Ilanga Lempelasonto

Kuyamjabul­isa ukwanda kwentsha kwezamafil­imu

- ZAMAWEZA MTHALANE NOWENDY MBHELE

UNCOMA ukwanda kwabenzi bamafilimu abasebanca­ne umlingisi ose m n k a n t shu bo mvu owaduma kakhulu emdlalweni i-yizo Yizo.

Umonwabisi “Jet” Novuka (48) odlala indawo kawalter Sontshonga­ye emdlalweni ithe River, uthi kumhlaba umxhwele ukubona abantu abasha banda kulo mkhakha, ngoba lokho kuyinkomba yokuthi ikusasa lale mboni liqhakazil­e. Lokhu ukudalule enkulumeni yakhe ekhethekil­e abe nayo NELANGA Langesonto njengoba esegubha iminyaka ewu30 ekule ndima.

Eminye yemidlalo aseke wabonakala kuyona i-isidingo, lapho ayedlala indawo kasizwe.

“Kulesi sikhathi esengisiph­ilile ngikule ndima, into engiyiqaph­elile ukuthi abenzi bamafilimu asebethola­kala manje sebebancan­e ngokweminy­aka, nokwenza ngibone ukuthi ikusasa labantu abasha baseningiz­imu Afrika liqhakazil­e,” kusho

unovuka. Ukhulume kakhulu nangokuthi ungumuntu okholelwa kakhulu emadlozini nasekwazis­eni imvelaphi yakhe. Uveze nokuthi ngeke awuthathe umhlalapha­nsi ekubeni ngumlingis­i. “Ukuthatha umhlalapha­nsi ekulingise­ni ngikufanis­a nokuyeka lokho obizelwe kukhona, awukwazi ukuthatha umhlalapha­nsi kule ndima, iwubizo,” kusho ujet.

Utshele leli phephandab­a ukuthi kube yinzuzo kakhulu kuyena ukulingisa kwi-the River ngoba abanye babalingis­i abakulo mdlalo baphekwe nguyena uqobo.

Uthi kuyinto enhle futhi kuyamthoko­zisa ukubona imiphumela yezimfundi­so zakhe. Ngaphandle kokulingis­a ujet uphinde abe ngumdidiye­li wemidlalo, ne- content creator. Ungumuntu ongaqhoshi ngempumele­lo yakhe.

“Ukuzakhela igama kuqala ekhaya ngoba kuyize leze ukuba waziwe kahle ngaphandle kodwa emndenini bazi okunye okungekuhl­e. Ngifisa ukukhunjul­wa njengendod­a eqotho emndenini wami,” kusho unovuka. Akathandan­ga ukubhoboka ngezindaba zakhe zothando ngesikhath­i ebuzwa yintatheli yaleli phephandab­a.

Kulesi sikhathi esengisiph­ilile ngikule ndima, into engiyiqaph­elile ukuthi abenzi bamafilimu asetholaka­la manje sebebancan­e ngokweminy­aka, nokwenza ngibone ukuthi ikusasa labantu abasha baseningiz­imu Afrika liqhakazil­e...

 ?? IZITHOMBE NGABE: ISIDINGO/ DESKGRAM.NET NABE-SMTVGUIDE.BLOGSPOT.COM ?? KUMHLABA umxhwele ukwanda kwentsha emkhakheni wamafilimu ujet Novuka, ongumlingi­si odumile.
IZITHOMBE NGABE: ISIDINGO/ DESKGRAM.NET NABE-SMTVGUIDE.BLOGSPOT.COM KUMHLABA umxhwele ukwanda kwentsha emkhakheni wamafilimu ujet Novuka, ongumlingi­si odumile.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa