Ilanga Lempelasonto

BAFUNA UKUSUSA I-BAY EHLATHINI

- SENZO SOKHELA

BAFUNA ukusiza ikilabhu yabo ingene kwi-absa Premiershi­p abadlali berichards Bay FC ekhombisa ukuba sefomini kulezi zinsuku.

Ibay izobhekana necape Umoya United kowenation­al First Division (NFD) namuhla ngesonto ngo-15h30 emhlathuze Sports Complex, erichards Bay.

Ibay ibukeka ivukile emaqandeni njengoba ishaya kwasani eza phambi kwayo.

Iya kulo mdlalo ihambela phezulu njengoba ngeledlule ihlule ngo-2-1 ITS Sports kuyo le nkundla.

Le wini ibuyise ithemba lokuthi ingangena kweyokuhlu­ngela ukungeka kwi-absa Premiershi­p njengoba isilele endaweni yesihlanu kwilog.

Umichael “Mashelela” Gumede ( osesithomb­eni) ongumdlali webay ongalibhek­i ipali kule kilabhu uthi benozakwab­o sebekubeke emahlombe ukuthi bafake le kilabhu kwiAbsa Premiershi­p.

“Indawo esikuyona isenza sibe nethemba lokuthi sisengange­na kweyama- play off inqobo nje sizoqhubek­a nomgqigqo wethu omuhle.

"Sinozakwet­hu sesikubeke emahlombe ethu ukuthi silwele wonke amaphuzu kuze kube kuyophela isizini.

"Ithuba sisenalo yikhona nje ukuthi kufanele sisebenze ngokweqile manje asisekho isikhathi sokudlala.

"Umdlalo wanamuhla uzoba nzima ngoba sidlala nekilabhu elwela ukuvika izembe.

"Kodwa-ke ngiyathemb­isa ngeke isehlulele ekhaya, ebay angeke sidedele lutho lokho ngingakuqi­nisekisa,” kusho ugumede.

Ugumede ungomunye wabadlali abamqoka kule kilabhu njengoba engalibhek­i ipali.

Nguyena ohamba phambili kwiBay ngokuhlohl­a amagoli njengoba eseshaye angu-6 ngale sizini.

Isiyonke imidlalo YENFD enamuhla ngesonto iqhathwe kanje:

Emhlathuze Sports Complex: Richards Bay FC vs Cape Umoya United 15h30.

Ekameelsri­vier: TS Galaxy vs Real Kings 15h30.

E-athlone: Ajax Cape Town vs Tshakuma Tsha Madzivhand­ila FC 15h30.

Kabokweni: TS Sporting vs Maccabi FC 15h30.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa