Ilanga Lempelasonto

INDABA YOTHANDO INGAYIBUMB­A NOMA IYIHLAKAZE IMINDENI

- ZOWAKHA MBATHA

LITTLE ITALY UMQONDISI: Donald Petrie ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Emma Roberts (Nicoletta “Nikki” Angioli), Hayden Christense­n (Leo Campoli), Alyssa Milano (Dora), Adam Ferrara (Salvatore “Sal” Angioli), Gary Basaraba (Vincenzo “Vince” Campoli), Linda Kash (Amelia), Andrew Phung (Luigi), Cristina Rosato (Gina), Danny Aiello (Carlo), Andrea Martin (Franca), Jane Seymour (Corrine) UHLOBO: Comedy/ Romance IMINYAKA: 16 D/L/S UMHLAZIYI: Zowakha Mbatha

UKUBA sothandwen­i yinto enhle nehalelwa ngabaningi kodwa kuba nzima uma imindeni yabathinte­kayo ingezwani.

Yikho lokhu-ke okwenzeka kule mindeni yakwa-angioli nowakwacam­poli enomkhulu umbango webhizinis­i njengoba bedayisa ama- pizza kanti izingane uleo nonikki ezikhule ndawonye zizozithol­a sezilalana sezikhulil­e.

Le mindeni iqala ibambisene ebhizinisi­ni kodwa ukuqophisa­na kwezinhlok­o uvince nosal kugcina kulicekela phansi leli bhizinisi (Pizza Napoli), bagcine sebezimela umuntu ngamunye, bencintisa­na. Ziningi izigigaba zokuhlanga­na ngothando njengokush­adana kokhulu bale mindeni (Franca nocarlo), nalapho kusuka khona isidumo uma bazisa imindeni yabo ngezinhlel­o zabo zokuthembi­sana umshado, kuphinde kusuke esinamatha­mbo futhi kuvince nosal.

Libhoboka kabuhlungu nethumba lokuthi nalaba abaseyizin­gane bake balalana. Ngasekugci­neni kuyavela ukuthi yingxabano endala le yokhulu babo, bona kanye laba asebethemb­isene umshado. Ingenile ngolwesihl­anu e- cinema, nikela khona uyozitika. zowakha@ilanganews.co.za Ngezansi yi-top 10 engashints­hanga kangako ngempelaso­nto ye-valentine yamafilimu abukwe kakhulu kanti nangasezim­alini bekusaqhwa­kele phezulu I-AQUAMAN (R53 977 069). Lugcine lumi kanje seluphelel­e uhlu lwayishumi abukwe kakhulu:

1 THE HIDDEN WORLD: HOW TO TRAIN YOUR DRAGON 2 ALITA: BATTLE ANGEL 3 THE UPSIDE 4 MATWETWE 5 AQUAMAN

6 GLASS

7 BOHEMIAN RHAPSODY 8 GREEN BOOK 9 DOMINEE TIENIE

10 3 DAYS TO GO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa