Unqunyelwe ugwayi katiki umqeqeshi
Izikhulu zefree State Stars seziqalile ukuxoxa nabanye
UNQUNYELWE ugwayi katiki unikola Kavazovic ongumqeqeshi wefree State Stars esengcupheni yokugencwa yizembe. Ibloemfontein Celtic izobhekana nefree State Stars kowe-absa Premiership namuhla ngesonto ngo-15h30 edr Molemela Stadium, efree State.
Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola kwazise la makilabhu angomkhaya. Nokho womabili abhekene nezinkinga ezingase zithikameze ikusasa lawo kulesi sigaba. Iceltic ziyihambela kahle izinto ensimini kodwa inenkinga yemali njengoba abadlali bebuye bangaholelwa. Isifakwe endalini.
Ifree State yona kuyihambela kahle emalini inkinga wukuthi ibhinjelwa yizinto ensimini njengoba ibalwa namakilabhu asengcupheni yokugencwa yizembe.
Leli phephandaba lithole ukuthi ifree State inqumele ugwayi katiki ukavazovic ukuba aguqule izinto ngokushesha kungenjalo izinyawo zizogcwala udaka.
Kuvela ukuthi isiqalile ukuxoxa nabaqeqeshi abathile abazovala isikhala salo mqeqeshi uma kungukuthi uyahluleka wukuguqula izinto. Leli phephandaba lishayela uransie Mokoena imenenja jikelele yefree State ngalolu daba, uthe abazukutatazela ngoba banethemba lokuthi umqeqeshi wabo uzoziguqula izinto.
“Sikhathazekile ngesimo sekilabhu, le ndawo ekuyona ayisijabulisi neze. Kodwa-ke ngeke sijahe ngokubheka umqeqeshi ngoba sinethemba lokuthi sizosuka kule ndawo esikuyona.
“Kuzofanele siqale ukuguqula izinto ngalo mdlalo weceltic. Ngeke kube ngumdlalo olula kodwa sizokwenza ngakho konke okusemandleni ukuthi siyawunqoba,” kusho umokoena.
Ulehlohonolo Seema ololonga iceltic, uthi nakuba behaqwe yizinkinga kodwa banethemba lokuthi bazoqhubeka nokunqoba imidlalo.
“Siyakuqonda ukuthi basendaweni embi kodwa lokho akusho ukuthi kufanele sibathathe kancane. Sizobanika indawo yabo, yikona nje ukuthi ngeke size sibe nazwelo ngoba bengomkhaya, sizowunqoba lo mdlalo ngoba kwathina sinezinjongo ezithile,” kusho useema.
Komunye umdlalo we-absa Premiership, iblack Leopards izobhekana nehighlands Park namuhla ngesonto ngo-15h30 ethohoyandou Stadium, elimpopo.