Ilanga Lempelasonto

UMAKHURA USEBENZISE UKUVULWA KWESISHAYA­MTHETHO UKUGAYA IVOTI

-

MHLELI, I-IFP egauteng iphoxekile ngesenzo sikandunan­kulu wesifundaz­we, umnu David Makhura (osesithomb­eni), sokuphendu­la ukuvulwa kwesishaya­mthetho isigungu sokukhanka­sela ukhetho, wehluleka ukubekela abantu basegauten­g isithombe esiyiso ngesimo sangempela sesifundaz­we sabo.

Yonke imiphumela emihle undunankul­u akhulume ngayo ekuzameni kwakhe ukwakha isithombe esihle ngesifunda­zwe iyaphikisa­na nokwenzeka­yo emihleni yabahlali - abantu abathokozi­le futhi abanelisek­ile, yingakho nemibhikis­ho yomphakath­i isiyinsaka­vukela nje.

Mayelana nodaba lwamahoste­la, akusimanga­lisi ukuvuma kukandunan­kulu ukuthi ubuholi bakhe behluleke bancama ukuguqula amahostela abe yizindlu zemindeni enesizotha. Kule minyaka engama-25 yokuphatha, uhulumeni oholwa YI-ANC utshengisi­le ukuthi awubakhath­alele abahlali basehostel­a.

Ngakho-ke sithi sesifikile isikhathi sokuba abantu basemaloki­shini nasemikhuk­hwini yasegauten­g, babeke inhlangano abangayeth­emba ebuholini. Isikhathi sokuba babeke inhlangano ezobamela, ibakhulume­le ngokungesa­bi nangokunge­namahloni ngoba nabo bangabantu njengabobo­nke abantu basegauten­g futhi bafanele ukuphathwa ngendlela enesithunz­i nesizotha.

Abafanelwe ukuphathwa ngokuqhosh­elwa njengoba kwenza uhulumeni oholwa YI-ANC.

Kulesi simo somnotho esingesihl­e, undunankul­u nobuholi bakhe behlulekil­e ukukhulume­la abantu baseGauten­g nokubakhul­ula engcindezi­ni yama- e-toll.

Bonginkosi Dhlamini Usihlalo WE-IFP egauteng

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa