Ilanga Lempelasonto

Kuyishwa okwenzeka emakilabhi­ni akwazulu-natal

- PHILANI NCALANE

UYISHWA elikhulu ukuthi ikwazulu-natal isimelwe yiLamontvi­lle Golden Arrows kuphela nje vo kwinedbank Cup obekuqhath­wa amakilabhu azodlala kuma- quarter final ayo ngolwesine kusihlwa egoli.

Phambilini sike sakuveza ukuthi amakilabhu akulesi sifundazwe kufanele azinuke amakhwapha ngendlela akwenqena ngakhona ukulwela izinkomish­i ezidlalelw­a kwipremier Soccer League (PSL).

Amakilabhu akulesi sifundazwe kufanele akukhumbul­e ukuthi yimali yabakhokhi bentela le asizwa ngayo ngokuhlele­lwa IKZN Premier’s Cup okusuke kuhloswe ngayo ukuthi alungisele­le ukuqala kwesizini entsha.

Kasikho-ke isidingo sokuthi uhulumeni athathe imali okufanele isetshenzi­selwe ukuthuthuk­isa ezemidlalo emazingeni aphansi ayitshale emakilabhi­ni amakhulu angakukhat­halele nhlobo ukulethela isifundazw­e izinkomish­i. Akekho umuntu ojabulela ukuthi intela yakhe iphelele ezeni njengoba vele eningi iququdwa yizenzo zenkohlaka­lo okulokhu kubikwe ngazo kwabezinda­ba.

Kayikho incazelo engezwakal­a engachaza ukuthi kungani amakilabhu akulesi sifundazwe ehlulwe yits Galaxy necape Umoya United okungamaki­labhu adlulele esigabeni sama- quarter final enedbank Cup. Igalaxy iyikilabhu entsha esanda kuthengwa ngutim Sukazi obeyimenen­ja yabadlali, kanti icape Umoya ibiyiplati­num Stars egencwe yizembe ngesizini edlule kwi-absa Premiershi­p.

Kuyihlazo ukuthi kunamakila­bhu amakhulu akwazulu-natal asephumile kulo mqhudelwan­o, kodwa lawa adlala kwinationa­l First Division asayibambi­le. Yize sifikisela ngamahloni lesi simo, kodwa kufanele ishayelwe elikhulu ihlombe irichards Bay FC ekhishwe yibloemfon­tein Celtic esigabeni se- last 16.

Ibay isebenzile njengoba ikhiphe ifree State Stars esigabeni se- last 32, ekubeni ibiyizingq­wele zalo mqhudelwan­o. Siyifisela impumelelo i-arrows kulo mqhudelwan­o njengoba sekuyiyona yodwa esithwele amathemba esifundazw­e. Siyakuqaph­ela ukuthi selokhu kuqale inedbank Cup, i-arrows kayikaze ibe nenhlanhla yokutonyul­wa ukudlalela ekhaya, kodwa ibuya nemiphumel­a egculisayo ekuhambeni.

Kumanje inomqansa njengoba itonyulwe ukuvakashe­la iceltic ekuhambeni. Ukuphuma kwe-arrows kulo mqhudelwan­o, kuyobe kusho ukuqhubeka kweshobolo lokuthi amakilabhu esifundazw­e alokhu ebukela awakweziny­e izifundazw­e eshintshan­a ngokuqukul­a izinkomish­i.

Ibaroka iyikilabhu encane futhi engenamlan­do kodwa inenkomish­i yetelkom Knockout ekhabethen­i layo. Icape Town City iyikilabhu esanda kubunjwa kodwa inenkomish­i yetelkom neyemtn8 ekhabethen­i.

Impumelelo yala makilabhu kufanele isuse inkungu ezikhulwin­i zebhola zakwaZulu-natal. Kufanele zipheze ukubiza abezindaba njalo ngokuqala kwesizini zizodalula ukuthi zihlose ukuqeda kwitop 8 nokwenza kahle emiqhudelw­aneni yemikhumul­ajezi, kodwa zingaphume­li obala ngokuthi zifuna ukunqoba izinkomish­i.

I-arrows nakwimulti­choice Diski Challenge yiyona ekhombisay­o ukuthi kukhona isifundazw­e okuthiwa yikwazulu-natal njengoba isiwunqobe kabili lo mqhudelwan­o. Yiyona futhi le kilabhu kamato Madlala egcine ukunqobela isifundazw­e inkomishi emqoka ngemtn8 ngo-2009.

philanin@ilanganews.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa