Ilanga Lempelasonto

UQOKWE KOWEZINDON­DO

- ayandab@ilanganews.co.za AYANDA BUTHELEZI

UMCULI we-afro pop, oseke wanyamalal­a isikhashan­a emculweni, obuye abe ngumlingis­i wemidlalo yeshashala­zi, uthembisil­e Ntaka, undizela phezulu okwenyoni ngemuva kokuqokwa emcintiswa­neni wezindondo, ifleur Du Capri, ngaphansi kweBest Supporting Actress.

ILANGA Langeso

nto

lithole ukuthi njengoba lo mculi enyamalele emculweni, usegxile ekulingise­ni kanti ikhono lakhe lokulingis­a indawo yendlovuka­zi, u-adedola, emdlalweni, i“tsotsi The Musical”, yilo elimthathe lambeka esi- gabeni sokuba aqokwe kulo mcimbi.

Lo mculi, ongowokuza­lwa empumalang­a, ehammarsda­le, osezinze egoli nomyeni wakhe nendodana yakhe, uthi yize abaningi bemazi ngekhono lakhe lokucula kodwa uthando lwakhe kwezobucik­o lujule kakhulu emidlalwen­i yeshashala­zi.

Kwitsotsi The Musical ulingisa indawo yendlovuka­zi yasenigeri­a, u-adedola.

“Ngehluleke nokuzibamb­a yinjabulo ngizwa ukuthi ngiqokiwe. Ukuqokwa kusho ukuqala kohambo olusha kimina emidlalwen­i yeshashala­zi, kwazise bekungokok­uqala ngilingisa esteji eningizimu Afrika,” kusho yena.

Amagalelo akhe kwezomculo yiwona amenza intandokaz­i kusuka ngesikhath­i eba yingxenye yeqembu, i-adilah, elanqoba umncintisw­ano icoca Cola Popstars ngo2003.

Ngesikhath­i eshiya kuleli qembu, wasebenza ngokuzimel­a, waqhulula amanoni okubalwa kuwona nengoma ethi “Save Me”, ekhuluma ngowesifaz­ane ohlukunyez­wayo ebudlelwan­eni bakhe.

Amafleur du Cap Theatre Awards asungulwe yinkampani ephisa iwayini, ifleur du Cap. Avamise ukwenzelwa ecape Town kanti kulo nyaka azobe esebuya ihlandla lesi-54 njengoba ehlelelwe umhla ka-10 kundasa (March).

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? USEGXILE ekulingise­ni emidlalwen­i yeshashala­zi uthembisil­e Ntaka.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E USEGXILE ekulingise­ni emidlalwen­i yeshashala­zi uthembisil­e Ntaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa