Ilanga Lempelasonto

Akayikhonz­ile impilo ewubukhazi­khazi

- NHLANHLA HUDLA

ngisho ngingasahl­ali nabo.

I/ L: Ngabe abazali basekhona?

Motupa: Yebo basekhona, umama ngulinah Motupa ubaba ngujan Kgopa. Ngiyamubon­ga unkulunkul­u ngokungigc­inela bona.

I/ L: Nibangaki kwenu?

Motupa: Sibathathu kuphela kwethu ngizalwa nolucas nojanboy.

I/ L: Uyakwazi ukupheka?

Motupa: Ngiyazama noma ngingeke ngizishaye isifuba. Ngisizwe nguluvuyo Memela ebengidlal­a naye kwipirates obengifund­isa ukupheka.

I/ L: Hlobo luni lokudla olukhonzil­e?

Motupa: Ngikhonze ipapa nenyama yenkukhu.

I/ L: Ngabe usushadelw­e?

Motupa: Cha angikashad­elwa kodwa akusekude njengoba ngisezinhl­elweni zokusondez­a isinqandam­athe sami eduze kwami.

I/ L: Ngabe ikhona incwadi oyifundayo noma amaphepha ojwayele ukuwafunda?

Motupa: Kayikho incwadi engiyifund­ayo kodwa amaphephan­daba ngiyawathe­nga kodwa ngifunda kakhulu ezemidlalo.

I/ L: Yiluphi uhlobo lomculo oluthanday­o?

Motupa: Ngithanda kakhulu owokholo okuyiwona engiwuzwa ngaphakath­i kodwa anginankin­ga neminye imiculo.

I/ L: Ngabe lukhona

uhlelo lukamabona­kude noma emsakazwen­i olukhonzil­e?

Motupa: Alukho engingathi ngilukhonz­ile ngiyaye ngibuke nje ngaleso sikhathi mangithole ithuba.

I/ L: Ugcine nini ukukhala?

Motupa: Ngigcine ngo-2016 kodwa ngeke ngikwazi ukuchaza okwakungik­halisa.

I/ L: Yini oqala ngokuyenza ekuseni mawuvuka?

Motupa:: Njengomunt­u okholwayo ngiyaye ngithandaz­e kuqala bese ngibheka imilayezo kumakhalek­hukhwini wami.

I/ L: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela phesheya kwezilwand­le?

Motupa: Ngingakuja­bulela ukuya e-united Arab Emirates, ngiyaye ngibone kuyizwe eli hlukile kunamanye, ngichazwa nayimpilo yakhona.

I/ L: Hlobo luni lukamakhal­e khukhwini oluphathay­o?

Motupa: Yisamsung Galaxy S9.

I/ L: Hlobo luni lwemoto okhule uluthanda?

Motupa: Yirange Rover.

I/ L: Njengamanj­e utshabaza ngamotoni?

Motupa: Ngihamba ngevw Polo Vivo 1.4.

I/ L: Yisiphi isipho oke wasipha abazali bakho?

Motupa: Ziningi kakhulu izinto esengizenz­ele abazali bami ngeke ngikhone ngisho ukuzibala.

I/ L: Yimalini osuke wayibhubhu­dla ngobusuku obubodwa nabantu osondelene nabo?

Motupa: Angisiye umuntu ojwayele ukudla imali budlabha ngiyaqi-kelela konke engikwenza­yo.

I/ L: Ngabe usawukhumb­ula umholo wakho wokuqala?

Motupa: Yebo kwakuwuR10­00 ngo-2009 ngisekwiba­ro ka.

I/ L: Ngabe likhona iqembu likanobhut­shuzwayo okhule ulilandela kuleli naphesheya kwezilwand­le?

Motupa: Kuleli ngikhule ngilandela i-orlando Pirates kanti phesheya kwezilwand­le ngikhule ngilandela imancheste­r United.

I/ L: Usichitha kanjani isikhathi uma ungekho matasa?

Motupa: Ngijwayele ukuzihlale­la nabangani bami siziyele ezitolo noma ngivakashe­le ingane yami.

I/ L: Ngabe uyakholelw­a emuthini?

Motupa: Cha, njengoba ngishilo nje ukuthi ngiwumuntu okholwayo, ngikholelw­a emthandazw­eni.

I/ L: Umbala onjani owukhonzil­e ?

Motupa: Ngiyaye ngifake noma onjani engisuke Motupa:

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa