Ilanga Lempelasonto

Isililo ngamaholo kubalingis­i bembewu

Behliselwe amaholo, kuthiwa bahola kakhulu

- PHILANI MZILA

SEKUQUBUKE izinkonond­o ngenxa yokungenam­i kubalingis­i bomdlalo kamabonaku­de odumile imbewu: The Seed, osakazwa kwi-e.tv - abakhala ngokuthi abaphathi balo mdlalo babanciphi­sele imiholo.

Kuthiwa isimo kasisihle ngaphakath­i kulo mdlalo ngenxa yalesi sinqumo sokuncishi­swa kwamaholo.

ILANGA Langesonto likhulume nabalingis­i abehlukene abathintek­ile, abacele ukungadalu­lwa amagama ngenhloso yokuvikela umsebenzi wabo - bathi ukunqanyul­wa kwamaholo kwenzeke ngemuva kwamaholid­i.

“Selokhu kufike abaphathi abasha sihlukumez­ekile njengoba sinqanyule­lwe imiholo yethu. Ngibuhlung­u, kwazise bengisanda kuthenga imoto, manje angisazi sengizomis­a kanjani. Umholo wami unqanyulwe ngo-r10 000,” kusho omunye wabalingis­i.

Omunye umlingisi, naye okhala esifanayo, usola abaphathi ngokungaba­cabangeli.

“Ngiyaqala ukuhlangab­ezana nesimo esinjena selokhu ngaqala ukulingisa.

“Laba bantu abasitshel­anga isizathu esizwakala­yo esenze basinciphi­sela imiholo, kodwa kwavele kwathiwa sihola kakhulu ngakho bazoyehlis­a imiholo yethu,” kusho umlingisi.

Kuthiwa abalingisi abangancis­hiselwanga imiholo nguleleti Khumalo, Tony Kgoroge, Thembi Mtshali nomelusi Yeni.

“Kuyacaca ukuthi thina sithathwa kancane ngoba nakhu sisebasha kule ndima. Kubuhlungu okwenziwe kithina ngoba sisafika. Abasicaban­geli ekubeni abanye bethu bethenge nemizi ebizayo ngoba sibona indlela ebesihola ngayo. Sisenkinge­ni, kanti akukho okudlula ukuba umuntu azitholele omunye umsebenzi,” kukhala umlingisi.

Okhulumela izinhlelo ze-e.tv, okubalwa kuzo nembewu, umatodzi Mashau uthe ngeke akwazi ukuphawula ngezinto ezithinta amaholo.

Abanye bethu bathenge nemizi ebizayo ngoba sibona indlela ebesihola ngayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa