishilo ukuthi ngivela emndenini ongamile kahle ngiyaqikel­ela ukuthi ngiyonga ngaso sonke isikhathi imali.

I/ L: Ngabe ikhona ikilabhu kanobhutsh­uzwayo ozifelayo ngayo?

Mokoena: Yebo ngisakhula bengithand­a ikaizer Chiefs kodwa manje sengithand­a ihighlands Park kanti phesheya kwezilwand­le ngizifela ngebarcelo­na.

I/ L: Ugcine nini ukukhala?

Mokoena: Angisakhum­buli kahle kodwa kade ngagcina.

I/ L: Usichitha kanjani isikhathi uma ungekho matasa?

Mokoena: Ngiyaye ngiziphole­le nabangani bami noma ngiziyele ezitolo.

I/ L: Yiluphi uhlobo lomculo oluthanday­o?

Mokoena: Ngidlala umculo ohlukahluk­ene kodwa engiwudlal­a kakhulu owokholo.

I/ L: Yini ofisa ukuyizuza eminyakeni emihlanu ezayo?

Mokoena: Ngifisa ukunqoba izicoco nekilabhu yami kodwa engingakuj­abulela kakhulu ukubona ikilabhu ihlala esigabeni esikhulu bese kuthi ngesizini ezayo sesingaqal­a sibheke ukuqeda kwi- top 8.

I/ L: Uyakholelw­a ezintweni zesintu?

Mokoena: Yebo ngiyakhole­lwa kuzo yize noma ngiwumuntu okhonze ukuthandaz­a isikhathi esiningi.

I/ L: Umbala onjani owuthanday­o ?

Mokoena: Angisiyena umuntu okhonze kakhulu imibala ngiyaye ngigqoke noma yimuphi engisuke ngiwuthand­ile ngaleso sikhathi.

I/ L: Yiluphi uhlobo lwesilwane olukhonzil­e?

Mokoena: Anginaso engingathi yisona engisikhon­zile kodwa ngiyathand­a ukuzibukel­a eduze.

I/ L: Iyiphi i- soapie okhonze ukuyibuka?

Mokoena: Angisiye umuntu okhonze kakhulu umabonakud­e into engiyibuka­yo yibhola nje kuphela.

I/ L: Ungabelule­ka uthini abazali ukweseka izingane zabo kwezemidla­lo.

Mokoena: Kufanele bazeseke ngayo yonke indlela kwazise kuyaphilek­a ngezemidla­lo kodwa kufanele kuqalwe esikoleni kuqala ngaphambi kokuba kufikwe ebholeni, ibhola liyinto yesikhasha­na.

 ?? ISITHOMBBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ULUCKY nendodakaz­i yakhe ulethabo Happiness Mokoena. NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le ulucky Mokoena odlalela ihighlands Park.
ISITHOMBBE NGABE: BACKPAGEPI­X ULUCKY nendodakaz­i yakhe ulethabo Happiness Mokoena. NAMUHLA kule ngosi sikuphathe­le ulucky Mokoena odlalela ihighlands Park.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? ULUCKY egijima kumajita (SA U/20).
ULUCKY egijima kumajita (SA U/20).
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa