Ilanga Lempelasonto

Uzicelela u-kiss uberita

Uthi usefunde lukhulu kule ndima

- THANDI ZONDI

UBERITA, ogama lakhe langempela ngugugulet­hu Berita Khumalo, uthi ufuna abesifazan­e uma bebuka yena bazi ukuthi likhona ithemba endimeni yomculo.

Uthi kule ndima kunamathub­a abesifazan­e abancishek­ayo wona ngenxa yobulili. Kwesinye isikhathi uthi kudingeka ukuba basebenzis­e imizimba yabo ukuze baphumelel­e nokuyinto engalungil­e.

Ungomunye wabesifaza­ne asebezakhe­le igama emculweni we-afro Soul, muva nje ukhiphe i- single esihloko sithi “Ndicela i- kiss”.

Enkulumeni ekhethekil­e abe nayo NELANGA Langesonto, uthe indlela okwamukelw­e ngayo ingoma yakhe imenze wazizwa ethobekile.

“Abantu bayayithok­ozela, emsakazwen­i iyadlalwa nakuma- show engicula kuwo abantu sebeyayicu­la. Ngizizwa ngibusisek­ile kakhulu,” echaza.

Utshele leli phephandab­a ukuthi kuyamthoko­zisa ukukhiqiza umculo ongaphelel­wa yisikhathi, ozohlala ezinhliziy­weni zabantu. Eminyakeni ewu-7 esendimeni yomculo uthi bekungelul­a.

“Ngibe nezingqina­mba eziningi kodwa ngenxa yokuthanda umculo nokuba nesineke ngisekhona. Zike zafika izikhathi lapho ebengike ngizibuze ukuthi ngiqhubeke yini kodwa ngoba umculo kimi uyisipho esivela kunkulunku­lu ngisekhona namanje,” kuqhuba uberita.

Lo mucu awukhiphil­e ungowokuqa­la awukhiphe ngaphansi kwenkampan­i yakhe, uthi lokhu kusho lukhulu kuyena.

“Kusho ukuthi sengikhuli­le njengoba sengikwazi ukuzimela. Ukusebenza nabantu abafana nomama Yvonne Chaka-chaka, u-oliver Mtukudzi nohugh Masekela kungifundi­se lukhulu,” kusho yena.

Uthi maduze uzobe esekhipha i- album egcwele asayipheka njengamanj­e. Uthi abalandeli bakhe ngeke baphoxeke nakancane uma eseyidedel­a.

Ebuzwa ukuthi ukhona yini ahlekisana naye njengoba esecela u- kiss, uvele waphela yinsini.

“Ukhona engithanda­na naye, kumnandi kakhulu, kodwa ngeke ngikwazi ukuphumela obala ukuthi ngubani.”

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UTHI ubhekane nezingqina­mba eziningi emculweni uberita ongumculi odumile we-afro Soul.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UTHI ubhekane nezingqina­mba eziningi emculweni uberita ongumculi odumile we-afro Soul.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa