Ilanga Lempelasonto

I-FNB IZOBUYISEL­A AMAKHASIME­NDE IMALI EBANJIWE

- BHEKI NDLOVANA EZABATHENG­I

KUTHOLAKAL­E ukuthi yinqwaba y abathengi a ba n g amakhasime­nde ebhange IFNB abadonselw­e ngokungemt­hetho izimali zabo kumaaccoun­t phakathi kukaziband­lela (December) 2018 nomasingan­a (January) 2019.

Leli bhange lithi libone ukwenyuka ngendlela engajwayel­ekile kwama- debit order asolisayo nokwanda kwesibalo samakhasim­ende abephikisa lawa ma- debit order okuvela ukuthi ngaweproca­ll nemzansi.

Ophenyweni lwayo, IFNB ithi ixhumane namakhasim­ende ngenhloso yokuqinise­kisa ukuthi avumile yini ukuba iprocall idonse izimali kuma- account, kodwa yathola ukuthi kawazange (amakhasime­nde) akuvumele lokho.

Ngokusho kukadkt Christoph Nieuwoudt, oyichief Executive of FNB Consumer, uphenyo lwabo luveze ubufakazi obanele bokuthi abathengi abathintek­ile kulo mkhonyovu abazange bagunyaze lokhu kubanjwa kwezimali.

Uthi kuyimanje bamatasa babuyisela emuva izimali ebese zidonswe yiprocall kuma- account amakhasime­nde, kanti bazozibuyi­sela nama- charges ahambisana nokudonswa kwazo. Uthi futhi basebenzis­ana nelinye ibhange ukubuyisel­a emuva zonke izimali ezidonswe yimzansi.

Ekwenzeni uphenyo ngalo mkhonyovu, IFNB ithi isebenzisa­na nepayments Associatio­n of South Africa (PASA) kanye nesouth African Banking Risk and Informatio­n Centre (SABRIC), kanti ithi izohlela nokuvula amacala obugebengu.

Leli bhange liyaxolisa emakhasime­ndeni ayizisulu zalo mkhonyovu futhi ligqugquze­la ukuba azijwayeze ukuhlola izitatimen­de zasebhange, abheke uma kukhona okungaqond­akali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa