Ilanga Lempelasonto

Sengithand­a umfowabo kakhulu ukwedlula umyeni

- AKASABUYI UMAQONDANA WAMI VUKA UZITHINTIT­HE ANGIKWAZI UKWEMUKELA LE NGANE

NGINENKING­A: Ngithandan­a nomuntu ohlala ngasekhaya ngenhloso yokusondel­a ngasemsebe­nzini wakhe. Selokhu ahamba ngodecembe­r, kuze kube manje akabuyi.

Uma ngimbuza ukuthi ubuya nini, ulokhu ethi ngizobona ngaye. Uma engashongo njalo athi uzobuya ngakusasa. Angisazi ngenzenjan­i. Ngimlinde noma ngimyeke?

IMPENDULO: Kufanele uzibone uma usuyiphela endlebeni kumuntu, uyeke ukumxina ngoba uyoze acikeke kakhulu bese egcina ekuphoxa uswele umgodi wokucasha.

Uma ngicubungu­la lolu daba lwakho, ngibona sengathi umnika inkinga manje umuntu wakho njengoba ulokhu umxina ngombuzo wokuthi ubuya nini. Angisiboni isidingo sokulokhu umlandela ngoba phela usekuphend­ulile wathi uzobona ngaye. Mshayise ngomoya uvele umyeke.

Ngicabanga ukuthi bekufanele ukhathazek­e ukuba kuthiwa lo muntu wanyamalal­a futhi akaziwa lapho ekhona, nezihlobo zakhe azimazi, kodwa ngoba uzihlalele lapho ekhona, musa ukuzixaka ngaye.

Ukuba lokhu kwenzeka kimi, bengingamy­eka, ngiziqhube­kele nempilo, ngingazimo­sheli isikhathi ngento engayi ndawo. Angikwazi-ke ukukunqume­la ukuthi wena yenze njani.

Ngiyethemb­a uyayizwa le ndaba. Eyokuthi ingane akayenzeli lutho, ilula kakhulu, akuyona into esingakwen­za ungalali ebusuku. Okufanele ukwenze wukuba uye enkantolo equla amacala ezesondlo, nakanjani izomphoqa ukuba akhiphe isondlo sengane. nomfowabo wendoda yakho ngoba uyazazi ukuthi ubuthakath­aka, futhi ukubonana kwenu kunifaka esilingwen­i sokuphinga.

Le nto iyingozi kakhulu ngoba izoqhatha umndeni bese usala nonembeza onecala impilo yakho yonke. Zama ukuziqoqa, ubuyise isimilo sakho, uyeke ukuvumela izinkanuko. NGINENKING­A:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa