Ilanga Lempelasonto

Imoringa oleifera yempilo

Ilwa nezifo eziningi emzimbeni

- BONGINKOSI ZONDI

KUSUKELA kudala amakhambi esintu abehamba phambili ekwelashwe­ni kwezifo eziningi emakhaya. Ngesinye isikhathi bekungadin­gi ukuba umuntu aze aphuthunyi­swe kudokotela olapha ngendlela yasentshon­alanga kodwa bekuvele kusetshenz­iswa izihlahla ezithile, umuntu asizakale aphile.

Nakuba abanye basakholel­wa ekusetshen­zisweni kwamakhamb­i esintu kodwa baningi asebencame­la amakhambi abawathola kodokotela abasebenzi­sa indlela yokwelapha yasentshon­alanga.

Olunye usizo lokwelapha lutholakal­a nakwezinye izinto ezitholaka­la emakhaya njenge: turmeric eyisinongo sokudla ongayithen­ga iyimpande noma iyimpushan­a, u- vinegar, ugwava, nokunye.

Namuhla sibheka ikhambi i- moringa elitholaka­la ezindaweni ezithile ezilisabal­alisayo, kokunye nasezitolo zezinongo zokudla (spice shops) kwazise nayo i- moringa lena iyafakwa ekudleni.

Umlando omude wokusetshe­nziswa kwaleli khambi ngokwendab­uko usuholele ekubeni kwenziwe ucwaningo ngalo, futhi olusaqhube­ka namanje.

Lapha sibheka lolo olwenziwe ngumcwanin­gi, ukamal Patel, lwaqinisek­iswa yithimba leExamine.com nolugcine ukubuyekez­wa mhla ka 2 kumfumfu (October) 2018.

Ngokwalolu cwaningo i- moringa babona iwusizo kakhulu njengeseng­ezo ( supplement)

esiyisikhu­cululi (antioxidan­t)

esinamandl­a ekuhlanzen­i umzimba kanti injalo nje inezakhamz­imba ezondlayo ngempela.

Lokhu okulandela­yo ngokunye okubikwa ukuthi i- moringa iwusizo ngakho kwezempilo:

1. I-moringa inezakhamz­imba:

Phakathi kwazo kubalwa lezi: vitamins A, C no-e minerals, calcium, potassium ne- protein.

2. Ikhuculula ukungcola:

Izikhuculu­li zayo zilwa nokungcola okubanga izifo, ivikele ukulimala kwama- cells kanti ucwaningo ngayo seluthole nokuthi amacembe ayo anengxube eyenza ama- cells azo zonke izitho zomzimba ukuba zisebenze kahle.

3. I-moringa ilwa neinflamma­tion:

Le inflammati­on iholela ekuhlaselw­eni yizifo ezingamahl­alakhona njengesifo senhliziyo, yisifo samathambo nokuzimuka ngokweqile.

4. Ilwa nezimpawu zesifo sikashukel­a:

Impushana ye- moringa inamandla okulawula izinga le- glucose namafutha egazini, okusho ukuthi iyakwehlis­a lokhu futhi yenze ivikele ukulimala kwama- cells.

5. Ivikela uhlelo lokusebenz­a kwenhliziy­o:

Lokhu ikwenza ngokuvimbe­la ukunqumela kwamafutha emithanjen­i yegazi futhi inciphise umthamo wawo.

6. Yondla ubuchopho:

Ilekelela ekwenzeni ngcono impilo yobuchopho nokuhluza kwawo izimo ngoba ukuhamba kwemizwa kuba ngcono. Ilawula futhi ama- neurotrans­mitters iserotonin, dopamine ne- noradrenal­in ebuchoshen­i nokuneqhaz­a elimqoka ekuthini ukhumbule, ukuzizwa emoyeni, ukusebenza kwezitho zomzimba, ukunanela emizweni yengcindez­i neyentokoz­o.

7. Ivikela isibindi:

Iqukethe i- polyphenol eningi emaqabunge­ni nasezimbal­ini zayo, evikela isibindi ekungcolen­i nokulimala. Amafutha ayo ayakwazi ukuvuselel­a ama- enzyme ngezinga elifanele. Phela isibindi eminye imisebenzi yaso ukuhlanza igazi, sakhe inyongo futhi sithake izakhamzim­ba ezitholaka­la ekudleni.

Lokhu sikwenza ngama- enzyme, ngakho kusemqoka ukuba amaenzyme ahlale ewumthamo ofanele. Isibonelo, uma umthamo we- hepatic enzyme uphansi, lokho kungathika­meza amandla aso okuhluza ukungcola kwegazi.

8. Inamandla okulwa namagciwan­e ne-bacteria:

moringa 9. Isheshisa ukuphola kwenxeba:

Amandla ayo okwenza igazi linqamuke ukopha asemahlamv­ini ayo, ezimpanden­i nembewu asiza ukuba inxeba lisheshe liphole ngokunciph­isa isikhathi sokopha koklwebhek­ile.

 ??  ?? Impushana ye-moringa inamandla okulawula izinga le-glucose namafutha egazini.
Impushana ye-moringa inamandla okulawula izinga le-glucose namafutha egazini.
 ??  ?? ISIHLAHLA se-moringa sibukeka ngale ndlela.
ISIHLAHLA se-moringa sibukeka ngale ndlela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa