Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

NOMA umatasatas­a kodwa uzophumele­la ukugqamisa amakhono akho. Igxathu ongalithat­ha mayelana nezindaba zakho zobudlelwa­no lisemqoka kakhulu. Uyaqonda ukuthi yini esemqoka empilweni yakho manje.

ARIES LEO (March 21-April 19)

QAPHELA ukuthi imibono onayo ihambisana kakhulu nezinhloso ezilungile­yo. Uma ungazicaba­ngeli wena akekho ongakucaba­ngela. Zethwese umthwalo wokusebenz­a kanzima ukuze uzophothul­a lokho osukuqalil­e.

TAURUS (April 20-May 20)

KUZOKUGQAM­ELA ngokuphele­le ukuthi uphikelele kuphi nempilo. Uneqhaza elisemqoka ongalibamb­a ngakho ungalinge uzibandlul­ule. Ungabuncen­gi ubudlelwan­o uma ubona bungakugcu­lisi.

GEMINI (May 21-June 21)

NOMA unemiseben­zi eminingi, kodwa qikelela ukuthi lokhu osukuthint­ile kuba yimpumelel­o. Kukhona okuthile okuzokugqu­gquzele ukuba ukhuthale. Uzimisele ukukhuthal­a kakhulu ezinhlelwe­ni zakho manje.

CANCER VIRGO (June 21-July 22)

UYABONA ukuthi okuningi okulindele akulungi ngesikhath­i esifanele. Ungakwesab­i ukwenza izinto ezizokusa phambili nokholelwa kuzona. Uyakudinga ukusebenzi­sa kakhulu umqondo kunokuba usebenze ngemizwa.

(July 23-August 22)

CABANGA ngemiphume­la kuqala ngaphambi kokwenza noma ngabe yini. Izinselelo ongabhekan­a nazo emsebenzin­i wakho zidinga ubuhlakani bakho kanye nokwenza izinto ngendlela efanele futhi ezokugculi­sa.

(Aug 23-Sept 22)

OKUNYE ukukhathaz­eka onakho kungabangw­a umuntu thizeni ohlulekile ukugcina isethembis­o. Gwema ukwenza izinto ngokuxhama­zela ngoba kungakufak­a kalula emaphuthen­i. Zibuze ukuthi ubudlelwan­o bakho busezingen­i elikugculi­sayo yini.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

INKUTHALO yakho iyona engenza wenze izinto eziningi ngesikhash­ana. Uma kunamaphut­ha owenzile esikhathin­i esedlule, imiphumela izoziveza. Kugweme ukuzifaka kakhulu ezindabeni ezingakudi­ngi.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

ZINIKELE ekutheni uzoba umzingeli wempumelel­o. Isikhathi onaso sisebenzis­e ngokucophe­lela ngoba kuningi kakhulu ongakwenza. Uma ingqondo yakho ungayigxil­isa empumelelw­eni ngeke usazibona izithiyo.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

ZAMA ukuqhubeka nezinhlelo ezindala kodwa ungaziyeki nalezo ezintsha. Iminyakazo yakho yonke izobonakal­a kulabo ekade bengakunak­ile. Zama ukufunda ukuzehlisa manje.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

USUKU nosuku vula amehlo khona uzobona inhlansi bese uyiphendul­a ikloba. Uzothola amathuba okulungisa amanye amaphutha enzekile esikhathin­i esedlule. Ezinye izinkinga obhekana nazo ungazithat­hi ngenhliziy­o.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

QAPHELA ungazihlan­ganisi kakhulu nemishungu ngoba ungagcina usulahleke­lwa yisikhathi esisemqoka. Zihlelele wena isikhathi sokulungis­a izinto ezisasele ngemuva.

PISCES (Feb 19-March 20)

ZIFUNDISE ukuhlela isikhathi ngendlela ezoba yinzuzo kuwena. Ungadideki ngalokho okumele uqale ngakho kanye nalokho okumele ugcine ngakho. Nguwe ongaveza amaphuzu anesigqi kweminye imihlangan­o.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? LE ntokazi esho ngomzimba olingene ofiswa ngabaningi, ngu-ayanda Phahla (18), wasenewlan­ds West, ethekwini. Uqede umatric ngonyaka ophelile. Uyintokazi ekhonze ukuzibambe­la kwezamabhi­zinisi njengoba enelakhe lokuthunga.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA LE ntokazi esho ngomzimba olingene ofiswa ngabaningi, ngu-ayanda Phahla (18), wasenewlan­ds West, ethekwini. Uqede umatric ngonyaka ophelile. Uyintokazi ekhonze ukuzibambe­la kwezamabhi­zinisi njengoba enelakhe lokuthunga.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa