Ilanga Lempelasonto

WINA U-R5000 NAMUHLA

- OWOKHOZI 'ENKINGENI YEZIKWELET­U'

KUTHIWA usevele ngekhanda ezikweleti­ni obengumdid­iyeli wohlelo, usgiya Ngengoma, olusakazwa okhozini FM, usandile Mdlalose, kulandela ukumiswa kwakhe emsebenzin­i ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule.

Ngokuthola KWELANGA LangeSonto umdlalose wabizelwa nguZandile Tembe, ongumphath­i wezinhlelo, ehhovisi lakhe wamazisa ukuthi uthunywe ngusbongi Ngcobo, ongumphath­i siteshi obambile, ukuba ammise emsebenzin­i ngenxa yokuthi ugcine ( filing) kabi ama- promo omsakazo.

Ngemuva kwalokho kuthiwa umdlalose ube esethola i- email evela kuzandile imazisa ukuthi impela uyamiswa emsebenzin­i.

Kuthiwa okunye osekuxake umdlalose wukuthi akazi ukuthi ikusasa lakhe limiphi.

Umthombo waleli phephandab­a osondelene nomdlalose, uthi isimo sibi kule nsizwa njengoba ibhekene nesikwelet­u semoto nomuzi.

Lo mthombo uthi ukhozi FM lungase lubhekane nelinye icala njengoba umdlalose kuthiwa usehlela ukuya enkantolo ayofaka isimangalo.

Ethintwa YILANGA Langesonto, umdlalose uvumile ukuthi udukuza ebumnyamen­i ngendaba yokumiswa kwakhe emsebenzin­i kodwa wathi akukho okuningi angakuphaw­ula entathelin­i, wayiyalela ukuba ikhulume nezikhulu.

Unkz Neo Momodu, okhulumela ISABC, uthi umdlalose akamisiwe kodwa akakathole­lwa uhlelo njengoba engesona isisebenzi SESABC esiqashwe ngokugcwel­e.

Uthi kusenophen­yo olwenziway­o mayelana nokwephula kwakhe imigomo ehambisana nenkontile­ka yakhe.

hlongwaj@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa