Ilanga Lempelasonto

UTHI UYAKWESHWA­MA UKUTHI USEHLUKANI­SILE NO-ZULUBOY

- BHEKI NDLOVANA NOSANDILE MAKHOBA

OBE Y ISI N Q ANDA MATHE sikaZulubo­y (Mxolisi Majozi), u-andiswa Gebashe, uthi ushaqekile ngokuthola emithonjen­i yezindaba ukuthi usehlukani­sile nozuluboy.

Nakuba evuma ukuthi uyazi ngendaba yesehlukan­iso, futhi wawasayina amaphepha (esehlukani­so) awathunyel­elwa nguZuluboy kodwa uyakweshwa­ma ukuthi isiphothul­iwe enkantolo indaba yalesi sehlukanis­o.

U-andiswa uveze lokhu ngesikhath­i ekhuluma NELANGA Langesonto izolo ngomgqibel­o.

Utshele leli phephandab­a ukuthi yena ubazi ukuthi uhlelo lwesehluka­niso alukaphoth­ulwa enkantolo, nencwadi yomshado ayikadatsh­ulwa ngokusemth­ethweni. Uyakuqinis­ekisa nokho ukuthi sebeneminy­aka emibili bahlukana.

“Ngazi ukuthi ngokwakwaH­ome Affairs ngisashadi­le,” kusho u-andiswa kafushane.

Uzuluboy, ongumculi odumile futhi ongumlingi­si, engxoxweni abe nayo naleli phephandab­a ngesonto eledlule ukuqinisek­ile ukuthi impela sebehluken­e noAndiswa, neyesehluk­aniso isi- phothuliwe, wagcizelel­a nokuthi u-andiswa useyi- ex-wife yakhe”.

Nakuba u-andiswa engathandi ukwenaba ngalolu daba, kodwa uthi kuningi osekuvele kwabezinda­ba okuthinta ubudlelwan­e bakhe nozuluboy okumshaqis­ayo futhi angakwazi.

Ethintwa uzuluboy ubhoke ngolaka wathi wakhuluma nje ngesonto elidlule, akukho okunye azokusho.

Bhekin@ilanganews.co.za

Ngazi ukuthi ngokwakwah­ome Affairs ngisashadi­le.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa