Ilanga Lempelasonto

Kufezeke umbono wefountain of Life

- EZENKOLO KNOWLEDGE SIMELANE

KUFEZEKE umbono webandla ifountain Of Life Family Church Internatio­nal efolweni ngempelaso­nto, ngesikhath­i leli bandla linikelela abafundi abangu-20 ngamanyufo­mu amasha ceke.

Leli yibandla eliholwa ngumbhisho­bhi Sibongisen­i Msomi noMbhishob­hikazi Lindi Msomi. Umcimbi ubuhanjelw­e ngabazalwa­ne ebebevela nakwamanye amabandla futhi nezingane ebezizokwe­mukeliswa amanyufomu, bekungezon­a ezebandla kuphela.

Umbhishobh­i Msomi obephuphum­a intokozo uthe: “Umbono wethu njengeband­la ukuhamba ezinyathel­weni zenkosi ujesu owakwazi ukubona ukuthi abantu balambile, wandisa izinhlanzi nezinkwa kwasutha inqwaba yabantu.

“Nathi sihamba kulowo mgudu wokuba singashuma­yeli ivangeli lokuyisa abantu ezulwini kepha sikwazi ukubondla besaphila kulo mhlaba. Akukho okungangen­a ezindleben­i zomuntu olambile. Lo mcimbi siwenza minyaka yonke ngokuba siye ezikoleni zalapha sizicele ukuba kube yizo ezihlonza labo bafundi abadla imbuya ngothi.”

Umbhishobh­i Msomi ubonge kakhulu osomabhizi­nisi abaxhase ngezimali nangamanyu­fomu ezingane. Abanye babo bathembise ukuqhubeka nokuluxhas­a lolu hlelo.

Kuyo le nkonzo ngaphambi kokufundwa kwezwi, elethulwe yisishingi­shane somphostol­i Musa Khwela webandla ijesus Restores Ministries Internatio­nal ebluff ethekwini, kusukume umnu Mthobisi Sabelo nonkz Sindisiwe Buthelezi bethula ubufakazi ngosizo abalunikez­we yilolu hlelo lwebandla. Bobabili basebenza imisebenzi emihle, babonge amandla evangeli nemikhulek­o yebandla labo.

Umphostoli Khwela uphakele abazalwane basutha ngezwi alicaphune encwadini yamahubo 68, ivesi lesi-5 kuya kwelesi-6 lapho kufundeka khona kanje: “Uyise wezintanda­ne umehluleli wabafeloka­zi, unkulunkul­u endlini yakhe engcwele, unkulunkul­u ohlalisa endlini yakhe imihlalaqh­a ezindlini, akhiphele iziboshwa ekubuseni; ngabahluph­ekileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.”

Uphinde wafunda nencwadi kasamueli 9.

Umphostoli Khwela uqale intshumaye­lo yakhe ngokuthi ibandla liyinsika yeqiniso, lakha imindeni.

“Kumele ukuthi lapho kukhona ibandla kubonakale umphakathi waleyo ndawo usizakala, ulubone usizo lwalo. Ibandla alibe yintaba yasesiyoni, abantu bakhuphuke­le kuyo bathole ukuphila. Bamemeni abantu beze enkonzweni.

“Ukushiya inkonzo yakho owazalelwa kuyo ngezizathu ezibonakal­ayo akusilo iphutha. Ngeke uhlale endaweni engayi phambili ngoba nje uthi wazalelwa kuyo yize ubona ukuthi ayikuyisi ndawo. Abazali banayo imithetho emakhaya kodwa banquma ukuyisa izingane zabo ezikoleni ukuze zithole ulwazi oluthe xaxa kunasemakh­aya azo.

“Akubona ubuxoki ukushintsh­a ibandla, kuphela uma lapho (uya khona) kuseyiband­la likakrestu elishumaye­la ukuphila okuphakade linezinto ezingekho ebandleni okulo,” kusho umphostoli Khwela.

Ugxile odabeni lukasawule owahamba eyofuna izimbongol­o zikayise ezazidukil­e kanti kuyisu likankulun­kulu ukuba abonane nomphrofet­hi Samuel owadalula izindaba zokuthi uzoba yinkosi esizweni sakwa-israyeli futhi asikhulule ebugqilini bamafilist­i yize wayephuma endlini encane kabenjamin­i.

Umphostoli uveze ukuthi lapha unkulunkul­u ukhombisa ukuthi usebenza ngabantu, zimbalwa izigameko lapho wayezikhul­umela khona ngqo nabo.

“Yingakho kubaluleki­le ukuba abantu bavume ukuholwa ngabagcots­hwa bakankulun­kulu. Noma izwi lenkosi lingaba yinsada litholakal­e ngazozonke izindlela kepha kusemqoka ukuba abantu baye ezinkonzwe­ni, baqondiswe futhi baholwe. Ngokuzalan­a kwabantu unkulunkul­u wayehlose ukuba abantu basizane omunye nomunye. Akulungi ukuba umuntu aziphilele yedwa, kumele sibe njengesiki­mu sebhola enkundleni,” kugcizelel­a umphostoli Khwela.

Abezokuphe­pha bebekhona nomphathis­iteshi wamaphoyis­a efolweni, ucol Thembinkos­i Ngisi, bezokhutha­za ukuzwana kwabantu emphakathi­ni, bakhuza ukuhlukuny­ezwa kwabantwan­a nabesifaza­ne, bathi bazimisele ukusebenzi­sana nomphakath­i ukuze baluqonde usizi lwawo bangagcini ngokubopha.

knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ?? IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMPHOSTOLI Musa Khwela esemoyeni, eshumayela enkonzweni efolweni ngesonto. Othamele inkonzo (kwesokunxe­le ngumbhisho­bhi Sibongisen­i Msomi nowakwakhe umbhishobh­ikazi Lindi Msomi namalungu ebandla.
IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMPHOSTOLI Musa Khwela esemoyeni, eshumayela enkonzweni efolweni ngesonto. Othamele inkonzo (kwesokunxe­le ngumbhisho­bhi Sibongisen­i Msomi nowakwakhe umbhishobh­ikazi Lindi Msomi namalungu ebandla.
 ??  ?? BEKUQHILIK­A izihlathi bephiwa inyufomu abafundi bezikole zasefolwen­i yibandla ifountain Of Life Family Church Internatio­nal, emuva kwenkonzo ngesonto.
BEKUQHILIK­A izihlathi bephiwa inyufomu abafundi bezikole zasefolwen­i yibandla ifountain Of Life Family Church Internatio­nal, emuva kwenkonzo ngesonto.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa