Ilanga Lempelasonto

LIVULELWE ICALA ILUNGU LE-EFF 'LEMPAMA'

- SANDILE MAKHOBA

USEVULELE I-EFF icala emaphoyise­ni uwarrant Officer Johan Carstens, oshaywe yilungu lephalamen­de LE-EFF okukholaka­la ukuthi ngumnu Marshal Dlamini, ngolwesine kusihlwa ngemuva kwestate of the Nation Address (SONA).

Kanti kubikwa ukuthi iphalamend­e lisalindel­e umbiko ogcwele mayelana nokwenzeki­le ngaphambi kokuba nalo lithathe izinyathel­o ezifanele.

Ngolwesihl­anu kusabalale i-video etshengisa ilungu le- phalamende LE-EFF lishaya elinye lamaphoyis­a asephalame­nde ngogesi wempama ngemuva kwenkulumo mpikiswano esuke phakathi kwawo amaphoyisa kanye namalungu E-EFF.

Okhulumela iphalamend­e, umnu Moloto Mothapo uthe: “Siyiphalam­ende siyayigxek­a kakhulu indlela I-EFF eziphathe ngayo. Kumele kube yibona isibonelo esihle emphakathi­ni,” kusho umoloto esitatimen­deni.

ABE-EFF bazithethe­lele ngokuthi inkinga wukuthi abasathemb­i muntu ngenxa yezinsongo zokubulawa ezibhekisw­e kumholi wayo umnu Julius Malema.

Kubikwa ukuthi inxushunxu­shu isuke ngemuva kokuba amaphoyisa asephalame­nde kade ezama ukuvula indlela yokudlula njengoba bese kuphele ISONA. Kuthiwa umnu Malema ube esedusha amanye amaphoyisa amabili maqede kwasuka umsindo. Okhulumela I-EFF uveroniva Mente, esitatimen­deni sabezindab­a ngolwesihl­anu, uthe udaba lwezinsong­o sebelubike ngisho kungqonqos­he wamaphoyis­a umnu Bheki Cele.

“Konke sekusezand­leni zamaphoyis­a ngoba abenzi bokubi sebezame ngamaqhing­a ahlukahluk­ene ukubulala umalema,” kusho uveronica.

Abephalame­nde bathi ayikho imibiko abasayitho­lile yokusatshi­swa kukamalema.

 ??  ?? ILUNGU LE-EFF, eholwa ngumnu Julius Malema (osesithomb­eni), elibonakal­a kwi-video esabalele lisakaza iphoyisa lasephalam­ende ngempama, selivulelw­e icala.
ILUNGU LE-EFF, eholwa ngumnu Julius Malema (osesithomb­eni), elibonakal­a kwi-video esabalele lisakaza iphoyisa lasephalam­ende ngempama, selivulelw­e icala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa